UMdu wakhomba umuzi osekupheleni komgwaqo omncane elokishini laseChesterville. Kwakukhona umama okhulile owayegqoke umfaniswano wesonto esangweni.

“Paka imoto onqenqemeni lomgwaqo,” kwasho uMdu.

Umuzi esapaka kuwo wawubukeka unakekelwa – upende ezindongeni kungathi musha, utshani bugundiwe, izimbali ziqhakazile. Ingqondo yami yehluleka ukuhlanganisa ubundlavini baPadlock nomuzi ohloniphekile kanjena kanye nomama olindele ukuya esontweni.

Ngazizwa ngiphunyuka ngithi, “Ikubo kaPadlock la?”

“Yebo,” kwaphendula uMdu. “Umama wakhe lo.”

Umama kaPadlock wasibuka ngeso elinokusixwaya kanye nokusola.

“Ninjani, Ma?” kwasho uMdu, egobise ikhanda kancane. “Ngabe ukhona uPadlock?”

“Sawubona, Mduduzi. Unjani?” kwasho umama kaPadlock.

“Ngiyaphila, Ma.”

“Yebo, uSiyabonga ukhona endlini.” Waphenduka wabuka mina wathi, “Ubani lo ohamba naye?”

“Lona umngani wethu, uSphamandla.”

“Naye uwuhlupho njengawe noSiyabonga?”

“Asisahluphi manje, Ma,” kwasho uMdu.

“Wemame! Ngiyokukholwa lokho mhlazane ngabona wena noSiyabonga ningena esontweni.” Kwaba sengathi amehlo asibuka ngawo abona ingaphakathi lethu. Wanikina ikhanda wathi, “Sengimdala kabi ukuthi ngingajima izinkantolo namajele mina. Imali engangiyongile impilo yami yonke yamosheka ngesikhathi ngikhokhela ibheyili kaSiyabonga. Uzozibonela manje uma ephindela empilweni yobugebengu. Ngikhathele uyena manje!”

Kwaqhamuka itekisi eligcwele abanye omama abagqoke imifaniswano wesonto, wangena.

Zonke izenzo zikaMdu noPadlock zanyuka isivinini emuva kokuhamba kwetekisi. UPadlock wasiholela egaraji lapho kwakukhona iveni empunga ngombala ewuhlobo lwe-double cab. Wakhipha imifaniswano yokusebenza ebhalwe ukuthi ‘Ugu District Municipality’. Sayigqoka ngaphezulu kwezingubo imifaniswano. Imina owayeshaya i-double cab. UMdu wayehlezi eceleni kwami, uPadlock ehlezi enabile esihlalweni sangemuva. Sawadla ngokushesha amakhilomitha.

“Nyathela imoto, wena! Shesha!” ngezwa kumemeza uPadlock.

“Cha, ungake ulinge ukwenze lokho, Spha!” kwasho uMdu. “Ungadluli kwi-speed limit. Siphethe izibhamu nama-gloves la emotweni. Ngeke kulunge ukuthi simiswe amaphoyisa. Ithikithi lokweqa isivinini lingenza ukuba amaphoyisa apequlule imoto.”

“Ukuthi umuntu wethu ongaphakathi uthumele imiyalezo eminingi ebuza ukuthi sikuphi,” kwasho uPadlock.

“Uthini, Padlock?” kwabuza uMdu ngezwi elivevezela intukuthelo. “Uthini?”

“Uyabuza ukuthi sikuphi,” kwasho uPadlock.

“Uchaza ukuthini?” kwasho uMdu izwi lakhe linyuka.

“Kade engithintile ebu-”

“Padlock, uchaza ukuthi njengoba sihamba nawe wena uphethe ifoni? Usho ukuthi njengamanje uxhumana nomuntu ongaphakathi lapho siyobamba khona inkunzi?”

“Sho.”

“Misa imoto, Spha!” kwasho uMdu.

Sasisebhulohweni lasemfuleni waseMkhomazi. Ngabamba amabhuleki, ngamisa imoto kulayini ophuzi. Umfula uMkhomazi wawugeleza ngamandla, unsundu ngenxa yezimvula ezinzima azazikade zinethile. Impama uMdu aqhasabula ngayo uPadlock ngayizwa iduma ngaphezulu komsindo wokugeleza komfula.

“Wenzani, Mdu? Ungishayelani ngempama?” kwamemeza uPadlock emangele.

“Wena mfundamakhwela uzosibophisa!”

UPadlock wayedumile ngokuba inswelaboya enesihluku kodwa ngabona ukwesaba kuphela emhlweni akhe ngesikhathi ngibamba uMdu ngimsusa kuyena.

“Kodwa ubuphukuphuku obungaka obani, Padlock?” uMdu wayevevezela umzimba wonke. “Uyazi ukuthi abaphenyi becala esizolenza bazoqala ukuphenya ama-cell phone abobonke abasebenzi balapho esizobamba khona inkunzi? Uyiphatha kanjani ifoni ngikuchazele kahle ukuthi asiwaphathi amafoni?”

“Bengizoyicima uma sesizofika ePort Shepstone,” kwasho uPadlock edonsa amafinyila.

“Letha la leyofoni!”

UPadlock wanika uMdu ifoni. UMdu wehlisa iwindi wayijikijela emfuleni ogeleza ngamandla.

***

Sitshele umbono wakho: Kuyakumangaza ukuthi isigebengu esifana noPadlock sinomzali ongawuphuli umthetho futhi ohamba isonto? Uma eboshwa manje uPadlock kumele enzenjani unina?