Ngangigqolozele ubuso bami esibukweni sasendlini yangasese emzini wethu we RDP eMlazi. Inhliziyo yayishaya ngamandla angahlelekile. Ngezwa sengathi kukhona isigubhu esiduma ngaphakathi ekhanda. Ngazibuka isifuba ngabona inhliziyo ibhakuza ngaphansi kwesikhumba phakathi kwezimbambo. Kwaba sengathi inhliziyo ifuna ukudlubulundela kuzona izimbambo iphume ibaleke. Ngadonsa umoya, ngazibhunyela ngamanzi abandayo ebusweni.

Umakhalekhukhwini wami wawukhala ungayeki. Ngangingadingi ukuwubona ukuze ngazi ukuthi uMdu lona owayengifonela. Ngangazi kahle kamhlophe ukuthi yini ayezoyisho uMdu uma ngiphendula ucingo. Wayezothi, “Isona isikhathi sokuhamba manje, Spha! Isona isikhathi sokulanda imali!”

UMdu wayengiphoqile ukuba ngibe mdibi munye naye nomunye umngani wakhe, uPadlock, ukuze sibambe inkunzi endaweni ethengisa usikilidi edolobheni lasePort Shepstone. Ngaluziba ucingo lwakhe ngoba ngangingafuni ukuhamba. Umoya oseduzane nami ngawuzwa ungisinda sengathi kukhona okunzima okuthwele. Ngahlala phansi kwi-toilet seat evaliwe. Umjuluko osuka ebusweni, emqaleni kanye nasemahlombe waconsela phansi kukhonkolo.

Ngazizwa ngikhuluma ngedwa ngithi, “Ehlisa umoya. Mtshele uMdu ukuthi awufuni ukuhamba.”

Ukukhala kwamakhalekhukhwini kwangithusa. Ngawubuka ngabona ukuthi uMdu futhi. Umunwe wasondela ngokushesha enkinobheni yokucima umakhalekhukhwini kodwa ingane yami, u-Owethu, wahayiza. Ukuhayiza kwakhe kwadlula esicabheni, kwamisa umunwe wami emoyeni ungakawucimi umakhalekhukhwini. U-Owethu wayenezinyanga eziyisithupha. Futhi ngalelolanga ukukhala kwakhe kwakugcwele umunyu owenza inhliziyo yami yaphuka iphindelela kaningi.

“Spha! Spha!” kwamemeza intombi yami, uLinda, ngaphezulu kokukhala kuka- Owethu.

Ngabamba ikhanda ngezandla kodwa lashibilika ladlula phakathi kwezintende zezandla kanye neminwe ngoba ngangijuluke kakhulu.

“Spha phuma lapho!” kwamemeza uLinda. “Phuma lapho njengamanje!”

Ngezwa umthandazo osheshayo uqathaka sakuhleba olimini. “Ngicela lolucingo lukhale. Ngicela lukhale kodwa kungabi uMdu. Ngicela lukhale kodwa kube umuntu ongiboleka imali ukuze ngithengele ingane yami ukudla.”

Kodwa ngabona igama likaMdu likhanya kumakhalekhukhwini.

“Spha!” kwamemeza uLinda.

Ngavula isicabha ngabona uLinda ephethe u-Owethu. Bobabili babechichima umjuluko ebusweni ngexa yokushisa. Amehlo kaLinda ayegwele ukufuna ukwazi okuhlangene nokukhononda.

“Ubani okade efona?” kwasho uLinda ngezwi eligcwele ukuthemba nokusokola kanyekanye. “Bekungumngani wakho? Uthi uzokuboleka imali?”

“Cha, akuyena. Ubengakafoni lowo futhi akaluphenduli ucingo lwami. Sengize ngaphelelwa i-airtime.”

“Mhlawumbe uzobuye akufonele,” kwasho uLinda eshushuzela u-Owethu. “Kodwa kuzosiza ngani ukufona kwakhe later ngoba u-Owethu ulambe manje? Spha, kuzula ikhanda manje! Ingane yethu igcine ukudla izolo ebusuku. Phuma endlini ubone ukuthi yini ongayizama!”

“Ngade ngigqigqa ngizama, Linda. UMusa akafuni nokukhuluma nami. Kushaya umoya emakhabetheni asesitolo sakhe futhi sisamukweleta imali yenyanga edlule. UMusa ufuna imali yakhe, Linda.”

“Muzame futhi umngani wakho ocingweni.”

“Ngikutshelile nje ukuthi anginayo i-airtime.”

“Ngizoboleka i-airtime ocingweni lami. Ngicabanga ukuthi ngizokwazi ukuthola u-five rand,” kwasho uLinda.

***

Sitshele umbono wakho: Isiphi useluleko ongasinika uSpha noLinda kulesisimo ababhekene naso?