Ngamxoxela uMpilo konke okwenzeka ngesikhathi sibamba inkunzi. ULinda waphakamisa ikhanda lakhe esifubeni sami, wahlala embhedeni wangibuka ngqo emehlweni ngesikhathi ngichazela uMpilo konke okwenzeka. Ngabona ubuso bukaLinda bushintshashintsha njengoba ngangichazela uMpilo ngesihluku esabhekana naso sesibaleka emuva kokubamba inkunzi, nokushona kukaPadlock noMdu. Kwakusengathi lendaba uyizwa okokuqala uLinda ngendlela ayewahlahle ngayo amehlo. Wayesehlengezela izinyembezi ngesikhathi ngiqeda ukuxoxa.

“Kanti izinto zenzeka kanjalo?” kwabuza uMpilo.

“Ngangizohamba naye uMdu kodwa ngangingeke ngisakwazi ngoba wayeseshonile, Mpilo. Empeleni ngangibaleka naye ngifuna ukumtholela usizo lwasesibhedlela ngoba wayelimele kakhulu. Kodwa wavele washonela khona lapho ngisazama ukumfaka emotweni esasizobaleka ngayo kanti futhi phela amaphoyisa ayesezithendeni zethu. Kwasekukhona nendiza enophephela emhlane eyayisondela.”

Wathula isikhashana uMpilo. Ngezwa ephefumulela phezulu. Kwathi lapho eqala ukukhuluma futhi ngezwa ukuthi izwi lakhe ligcwele umunyu, liyavevezela sengathi izinyembezi ziseduze.

“Ngiyakuzwa,” kwasho uMpilo. “Kodwa kunalendaba yemali. Wakwazi ukubaleka nayo imali?”

Ngaphendula ngokuthi, “Yebo, ikhona imali engakwazi ukubaleka nayo.”

“Kungcono ngoba manje sengiyazi ukuthi kwenzekani kuze kushone umfowethu,” kwasho uMpilo. “Awuthi ngikufundise-ke, Spha. Esimweni esifana nalesi ozithola ukuso awuvele unyamalale nje. Umthetho wakhona bekufanele uye emndenini yalabo abashonile ubachazele ngakho konke okwenzekile. Uma kuwukuthi ikhona nemali etholakele kuleyo nkunzi ebekade niyibamba kufanele unikeze imindeni yalabo abashonile okuthize. Kufanele wenze ngalendlela engiyichazayo ngoba uma ungenzi kanjena kubukeka sengathi ubadayisile abantu obukade uhamba nabo, waphinde wababulala.”

“Bengingazi. Kodwa njengoba bengichazile, ngazithola ngingena kulesimo ngephutha. Empeleni angisona isigebengu manje angiyazi imithetho ekufanele ngihambe ngayo.”

“Ngiyakuzwa. Ngiyabona,” kwasho uMpilo.

“Kunjani ukushisa okuqhamuka emaphoyiseni? Aseke afika lapho, Mpilo?”

“Afikile. Kodwa ungakhathazeki ngoba awakwazi ukuthi wena ungubani futhi ohlalaphi.”

“Ngicela ungithumele iminingwane yakho yasebhange ukuze ngithumele imali kaMdu. Mhlawumbe ungitholele nemininingwane yebhange kamama kaPadlock. Kodwa futhi ngingayithumela kuwena nayo imali kaPadlock kube nguwe ongihambisela yona ku-”

“Cha, akwenziwa kanjalo,” kwasho uMpilo. “Esimweni esinjena kufanele sibonane emehlweni. Lalela ngikuchazele, Spha. UMdu noPadlock banabafowabo kanye nabangani abayizigebengu. Angeke bakukholwe ozokusho uma bengatshelwa yimina. Kodwa mina ukuze ngibatshele kufanele ngikubuke emehlweni ngesikhathi ungichazela ebusweni. Uyangithola?”

“Yebo, ngiyakuzwa Mpilo. Manje singahlangani kuphi futhi nini?”

“Ngithinte kusasa mayelana nendaba yokuhlangana,” kwasho uMpilo.

“Kulungile kodwa ngicela kube indawo ezokhethwa imina ngoba angikhululeki ngokubonakala kulezinsuku.”

“Ayikho inkinga ngalokho. Wena ngithinte kusasa.”

Ngangena kuFacebook emuva kokuba uLinda ezumekile esifubeni sami. Ngazizwa ngibakhumbula abangani bami baseMlazi. Ngababheka kuFacebook. Abaningi kwasekuphele izinsukwana bagcina ukungena khona. Umakhelwane wethu wasendaweni, uMusa, kuphela owayenamahora ambalwa egcinile ukungena kuFacebook. Ngamthumelela umlayezo omfishane.

‘Howzit? Imina. Ngiyaphila. Ngizokubona maduze.’

Ngathumelela uMusa nenombolo yami entsha yocingo.

ULinda wangivusa ngendluzula emuva kwamahora amathathu. Ukwesaba kwakhukhazimula emehlweni akhe.

“Kwenzenjani, sthandwa sami,” ngabuza ngokwethuka, ngasukuma embhedeni.

Ngaqalaza ngabona ukuthi wayesepakishile zonke izingubo zethu ezikhwameni. Wayesegqokele ukuhamba. U-Owethu wayembophele esihlalweni se-pram.

“Kukhona into engangikhululi emphefumlweni ngayo yonke lento, Spha! Kufanele sihambe kulendawo njengamanje!” washo ehlahle amehlo.

***

Sitshele umbono wakho: Uyavumelana noLinda – ukuthi akufanele bamthembe uMpilo?