Endabeni emnandi esihloko sithi Mhlazane Sibamba Inkunzi, abalingisi abahluphekayo uSpha nentombi yakhe, uLinda, babaleka nemali eningi emuva kokuba uSpha edlale indima ekubambeni inkunzi lapho kwashona khona abantu ayehamba nabo. Kodwa ngokuphazima kweso kuyacaca ukuthi ziningi izinkinga ezilandela imali yobugebengu. Ngabe kufanele bahleze bebaleka bejeqeza emuva izimpilo zabo zonke? Ngabe bazokwazi ukuphunyuka emaphoyiseni? Ngabe bazokwazi ukubalekela izigebengu ezifuna ingxenye yalemali yenkunzi? Noma kufanele bayibuyisele emuva lemali, bathole enye indlela yokuziphilisa?
This story is also available in English: Heist #2
This story also forms part of our Rights 2.0 – Bridging Divides project. Find out more here