Kuqhamuka udokotela. Basukuma bonke ngokushesha ngethemba lezindaba ezinoju.

“Udlulile esigabeni esinzima, yena uzophila. Sikwazile ukukhipha uphoyizeni ngaphambi kokuthi udale ukopha ukuningi ngaphakathi. Kodwa sisazomgcina izinsukwana ukuze simxilonge kahle,” kusho udokotela.

USbongile ulanda uBhekani esibhedlela emuva kwezinsuku ezintathu. Nokho yena uBhekani useluleme. Uyamangala uma efika ekhaya athole ukuthi zonke izimpahla ezazithathwe uBra Shakes sezibuyile.

Uphendukela kuSbongile. “Zibuye kanjani izimpahla?”

“Hlala phansi, ngane yami, sikhulume,” kusho unina emamatheka.

“Cha, ngifuna ukwazi ukuthi izimpahla nizibuyise kanjani?” kuqhubeka uBhekani.

“Yehlisa umoya, sthandwa sami. Asihlale phansi sikhulume,” kusho uSbongile.

Unina umbamba isandla. “Mfana wami, ngifuna wazi ukuthi ngiyakuthanda kakhulu. Njengoba ubona izimpahla zibuyile sihlanganisile sinomakoti nodadewenu sayikhokha imali ebishoda kumashonisa, wasinika izimpahla. Mina ngithathe emalini ebengiyibeka kuyona lemali ongithumelela yona, imali ekade ngiyibekela izikhathi ezinzima. Asikho isikhathe esinzima esidlula lesi. Cishe ngalahlekelwa nguwena, ngane yami. Ngiyaxolisa kakhulu ngokukucela imali uze ungene komashonisa,” kuxolisa unina esula izinyembezi.

“Nami bhuti ngiyaxolisa ngokuba umthwalo kuwena ngihlezi ngikucela imali noma ungenayo,” kusho uKhethiwe. Uphendukela kuSbongile. “Nawe Sbongile ngiyaxolisa ngokukusola ngokuthi uwena odla imali kabhuti ekubeni kuyithi esiyidlayo. Ngicela ungixolele.”

Uvuma ngekhanda uSbongile, bangane noKhethiwe.

“Mntanami ngiyathembisa ukuthi sizophila ngalokho osipha khona ukuze sithenge ukudla, kodwa okunye nathi sizopatanisa,” kusho unina.

“Nami bhuti ngikhethe ukubuyela esikoleni ukuze ngifunde ngisebenze, ngikwazi nami ukulekelela ekhaya,” kusho uKhethiwe.

Uvuma ngekhanda uBhekani. “Ngiyabonga ngamazwi eniwashilo. Ngiyanixolela nonke. Siwumndeni sonke futhi sifuna ngamaphutha.”

“Siyabonga ngane yami ngokusixolela,” kubonga unina.

“Siyabonga kakhulu,” kunezelela uKhethiwe, esondela emanga umfowabo.

“Njengoba ke kuyisikhathi soxolo, nami angithathe lelithuba ngixolise kunkosikazi wami. Sthandwa sami, ngiyavuma ngikonile. Ngizephulile izithembiso zami. Ngakuthembisa ukuthi ngiyokunakekela wena kanye nomndeni wami. Kodwa ngihlulekile, ngiyaxolisa ngokungabi neqiniso kuwena. Ngiyaxolisa ngakho konke okubi engikwenzile kuwena. Ngicela ungixolele sofa silahlane wami,” kusho uBhekani ephulula isandla sika Sbongile.

“Mhla ngivuma ukukushada ngangazi ukuthi umshado angeke ube lula. Yingakho isizulu sithi umendo awuthunyelwa gundane. Okusho ukuthi awukwazi ukubona ukuthi uyohlala kanjani lapho oyoganela khona. Mina ngiyakuthanda. Ngikuthanda namaphutha akho wonke. Safunga sthandwa sami sathi ebuhleni nasebubini. Namuhla yiso isikhathi esasikhuluma ngaso. Ngiyakuxolela ngenhliziyo emhlompe, mnyeni wami. Ngiyakuthanda,” kusho uSbongile emamatheka ebheke uBhekani ngqo emehlweni.

“Ngiyabonga kakhulu themba lami,” kujabula uBhekani ephulula isandla somkakhe.

“Najula kangaka nizosikhalisa manje,” kuncokola uKhethiwe.

Bahleka bonke endlini. Bapheke izibiliboco. Iphunga ulizwa udlula ngomgwaqo. Kuyadliwa, kuyahlekwa, kuncokolwa kwamnandi. UBhekani sengathi uyaphupha ethola ukuphumula kanye nokuthula empilweni yakhe.

Umndeni wakhe awusaceli imali njalo. Ubanika ethe xaxa uma naye emi kahle ephaketheni. UBhekani unaka umuzi wakhe noSbongile. Akasakhunjuzwa nguSbongile ukuthi kufanele anakekele izingane kanye nomuzi wakhe.

Sitshele umbono wakho: Ucabanga ukuthi kwenzekani phakathi kukaSbongile nomndeni kaBhekani ngesikhathi esesibhedlela uBhekani?