Sigubhazela ngamandla isifuba kuBhekani njengoba engena emzini kaBra Shakes, engqongqoza esicabheni. Ukwesaba kugcwele ekhanda njengoba ecabanga ngokungase kwenzeke. Ayiphelele imali kaBra Shakes. USbongile akazi ukuthi ubishe kangakanani ezikweletini. Kulezi zinsuku ezimbalwa uphenduke into naye angayazi. Umndeni wakhe akasawunaki. Emsebenzini uqambe amanga wathi uyagula.

Indoda ehlinayo, eyisidlakela, ivula isicabha. Uyangena uBhekani.

“Bhekani! Ngiyayithanda indoda ezigcinayo izethembiso zayo,” kusho uBra Shakes emamatheka, ephafuza ugwayi.

“Mfowethu-”

Kunyamalala ngokushesha ukumamatheka kuBra Shakes. “Bhekani sengiwumfowenu manje? Ngiyazi kahle lendlela ongibiza ngayo, futhi angiyithandi. Iphi imali yami?”

“Iyona into engilethe lana.”

“Kulungile, azishe! Beka imali etafuleni ubale u R 19 500 ongikweleta wona njengamanje!”

“Ngiyaxolisa, Bra Shakes. Imali ayihlangananga. Imali enginayo njengamanje u R3000 kuphela. Ngicela uthathe yona. Enye ngizoyigcwalisela uma ngihola,” kuncenga uBhekani.

“Ucabanga ukuthi kudlalwa amadayisi lana? Mina ngenza ibhizinisi angisinisi amahleza! Uyakhumbula ukuthi ngathi kwenzekani uma ungayibuyisi imali yami?”

“Yebo …”

Kuhle lokho. Ngizothatha izimpahla zasendlini. Ngizozigcina uzithole mhlazane ukhokha imali yami. Letha okhiye bakho bemoto.”

“Ngobani?”

“Wena uzongena ethilagini nabafana bami. Omunye wabasebenzi bami uyena ozoshayela imoto yakho.”

“Kodwa Bra Shakes asikho isidingo sokwenza kanjena. Uyangazi nje, uyazi ngihlala kuphi nalapho ngisebenza khona. Asikho isidingo sokwenza kanjena. Ngizokukhokhela uma sengiholile.”

Indoda eyisidlakela iphakamisa uBhekani kalula. Ingena emaphaketheni, ibuye nokhiye wemoto. Ezinye izidlakela ezimbili ziqhamuka ekhishini zibambe uBhekani ngapha nangapha – akakwazi ukunyakaza njengoba esondela uBra Shakes.

“Lokhu engikwenzayo ngikwenza ngoba wena ungenza isilima. Akenziwa isilima uBra Shakes.”

Into yokugcina ayibonayo uBhekani ngaphambi kokuba aquleke isibhakela sikaBra Shakes siza kuyena ngezivinini.

UBhekani uvuka ngesikhathi ithilagi ipaka emzini wakhe. Uphakathi kwezidlakela zikaBra Shakes ngaphambili ethilagini. Kukhona enye indoda eshayela imoto yakhe. Kukhona amanye amadoda angemuva ethilagini. Indoda eshayela imoto kaBhekani iciphiza i-remote control ekukhiye wemoto. Akakukholwa lokhu okwenzekayo uBhekani njengoba isango livuleka, kungena ithilagi egcekeni lomuzi wakhe.

USbongile usekhishini, upheka ukudla kwakusihlwa. Uyamangala ezwa umsindo wokuduma kwethilagi kugcwala igceke. Kuphuma uBhekani ethilagini elandelwa izidlakela zikaBra Shakes. Kuchitheka ibhodwe elinokudla akuphekayo uSbongile uma ebona uBhekani egxiza igazi emakhaleni.

“Bhekani ulinyazwe yini? Obani laba ohamba nabo?” kubuza uSbongile emangele.

Ngenhlanhla izingane azikho, ziye emcimbini womunye uzakwabo ogubha usuku lokuzalwa.

“Ngiyaxolisa Sbongile,” kusho uBhekani, ezama ukusula igazi ekhaleni.

“Bhekani uxoliselani?”

Kuthi esabuza lowombuzo uSbongile baqale benze umsebenzi abafana baBra Shakes. Baqubula izimpahla endlini.

“Ngicela ungixolele,” kuqhubeka uBhekani.

“Bhekani! Kungani labantu bethatha izimpahla zethu?”

Du, akaphenduli uBhekani – uhlome ikhanda phansi. Ukuzisola kubhalwe emehlweni njengoba ejeqeza abantu bethatha o-sofa, umabonakude kanye tefula.

“Yeyi wena shiya o-sofa bami!” kusho uSbongile ezama ukushaya omunye wabafana ngemfaduko.

“We mama suka endleleni! Uzolimala!”

“Sbongile bayeke bathate. Bayingozi labantu,” kukhala uBhekani encika ngodonga bese ehla kancane eyohlala phansi.

Ushaqekile uSbongile ebuka abantu belayisha ethilagini izimpahla asebenze kanzima ukuze azithenge. UBhekani uwumfunzana phansi, ubuso bugeleza izinyembezi. Ulokhu ebuka ndawonye phansi.

“Chaza Bhekani! Chaza njengamanje! Kwenzekani emzini wethu?” kusho uSbongile.

“Ngiyaxolisa, nkosikazi. Ngixolele.”

“Angifune xolo lwakho mina! Ngifuna ungichazele ukuthi mhlola muni lona osanda kwenzeka lana?” kuthetha uSbongile.

“Ngaboleka imali kuBra Shakes ngoba ngifuna ukufeza izidingo zasekhaya futhi nginike wena imali yokuthenga o-sofa. Manje angisakwazi ukuyikhokha imali. Yingakho uBra Shakes ethumele abantu bakhe bathatha izimpahla zethu. Kodwa zizobuya uma sengiyikhokhile imali.”

USbongile ubuka indoda yakhe ibakaza iwumfunzana phansi, yopha ngamakhala.

“Kodwa ungayenza kanjani lento emndenini wethu, Bhekani?” ubuza sakuhleba uSbongile, amehlo ecweba izinyembezi.

Sitshele umbono wakho: Kufanele athathe siphi isinyathelo manje uSbongile?