UBhekani uyaba kahle imali ayithola kuBra Shakes. Uthumela u R 3000 kunina. Unika uSbongile u R 10 000 ukuze akhokhe i-deposit yokuthenga o-sofa. Uthengela izingane izingubo ezimbalwa zasebusika, asale no R 1000 wokufaka uphethiloli. Uthola ithuba lokuphefumula emuva kokwenza konke lokhu – into akade ayigcina.

Kuphela izinsukwana engekho umuntu omucela imali. Uyamamtheka njengoba begonene noSbongile embhedeni.

“Ngiyabonga, Bhekani. Bahle o-sofa, sthandwa sami. Bayisikhumba sangempela. Uzobabona uma sebelethwa kusasa ukuthi bahle kanjani. Kuyangijabulisa ukuthi kukhona nawe okwenzile lapha ekhaya kulenyanga. Lokho kungikhombisa ukuthi sibambisene emshadweni wethu,” kusho uSbongile encike esifubeni sika Bhekani.

“Ungangibongi ngoba lokhu engikwenzile kungumsebenzi wami njengobaba wekhaya. Kufanele ngabe ngenza okungaphezulu kwalokhu, kodwa mina ngiyehlukela. Ngiyaxolisa ngokungabi indoda ekufanele ngabe ngiyiyo kuwena nezingane zami,” kusho uBhekani.

“Kancane kancane, sithandwa sami, kuyoze kulunge.”

“Ngiyabonga ngokungibekezelela.”

“Ngenyanga ezayo njalo kufanele uthengele izingane ezinye izingubo ungisize nasekuthengeni ukudla. Ngifuna ukugcwalisela emalini esizoyikhokha inyanga nenyanga ko-sofa ukuze sisheshe siyiqede imali yakhona. Ngizocela sibambisane.”

“Ngizoyidlala indima yami, sthandwa sami. Ungakhathazeki.”

“Abantwana bajabule kabi njengoba uhambe nabo niyothenga izimpahla. Bayasithokozela isikhathi abasichitha nawe. Ngicela uqhubeke kanjalo, ngoba bayakuthanda,” kusho uSbongile ephakamisa ikhanda.

“Ngiyathembisa ukuthi ngizoba khona manje la ekhaya, ngidlale indima yami ezimpilweni zezingane zami,” kusho uBhekani ephulula izinwele zikaSbongile.

Idlula ngokuphazima kweso impelasonto. Namuhla nguMsombuluko, uBhekani kufanele aqale apaquze imali yokukhokhela uBra Shakes ngoLwesihlanu. Uhlele ukuboleka kubalingani bakhe ababili asebenza nabo, kanye nakubangani abane ayefunda nabo enyuvesi.

Uma bonke benganginika u R 2 500, uzohlangana u R 15 000. Mina ngizobakhokhela uma sengiholile, kucabanga uBhekani. Uyakhululeka njengoba ecabanga lokhu. Kodwa kuthi uma epaka imoto esikoleni lumuthi heqe uvalo: ukhumbula manje ukuthi imali kaBra Shakes kufanele ibuye nenzalo ka 30 %!

“Eish Eish Eish! Kambe u 30% ka R 15 000 u R4500! Kufanele ngikhokhe u R19 500 wonke? Imali engaka ngizoyithathaphi kodwa?” Umemeza ethwala izandla ekhanda.

UBhekani ehlezi emotweni yakhe, udla amathambo engqondo. Udonsa ifoni, abheke umuntu ongamboleka u R 4500. Ubheka wonke amagama, agcine ebonile ukuthi akekho umuntu ongamboleka lemali.

Ingqondo yakhe ayikho ezifundweni azifundisayo namhlanje ekuseni. Ngesikhathi sekhefu uthatha ukudla kwakhe, aqonde ekilasini likaZungu.

“Wangaswabuluka nje, Bhekani? Ikhuphi inkinga yakho?” kubuza uZungu.

“Ngiyagwiliza, mfwethu. Ngimuka nomfula, ndoda, akukho ngisho igatsha lesihlahla engingabambelela kulo. Ngizama ukubambelela kunoma yini kodwa ngithola utshani obumanzi obushibilikayo. Uma ngizama ukubambelela kubona utshani buvele busiphuke,” kusho uBhekani enikina ikhanda.

“Kubi ngaleyo ndlela?” kubuzisisa uZungu.

“Kuyabhimba impela, mfwethu.”

“Ingabe umshado wakho usengcupheni? Wenzeni? Ugangile wabanjwa?”

“Cha, akunjalo. Akusiyo lento oyicabangayo.”

“Uma unkosikazi ejabule ngabe pho uhlushwa yini?”

“Ngidinga imali kabi kabi.”

“Kahle bo wena, kade sihola nje zolo lokhu wena eyakho isiphelile njalo?”

“Ngidinga u R15 000 kungakashayi uLwesihlanu.”

“Imali engaka?” kubabaza uZungu.

“Ngicela ungiboleke phela, mfwethu. Uzoyithola uma sihola,” kuncenga uBhekani.

“Ngabe kungcono ukube wangitshela ngoLwesihlanu, ngaphambi kokuba ngiyivalele kwi – 32 day notice account ukuze nami ngingayibhubhudli,” kusho uZungu.

“Le oyiwine e-Worldbet yona?”

“Nayo ngiyifake ebhange. Kufanele ngilinde izinsuku ezingu 32 ngaphambi kokuba ngikwazi ukuyikhipha.”

“Ngiyakuzwa, mfwethu,” kusho uBhekani ephulula ikhanda, ebheka phansi.

UBhekani akayitholi imali kubo bonke abantu abacelayo. Ulala engalele eguquka embhedeni njengoba izinsuku ziqhubeka. NgoLwesithathu nangoLwesine akulaleki – uhlala ubusuku bonke ebuka umabonakude.

NgoLwesihlanu ekuseni uSbongile uxoxa noNobuhle esikoleni.

“Umyeni wami ungishintshele kulezi zinsuku. Ngiyasola ukuthi useqonyiwe,” kusho uSbongile.

“Yini ekwenza ucabange kanjalo, mngani?” kubuza uNobuhle.

“Uyathula nje. Akangikhulumisi, futhi nezingane akazikhulumisi. Ebusuku uvuka ayolala kusofa.”

“Manje ucabanga ukuthi uqonyiwe?”

“Yini okunye okungamenza aziphathe kanjena?”

“Kodwa ukuqonywaa akuyona neze into efana noBhekani. Kungenzeka ukuthi unenkinga kodwa uyasaba ukukhuluma nawe ngayo. Zama ukuhlala phansi naye umuzwe ukuthi inkinga yakhe ikhuphi ngempela. Kungenzeka umangale, kube enye into,” kusho uNobuhle.

Ngaso leso sikhathi uSbongile ekhuluma noNobuhle, uBhekani yena umile esicabheni se-pawn shop ePinetown. Ifoni ayiphethe esandleni wayinthenga ngo R 12 000 ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.

“Mhlawumbe ngizowuthola noma uR6000 ngalefoni. Uma nginika uBra Shakes uR6000 noma kanjani angeke athathe izimpahla zasendlini,” kusho uBhekani ebukisisa ifoni yakhe.

Ungena e-pawn shop, abakhombise ifoni. Umnikazi we-pawn shop uyayibukisisa ifoni, athi, “Yona isesimweni esikahle ifoni yakho. Ngingakunika uR2 500 ngayo.”

Kuxega amadolo kuBhekani. Uyalizwa izwi lakhe livevezela njengoba ethi, “Kodwa mina ngayithenga ngo R 12 000 nje?”

“R2500. Ngimi lapho.”

“Kulungile, ngizothatha wona lowo R 2 500” kusho uBhekani ngokuphoxeka.

Sitshele umbono wakho: Uyasibona isixazululo senkinga abhekene nayo uBhekani? Kufanele enze njani?