“Kodwa mina angikaze ngiyicabange ngani i-Worldbet?” kusho uBhekani ekhuluma yedwa.

Ubona ukuyogembula kuyiso isisombululo esingamkhipha kulenkinga yemali akuyo.

Uphuma eseshesa uBhekani ekilasini lakhe. Ushaya imoto asuke aqonde ngqo e-Worldbet, edolobheni lase-Pinetown.

UBhekani akakaze agembule empilweni yakhe kodwa ukufunda ngokushesha ngoba kukhona umuntu osebenza kuyona lendawo ofundisa abantu ukuthi kugembulwa kanjani.

Uhlala isikhashana ebukabuka ngoba uqala ngqa ukugembula empilweni yakhe. Uvele azicabange ewina imali eningi. Uyazibona egixabeza uSbongile ngemali yo-sofa ephindaphindiwe. Uyazibona ehamba nomndeni wakhe eGateway Shopping Mall, ekhithiza ingqephu ephezulu. Uyazibona enika umndeni wakhe oseNanda imali eningi kanye nakho konke abakufunayo. Mhlawumbe ngizoke ngithole ukuphumula ngingabaliselwa muntu, kucabanga uBhekani.

Uqala abheje ngo R100 ebholeni, awine uR300. Uyadliwa u R50 awubheje emahhashini. Kuthi esagcwalisa i-betslip ezwe umsindo omkhulu kulelihholo lalapha e-Worldbet. Insizwa esancane idlale ngo R500 emjahweni wamahhashi, yawina uR25 000!

UBhekani uqunga isibindi manje – ubheja ngo R300 ebholeni, abheje ngo R1000 emahhashini. Inhliziyo ibhakuza mawala njengoba ebuka umjaho wamahhashi komunye womabonakude abaningi abasezindongeni. Ihhashi alibhejelile liphuma indawo yesibili. Usudliwe njalo u R 1000 abheje ngawo. Kodwa kuhamba kangcono ebholeni ngoba uwina u R 2500.

UBhekani ufisa ukuwina imali enkulu kanye bese eyahamba. Uyifaka yonke imali ayiwinile emjahweni wamahhashi ngoba iyona ekhipha imali eningi.

Udliwa kabili kulandelana. Kodwa uqunga isibindi, azame futhi. Ujabula kakhulu ngoba emjahweni olandelayo uwina u R27 000! Lemali ingaziqeda zonke izindleko zakhe.

Kodwa inhliziyo engaphandle imucekela phansi. Emizuzwini engamashumi amathathu nje kuphela udliwa yonke imali ayiwinile, agcine esele no R 100 kuphela. Ugembula ngawo u R 100 emahhashini, adliwe.

Kukhona umshini wokukhipha imali khona la phakathi e-Worldbet. Usesele no R500 wokugcina ebhange – imali yemishwalense kanye nomasingcwabisane. Akayithinti nagephutha lemali ngisho kuthiwa sekubheda kanjani – kodwa ukugembula sekumungene ekhanda manje.

Ukhipha wona lo R 500 osele … kodwa nawo uvele udliwe.

Amehlo abomvu tebhu, agcwele ulaka, njengoba ephuma ngendluzula esicabheni sase-Worldbet. Ajeqeza isikhathi. Sekungu 7:57 pm – usegembule amahora amane wonke, wadliwa yonke imali abenayo.

“Demedi!” uthetha eganklaza isicabha semoto yakhe. “Kazi ngona bani emhlabeni? Amabhadi ayangilandela! Kodwa ngizothini nje kuSbongile?”

Ufica uSbongile esiza izingane ngomsebenzi wesikole uma efika ekhaya. Ungena aqonde egumbini lokulala, ageze ngokushesha. Ubukeka engumuntu opholile kodwa ngaphakathi ingqondo iyazulazula. Uyazizwa ukuthi ulambile. Ukhokha umoya, aqonde ekhishini. Uyamangala uma ethola ukuthi awekho amabhodwe esitofini.

“Kukhona i-take away elapho kwi- microwave,” kusho uSbongile.

“Ngiyabonga, sthandwa sami,” kusho uBhekani.

“Buka uholile kodwa uhlulwa ngisho ukufika nopulasiti kwakho,” kusho uSbongile emubheke ngqo emehlweni.

“Angisitholanga isikhathi sokuthenga. Bekugcwele kakhulu nasezindaweni,” kusho uBhekani.

“Iphi imali ebesikhulume ngayo? Ngilinde usuku lonke ukuthi uyithumele kodwa lutho?”

“Sbongile….”

“Ngilalele.”

Ubindekile manje uBhekani, usaba ukukhipha ingonyuluka.

“Imali uzoyithola kusasa. Angikwazanga namhlanje ngoba i-App yasebhange inenkinga. Ngizamile ukuyikhipha ngaphakathi ebhange kodwa olayini kade bebade kakhulu. Ngicela sikhohlwe kancane imali. Sibonge impilo kulezi zikhathi ezinzima esiphila kuzo.”

“Ngikhathele ilento yakho, Bhekani! Njalo wena ubika izaba! Ngikhathele ukuthwala umuzi ngedwa!”

“Shh, yehlisa omoya, sthandwa sami. Uzovusa izingane. Uzoyithola imali kusasa ngiyathembisa,” kusho uBhekani.

“Ngizokholwa uma sengiyibona,” kusho uSbongile ezigoqa ngengubo ku-sofa. Kuyacaca ukuthi akafuni ukulala eduze kukaBhekani namhlanje.

Sitshele umbono wakho: Ukhona umuntu omaziyo, noma ngabe uwena uqobo, owake wangenwa idimoni lokugembula? Uyazi ukuthi ukugembula kugcina kuyibusa impilo yomuntu?