USbongile ulokhu ejeqeza umnyeni wakhe, uBhekani, njengoba ekhumula izicathulo egumbini labo. Uhlinile uSbongile njengoba esukuma agcine ngokuma abambelele eqolo phambi kukaBhekani. Uphefumulela phezulu uBhekani, abeke izandla ebusweni, maqede ahlome ikhanda phansi.

“Bhekani, kufanele uqale unake umuzi wakho njengendoda manje,” kusho uSbongile.

Uvele anikine ikhanda uBhekani. Sekuphele iminyaka eminingi agcina ukuzwa injabulo efika nosuku lokuhola. Inhlansi yenjabulo echichimayo uma umuntu ethola emlayezo ophuma ebhange othi imali isingenile sekuyinto engekho empilweni kaBhekani. Okwakhe kuhlukile ngoba kuthi uma ehola luvele lubuye lonke usizi. Izinkinga zakhe zivele zande mawala ngoba iholo lakhe alikwazi ukunakekela zonke izidingo anazo.

Akakaze acabange ukuthi impilo yakhe ebihamba kamnandi kanjena ingaguquka ibe lukhuni njengetshe. Uvele akhumbule mhlazane eqeda enyuvesi. Ngosuku aqeda ngalo enyuvesi wayethi uphumile enhluphekweni. Wayezitshela ukuthi mhla wathola umsebenzi konke kuzoba uju. Ngempela futhi ekuqaleni impilo kaBhekani yayimnandi njengalo uju. Wathola umsebenzi wobuthisa, waqala wafundisa eSwazini Secondary School, elokishini lakwaSanti.

UBhekani wayeyisebenzisa kahle imali ngesikhathi esaqala ukusebenza. Waqongelela imali wakwazi ukuthenga umuzi elokishini lakwaNdengezi. Wagcagcelwa usukasambe wentombi yakwaNzuza, uSbongile. Baqala umndeni ngokushesha, bathola izingane ezimbili.

“Sbongile, kulula ukuthi wena usho njalo. Angithi kini niyizigwili, ninemali eningi. Mina ngapha kufanele ngondle ekhaya eNanda. Nawe uyazi ukuthi akukho muntu osebenzayo ekhaya,” kusho uBhekani.

“Yilento engikutshela yona, Bhekani. Wena wonke umholo wakho uphelela kumama wakho nezingane zakini! Thina la ekhaya asitholi lutho. Buka osofa baguge kanjani nje. La endlini kuthenga mina kuphela. Wena eyakho imali idliwa abantu bakini bese mina kufanele nginakekele wena.”

“Hawu! Kodwa Sbongile ungayisho kanjani lento oyishoyo? Ungicasukele? Uyangincikiselela yini?”

“Kufanele ngikutshele iqiniso. Kodwa angikuncikiseli futhi angicasukile. Ngithi mina nawe asisizane ekuphatheni ikhaya ngendlela ekahle futhi siphile impilo esezingeni elisifanele. Kufanele sisizane ngokwemali kodwa lokho akwenzeki. Iphelile iminyaka emibili manje kwenzeka lento. Kunzima nakumina uma ngiwubambe ngedwa umuzi,” kusho uSbongile ngezwi eliphansi.

“Uwena ngapha uyangisanganisa ngokukhononda, ngapha umama nodadewethu bangiphambanisa umqondo ngokukhononda. Ngicela ningiyeke umzuzu nje owodwa. Ngicela nje ukuphefumula. Ngicela ukuthula,” kusho uBhekani ezinwaya ekhanda.

“Mnyeni wami, mina angilwi nawe. Engikucelayo nje ukuthi uma uhola kusasa nathi usicabange. Abantwana bagugelwe, badinga izingubo zasebusika. Osofa bavodlokile siphoseka phakathi uma sihlala kubona. Ngicela ukwazi ukusinakekela, ngicela udlale indima yakho njengobaba wekhaya.”

“Hheyi angazi, Sbongile. Ngizozama, kukhona engikucabangayo. Ngizobona.”

“Bhekani wathi awazi? Wanganginika impendulo ecacile nje? Kwangathi awunendaba nje? Usuqonyiwe yini, Bhekani? Ngabe yingakho ungenandaba nomuzi wethu?” kubuza uSbongile ephakamisa amashiya.

“Cha, Sbongile! Ungayicabanga kanjani leyonto?”

“Phela ngeke ngazi. Kufanele ngibuze.”

Usukuma aphume egumbini uSbongile. UBhekani uyezwa kukhala amabhodwe ekhishini – useqala ukulungiselela ukupheka isidlo sakusihlwa uSbongile. Ekugcineni uthola ithuba lokuba yedwa uBhekani. Uthola ithuba lokuphefumula nokuthula.

Kodwa lokho kuthula okwesikhashana ngoba ifoni yakhe iyavevezela ebhulukweni aligqokile. Unina ofonayo.

“Mama unjani? Banjani bonke lapho ekhaya?” kubingelela uBhekani ngezwi elingenawo umdlandla.

“Siyaphila mfana wami. Siyajabula phela ngoba uyahola kusasa. Ukuzala ukuzelula amathambo mntanami. Nganinakekela wena usemncane manje wena usunakekela mina. Impela izandla ziyagezana. Ngiyabonga, ndodana.”

“Ayikho inkinga, Ma. Yebo kunjalo. Ngiyabonga.”

“Asimbonge uMdali, Bhekani. Ngifona nje ngoba udadewenu udinga usizo lwakho. Umfana omzalisile ubalekile manje nawe uyazi ke ukuthi wena njengomfowabo omdala kufanele umnakekele nengane yakhe. Nathi la ekhaya asinakho ukudla. Bengicela ungasikhohlwa uma usuholile.”

“Mama, usho ukuthini uma uthi akukho ukudla? Sekuphelile njalo? Ngesonto eledlule ngifake uR3000! Kanti uyenzeni imali?”

“Bhekani nangu umzala wakho uBuhle efuna ukukhuluma nawe,” kusho unina ngokushesha.

“Sawubona Bhuti Bhekani. Mina bengisacela ungithengele i-laptop. Iyadingeka esikoleni!” Kusho uBuhle.

Kuthi esalalele oyedwa uBhekani kwande ocingweni. Kuyacaca ukuthi unina ulubeke ku-loudspeaker ucingo ngoba odadewabo kanye nezingane zabo bayamemeza besho abakufunayo.

“Mina bhuti ngicela i-weave!”

“Mina ngicela i-calculator!”

“Mina ngicela amateku e-Nike!”

UBhekani ufisa sengathi angavele aluphahlaze odongeni ucingo. Iyona lento emenza angajabuli uma eholile. Uyazi ukuthi angeke akwazi ukunqaba uma abantu bakubo becela.

Ngesikhathi esafunda wafunga wathi umndeni wakhe angeke uhlupheke yena esaphefumula. Kodwa izifungo zakhe zimkhandela umgibe manje. Zimgqiba ephila.

Akakwazi ukuzixolela uma kwenzeka enqabile kubantu bakubo uma becela into ethize. Uzizwa engumuntu omubi. Lento ilokhu imhlupha ngaphakathi, agcine esengene ezikweletini ngenxa yabo. Ukuphumula akasakwazi selokhu aqala ukusebenza. Abantu bakubo balokhu becelile, abakhathali.

“Ubani kodwa owadala imali?” kuzibuza uBhekani phakathi namabili, ehlengezela izinyembezi.

USbongile uyanyakaza embhedeni eceleni kwakhe. Uzisula ngokukhulu ukushesha izinyembezi uBhekani. Akafuni ukuthi uSbongile ambone ekhala.

Sitshele umbono wakho: Ngabe uBhekani ungumuntu ontekenteke ngokuvumela izihlobo zakhe zimfune futhi naye azithengele izinto ezingenaso isidingo?