Uthando lukaZelwande noThobani lukhula usuku nosuku. Kuthi ngelinye langa bezikhiphile bedla eNorth Beach, uThobani ashaye phansi ngedolo.

“Ngicela ukushada nawe, Zelwande,” usho ngezwi eliphansi.

“Yebo! Yebo, Thobani ngiyavuma!” inhliziyo kaZelwande isemafini.

“Ngiyabonga Zelwande wami,” uThobani ufaka indandatho emnweni.

UZelwande ufika eHilary axoxele uSenzo no-Aphile izindaba ezimnandi zokuthi uThobani umcele ukuba bashade. U-Aphile uyakujabulela ukuzwa lezi zindaba kodwa uSenzo yena uyajabha.

“Senzo, wathula kangaka? Kwenzenjani?” kubuza u-Aphile ngesikhathi bebodwa ekhishini.

“Vula amehlo, Aphile! Ucabanga ukuthi kuzokwenzekani kuthina uma uZelwande eshada? Futhi labantu basathandane izinyanga ezimbili kuphela. Zibuze ukuthi yini edala ukuba uThobani angamuvezi uZelwande emndenini wakubo? Kukhona okushaya amanzi kulento. Angimqondi kahle uThobani. Angimethembi. Akufanele sivume ukuba uZelwande athathwe ngumuntu engingamethembi. Phela ufana nomama kuthina uZelwande.”

“Hawu Senzo ungakusho kanjani lokhu ngoba wasitshela kudala uZelwande ukuthi akasoze asilahla.”

“Wakusho lokho kudala. Nawe uyazibonela ukuthi izinto zishintshile manje. Usezoshada aziqalele umndeni wakhe.”

“Kodwa noma kuthiwa izinto ziyashintsha, yini esingayenza ngalokho?”

“Nginalo icebo, Aphile,” kusho uSenzo.

“Lithini icebo lakho?”

“Angeke ngikutshele manje kodwa wena themba mina, kukhona engizokwenza ukuze singaphinde sihlupheke. Angeke siphindele eMathinini.”

U-Aphile uncenga uSenzo ukuba amtshele icebo analo kodwa akathi vu uSenzo. USenzo ungena egumbini lakhe, alale ngesisu embhedeni, acabange ajule. Ubona kucacile ngamehlo engqondo sebebuyela ekuhluphekeni kwaseMathinini emuva kokushada kukaThobani no Zelwande. Ngendlela ajule ngayo ngomqondo akezwa noma uZelwande engena egumbini.

“Ngabe konke kuhamba kahle, Senzo?” Kubuza uZelwande, emumbambatha emhlane.

“Cha, sisi. Akuhambi kahle.”

“Khuluma nami. Uyangisabisa uma usuthule kanjena.”

“Kuzokwenzekani ngami no-Aphile uma usushadile?”

“Senzo uyigazi lami. Uyingxenye yami. Ngikuthanda njengoba ngizithanda. Akukho okuzoshintsha. Nizoqhubeka nihlale nathi noma sesishadile.”

“Kuzokwenzekani uma uThobani eshintsha umqondo?”

“Yini engenza uThobani ashintshe umqondo? Impilo yethu ikahle futhi iphelele!”

“Angazi. Kodwa engikwaziyo ukuthi abantu bayashintsha.”

“Yeka ukuzikhathaza ngento engekho, Senzo. Themba mina uma ngikutshela ukuthi angisoze nganilahla nino-Aphile.”

“Ngiyakuzwa, sisi. Kuzokwenzekani ngelobolo njengoba singenabo abazali nezihlobo ezingomalume?”

“Usukhohliwe yini ukuthi mina ngisindisiwe? Asiyingeni indaba yelobolo.”

“Umndeni kaThobani wona? Nawo usindisiwe?”

“Yebo, basindisiwe. UThobani ukubona njengamanje uyobatshela izindaba ezimnandi.”

Zonke izithembiso eZelwande azenzayo zifana nokuthi kuthelwa amanzi emhlane wedada – aziyishintshi indlela abona ngayo uSenzo. Akamethembi uThobani futhi akafuni ukuba ashade nodadewabo. Izinto zizoshintsha, lokhu unesiqiniseko sakho. Zizoshintsha balahlekelwe idwala labo elinguZelwande.

***

Sitshele umbono wakho: Ngabe kuyinto engubulungiswa ukuthi uSenzo asole ukuthi kukhona okushaya amanzi ngokushada kukaZelwande?