“Ngisizeni! Ngisizeni!” kumemeza uZelwande.

Kumnyama ngaphansi kwalento abamuvale ngayo amehlo uZelwande. Kuhleze kumnyama kuleli gumbi. Noma beyisusa le ndwangu abamuvale ngayo bamukhanyisa ngethoshi emehlweni angakwazi ukubona ubuso bamadoda amabili amuthumbile. Amafindo abamubophe ngawo ezandleni nasemaqakaleni aqinile.

“Ngisizeni! Ngiyacela bandla ngisizeni!” uhayiza ekhala.

Kuvuleka isicabha. Kuthi heqe uvalo kuZelwande, adonse umoya kakhulu. Ithemba ligcwala esifubeni.

“Awume ukusibangela umsindo wena. Akekho umuntu okuzwayo. Akekho umuntu ozokusiza,” kusho izwi lomuntu wesifazane.

Inhliziyo kaZelwande icishe iyeke ukubhakuza ngoba uyalazi lelizwi elikhulumayo. Noma kanjani uMrs Khumalo lo okhulumayo.

Kukhanya ugesi. Isuswe indwangu evale amehlo kaZelwande.

“Ma!?” kusho uZelwande.

“Ungangibizi ngomama wakho mina! Awubuke nje inkinga ozifake kuyo. Ngakutshela ukuthi hlukana nendodana yami. Wena wakhetha ukwenzani?”

“Ma, ngikhulelwe umzukulu wakho. Ngicela ungizwe–”

“Thula! Anginendaba nokukhulelwa kwakho mina! Uzofa nayo leyonto esesiswini sakho!”

“Ngiyacela, Ma! Ngicela ungakhulumi kanjalo. Ngiyakuthembisa ukuthi angeke ngiphinde ngixhumane noThobani uma ungidedela. Futhi angeke ngiwafonele amaphoyisa.”

“Ngakunika isikhathi esanele sokuthi ukwenze konke lokhu okushoyo, kodwa wena wakhetha ukuphikisana nami. Manje sekuyisikhathi sokuba ubone ukuthi akuphikiswana nami.”

“Ngiyacela bandla. Ngidedele. Niyacela bandla ungayenzi lento!”

UMrs Khumalo uhleka inhlinini. Uphenduka aqonde esicabheni. “Qedani ngalento niyilahle!” usho ngezwi eligcwele inzondo.

UZelwande uyatatazela. Ngendlela inhliziyo yakhe eshaya kahulu ngayo ungafunga ukuthi ifuna ukudlubulundela ezimbanjeni. Amadoda amthumbile ayagijima alandele uMrs Khumalo.

“Inkokhelo sizoyithola nini?” kubuza enye yamadoda.

“Imali nizoyithola uma seningithumelelile isiqiniseko sokuthi ufile futhi nimugqibile. Ngifuna umsebenzi o-clean. Angifuni lutho oluzongilandela lubuyele kumina. Siyezwana?” kusho uMrs Khumalo.

“Kodwa umsebenzi bekungukuthumba kuphela, hhayi ukubulala,” kusho enye indoda.

“Uma nifuna imali kuzofanele nimubulale nimugqibe,” kusho uMrs Khumalo. “Angithi nina niyizinswelaboya. Yenzani ubunswelaboya benu!”

Ahlala isikhathi eside ngaphandle amadoda amabili emuva kokuba esehambile uMrs Khumalo. Abuyela endlini, agqolozele uZelwande.

“Wathula manje, mbulale. Umzwile ukuthi utheni loya mfazi!”

“Ha! Mbulale wena! Bekungesona isivumelwano ukuthi simbulale. Futhi nawe uzwile ukuthi ukhulelwe lomuntu!”

“Usunonembeza manje wena?”

“Angithi intombi yakho ikhulelwe nayo? Ungazizwa kanjani uma ibulawa, ingane yakho ife ingazange yalibona nakanye ilanga?”

“Eish, bru! Kungafana nokuthi kubulawe mina uqobo.”

“Sizotshela lomfazi ukuthi siyibulalile lengane. Vele angeke abuye ukuzobheka ngoba akafuni lutho oluzobuyela kuyena.”

“Futhi singathumela nesithombe lapho esizogumba khona emhlabathini. Sibeke isicathulo esisodwa salengane eceleni kwakhona. Singathatha nenyama efrijini siconsise igazi layo esicathulweni.”

“Yebo! Yebo, icebo elihle lelo! Ngidedeleni bandla ngiyacela!” kusho uZelwande.

“Shut up wena!”

Amadoda amumboza amehlo ngendwangu futhi. Bamukhumula izicathulo. Kunokunyakaza okuningi okwenzekayo. Bamuqaqa intambo ezandleni nasemaqakaleni. Bayamuqubula, ezwe uzankosi uqina esandleni sakhe sokudla. Uyezwa ukuthi uhleli phansi kodwa ingalo yakhe iphakeme. Uzankosi uboshelwa kwenye into. Isandla sokunxele sikhululekile.

“Ungayisusi lento esikumbhoze ngayo amehlo. Uzoyisusa uma sesiphumile wayizwa nemoto yethu ihamba. Uma uke wasibona ebusweni sizokubulala ngempela! Siyezwana?”

“Yebo,” kusho uZelwande.

UZelwande ulinda kuze kunyamalale ukuduma kwemoto. Ususa indwangu avalwe ngayo amehlo ngesandla esikhululekile. Isandla sokudla siboshelwe kwi-burglar guard yewindi. Kukhona umatilasi, ingubo yokulala, ibhakede eligcwele amanzi kanye nelinye elingenalutho. Kukhona iphakethe lamakhekhe kumatilasi.

“Sizani! Ngisizeni! Ngisizeni!” kuhayiza uZelwande.

***

Sitshele umbono wakho: Kuyakumangaza ukuthi uMrs Khumalo angabulala ngisho umzukulu wakhe osesiswini ngoba efuna lento ayifunayo?