UMrs Khumalo uyakhazimula uma ebona indodana yakhe, uThobani, ingena ngemoto esangweni lesithabathaba somuzi wakwaKhumalo eDurban North. Injabulo ichichima enhliziyweni okwenza i-make-up ebizayo esebusweni kube sengathi iyakhazimula. Sekuphele izinyanga eziningi ezikhalela ngokuthi akasavashi ekhaya uThobani.

“Hawu igeza lomfana wami! Unjani kodwa, mfana wami omuhle?” kusho uMrs Khumalo.

“Ngiyaphila, Ma. Ngidlala umsebenzi nje kuphela. Ngangithi ngizoba nesikhathi uma nginyuselwa isikhundla nginena kwa-management, kodwa yilapho engisebenza khona kakhulu kunakuqala.”

“Kufanele ungazikhandli kakhulu phela, mfana wami. Umzimba uyakudinga nokuphumula. Nongqondo ngokunjalo.”

“Ngiyazi, Ma. Ngiyazama ukuphumula. Ukhona ubaba? Kukhona udaba engifisa ukulidingida nani nobabili.”

“Ngabe konke kuhamba kahle? Ngabe usuhlukene noNoxolo? Ngicela ungangitsheli ukuthi usuyiphule inhliziyo ingane yabantu,” kusho uMrs Khumalo.

“Kahle, Ma. Kade ngangikutshela ukuthi mina angimbuki ngaleyondlela uNoxolo. Konke kuhamba kahle. Empeleni nginezindaba ezimnandi engifuna ukuzitshela wena noBaba.”

“Hawu! Awuthi ngilamde uBaba wakho.”

UMrs Khumalo unyamalala kwelide iphaseji. Umsizi walapha ekhaya udeka itafula. Uqhamuka emuva kwemizuzu embalwa uMr Khumalo. Uqhamuka ehleka ebona uThobani. Bahlala phansi, badle baxoxe.

“Mama noBaba, njengoba bengike ngasho, kukhona izindaba engifisa ukunixoxela zona. Sengizoshada!”

“Zamnandi lezo zindaba, mfana wami!” Usho esukuma uMr Khumalo emanga uThobani.

“Ungubani isibongo umakoti?”

“UnguMhlongo, Baba.”

UMrs Khumalo akakhombisi nokuncane ukuthinteka emphefumulweni uma ezwa lezi zindaba. Kuzwakala ebhavumula ethi: “Thobani, yini edala ukuthi ushade usemncane kangaka? Awukafiki nasemnyakeni engu 30!”

“Ngizoshada ngoba ngiyamthanda uZelwande, Ma!”

“Thobani ungayenza kanjani lento ube wazi kahle kamhlophe ukuthi uNoxolo uyakuthanda? Ucabangile kodwa ukuthi uNoxolo uzophatheka kanjani uma ezwa isinqumo osithathile?”

“Mina noNoxolo singabangani kuphela. Akukho okunye. Anginayo imizwa yothando ngaye. Ngicela ungijabulele, Ma.”

“Nakhoke futhi! Angeke ukwazi ukujabulela indodana yakho? Uyeke ukugxeka ngaso sonke isikhathi? Mjabulele umfana wethu!” kusho uMr Khumalo.

“Siyafisa ukuyibona lentombazane ekusanganise ikhanda,” kubhuqa uMrs Khumalo.

“Kuhle impela lokho ngoba ngizomletha kusasa uZelwande.”

UThobani ungena egumbini lakhe egijima uma efika eHilary. Ufica uZelwande efunda incwadi embhedeni. Ugxumela embhedeni, injabulo ibila kuwo wonke amagama awaphimisayo. “Sthandwa sami, abazali bami bafuna ukukubona. Sizohlangana nabo kusasa.”

“Nginovalo, Thobani. Ngozithini uma bengangithandi?”

“Yehlisa umoya, sthandwa sami. Bazokuthanda. Yini engenza ukuba bangakuthandi njengoba uthandeka kanjena?”

Bayamamatheka bobabili, badlale sengathi bayalwa, bagcine ngokuqabulana embhedeni. Abufiki ubuthongo kuZelwande, ucabanga ukuthi uzogqokani nokuthi uzoziphatha kanjani kusasa uma sebeyohlangana nabantu basemzini.

***

Sitshele umbono wakho: Yini uMrs Khumalo azoyicabanga uma ebona uZelwande? Yini edala ukuthi uphendule ngendlela ophendule ngayo?