Isicabha segumbi likaSiya asivaleki ngoba silimale ngesikhathi kugqekezwa. Ubeka i concrete block emuva kwaso ukuze sivaleke azame ukulala, kodwa ubuthongo bungafiki.
Uvuka ekuseni ngabo 4 aqonde epolice station. Alikaphumi ilanga kodwa lomuntu azophambana naye ogqoke ihoody uyambona ukuthi ungubani. Noma kanjani uBhekani lo ozayo. UBhekani avuse amehlo abone ukuthi uSiya lo azophambana nye, awele umgwaqo.
“Bhekani,” kumemeza uSiya.
UBhekani amzibe ahlome ikhanda phansi.
“Bhekani! Wangiziba nje ndoda? Ngifuna ukukhuluma nawe!”
UBhekani aphenduke abaleke.
“Bhekani ungabaleki, ngifuna ukukhuluma nawe!” kusho uSiya ephakamisa izinyawo.
Aqaqe ngejubane uBhekani.
USiya amlandele emjaha. UBhekani unejubane, kodwa noSiya ukhona emuva kwakhe. Umjaha ejomba izindonga, bengena emagcekeni abantu. Kukhonkotha izinja, kundize izinkukhu, kushunqe uthuli lapho bedlula khona.
USiya usemuva kwakhe baze bangene emgaqweni ophelayo. UBhekani adonse ummese, uSiya awukhahlele undizele esikhotheni. Asho ngequpha emhlathini kaBhekani abheke phezulu aquleke. Uzibamba esethi umgxhoba ikhanda ngoba ebona ukuthi ngendlela esezamkhahlameza ngayo izidakamizwa uBhekani, angathi uyamgxhoba amlimaze kakhulu noma ambulale. USiya ufonela amaphoyisa ngesikhathi esaqulekile uBhekani, kodwa ucingo alungeni. Abone ukuthi useyaphaphama kancane.
“Ziphi izinto zami wena?” kubuza uSiya.
“Izinto zakho?”
“Izinto zami ozintshontshile. I laptop, cell phone ne TV. Wazi kahle ukuthi ngikhuluma ngani. Abantu bakubonile phela,” kusho uSiya, izwi livevezela intukuthelo.
“Ngazidayisa kwa W,” kusho uBhekani ekhuluma ngathi uyaphupha. USiya ulokhu ewazamile amaphoyisa ngocingo kodwa engaphumeleli. Ubuye umqondo kuBhekani, asukume ediyazela. Ayiphike yonke lento asanda kuyivuma, “Angazi ukuthi ukhuluma ngani, Siya.”
Lugcine lungenile ucingo epolice station. Ngesikhathi uSiya ethi ‘hello’, asuke eyinhlamvu uBhekani ebaleka. USiya amjahe aze abambe ihoody ayigqokile, kodwa uBhekani ayikhumule ebaleka. USiya amjahe aze ambambe ngesikibha, kodwa uBhekani asikhumule isikibha ebaleka. Eqimbile enjalo agxhume eqe udonga, anyathele kakhulu kunakuqala. USiya afike kuloludonga, naye agibele kodwa athole ukuthi uBhekani usenyamalele.
USiya usala ebambe izingubo zikaBhekani ezinukayo. I cellphone yakhe ayikho emaphaketheni, iqathake ejaha uBhekani. Usacaza phansi izingubo aziphethe, abheke i cellphone yakhe. Uyithola lapho ashaye khona uBhekani. Ufonela amaphoyisa kodwa athole ukuthi uphelelwe i airtime. Aqonde epolice station.
Usendleleni eya epolice station ngesikhathi kungena ucingo oluvela kusomatekisi ayemushayelela ngamaholide esafunda.
“Omunye wabashayeli bami uyagula. Ungangishayelela itekisi yakhe namhlanje? Uzoshaya I route yakhe, kukhona ne special engifuna usilande eMkomaas ntambama. Ngizokubona ngo R 600 uma usubuyile,” kusho usomatekisi.
“Ayikho inkinga, ngiyeza lapho,” kusho uSiya.
Lesisicelo sika somatekisi sinika uSiya umcabango. Ucabanga ukuyiboleka kusomatekisi lemali efunwa ngusupervisor kaMakhendlas. Ngeke acele wonke u R2500 ngoba uzohola u R 600 kwanamhlanje. KuSiya ibalulekile lemali azoyithola ngokushayela itekisi kunokuyovulela uBhekani icala. Icala usengalivula nakusasa ekuseni.
Ushayela abuye sekuhlwile, indodana kasomatekisi iyona emunika iholo lakhe losuku. Ufika ekhaya phakathi kwamabili akhethe ukulala endlini enkulu kunasegumbini lakhe ngoba kuyakhiyeka endlini. Noma egqekezelwe wahluthuka nenhliziyo ulala ejabulile ngoba kukhona imali ayenzile osukwini. Ubeka umzimba kusofa wase lounge, abushise ubuthongo.
Ukukhala kwesicabha kumthusa awele phansi. Uzitshela ukuthi uyaphupha, avule amehlo abone ukuthi kukhona umuntu osishayayo ngempela isicabha. Esadidekile, ubuthongo bugcwele amehlo, athuswe izwi elikhulu elihambisana nokushaywa kwesicabha, “Amaphoyisa vula! Vula bo singaze sisiwise lesicabha! Vula njengamanje!”
USiya asivule isicabha ahlangabezane namaphoyisa amabili. Engakalitholi ithuba lokubuza ukuthi kwenzakalani, kuvele uBhekani emuva kwamaphoyisa.
“Uyena impela lo. Uyena ongishayile wangiphuca imali yami,” kusho uBhekani ekhomba uSiya.
“Igama lakho unguSiya Mahlangu?” kubuze elinye lamaphoyisa.
“Yebo, igama lami lelo,” kuphendula uSiya edidekile.
“Gqoka, Siya. Sizokubopha. Sikubophela i GBH ne robbery.”
***
Sitshele ukuthi ubona kanjani: Uzizwa ephatheke kanjani manje uSiya?