USiya uphelelwa amandla aguqe ngamadolo phansi. Khona lapho uzwa ukudinwa angakaze akuzwe impilo yakhe yonke. Futhi akakholwa. Uzwa ngathi uhambelwa ingqondo ngoba uzibheka yonke indawo izinto zakhe ezintshontshiwe – ngaphansi kombhede, emadroweni, emuva kwamakhethini, nangaphansi kwemiqamelo nezingubo. Aphumele phandle abone intombazane esiza kwamakhelwane ineka izingubo.

“Nasi isimanga ngibuya kugqekeziwe egumbini lami. Akukho okusolisayo okubonile ngesikhathi singekho? Awubonanga muntu eyaluza la egcekeni?” kubuza uSiya.

“Cha, angibonanga lutho,” kuphendule lentombazane ithukile ngoba ingakaze ibone uSiya ethukuthele kanje. “Qonda epolice station, Siya.”

“Uqinisile, angibabikele lendaba,” kusho uSiya.

Ikhanda lakhe ligcwele ukuthukuthela nokungakholwa njengoba ehamba eya epolice station. Kuyakhiwa epolice station futhi nomakhi ozobenza khona usebenza ngendlela engahlelekile, lokhu kwenza kubelukhuni ukungena kwabantu. USiya ufica inqwaba yabantu abalinde ukungena, abadlule bonke afike kunogada esangweni.

“Mfwethu, ngigqekezelwe kwathatha yonke into. Ngizobika loludaba,” kusho uSiya kunogada.

“Linda ithuba lakho njengabo bonke abantu. Wonke umuntu olapha unento ebalulekile azoyibika,” kuphendule unogada engambhekile kwakumbheka uSiya.

Ephindela endaweni yakhe, ekugcineni kwalayini, ubuka i cellphone yakhe. Uyazibuza ukuthi ubani angamthinta athole usizo. Uyezwa ukuthi ziyahlengezela izinyembezi. Ikhale i cellphone. Umakhelwane wakhe, uNhlanhla, omthintayo.

“Hey, Siya, ngizwa kuthiwa ugqekezelwe,” kusho uNhlanhla.

“Kunjalo, Nhlanhla, bathathe yonke into. Uzwe ngobani?”

“Ngizwe ngoZanele, lo osiza kwamakhelwane wakini. Uyazi, ekuseni ngibone lomgulukudu onguBhekani uphuma kini ephethe isikhwama esikhulu.”

“Ngempela? Ukuphi njengamanje?”

“Ngisekhaya.”

“Ngiyeza lapho, ngeke kuphele nemizuzu emihlanu” kusho Siya.

Ahlabe ngejubane eqonde kuNhlanhla. Aqalaze emuva ebuka ulayini wabantu abalinde usizo epolice station, abone ukuthi awunyakazi. Ikhehla eligqoke isikibha esibomvu ebelincike esigqxobeni sikagesi abemi emuva kwalo lisami khona lapho .

Ufika ehefuzela kuNhlanhla.

“Bengisanda kubuya emsebenzini ngoba ngingena ebusuku kulelisonto. Bengithi ngivala ikhethini ngiyalala, ngabona lesigebengu esinguBhekani ephuma kini ephethe isikhwama esikhulu esimnyama. No Sbu umbone esiphethe lesikhwama. Angimthinte uSbu akuxoxele yena lendaba,” kusho uNhlanhla.

Kungapheli sikhathi aqhamuke uSbu.

“Ngimbonile uBhekani ephethe isikhwama. Besisikhulu futhi ubona ukuthi sigcwele siyamsinda. Ngimbuzile ukuthi kukhonani esikhwameni wangitshela ukuthi akuyona indaba yami ukuthi uphetheni. Ngizwe kuthiwa ugqekeze komunye umuzi khona la endaweni ngesonto eledlule,” kusho uSbu.

“Ungilimazile ngalento ayenzile uBhekani. Niyazi, bafowethu, bengizozidayisa lezinto azintshontshile ukuze ngikhokhele umuntu ozongifaka emsebenzini.”

“Ngempela kuzoba isikhathi esingakanani siphila kanje? Kumele senze njengabantu bakwa L. Kwa L bayiqeda lento yokugqekezelwa ngokuthi babulale abagqekezi. Kufanele senze kanjalo nathi. Ngeke kuthi sivuka nsuku zonke siyosebenza kubekhona abantu abazithathelayo ezintweni esizifukuzele. Ngeke! Kwanele manje,” kusho uSbu.

USiya usegumbini lakhe ubukisisa umanakalo. Uyabona ukuthi kuthathwe neteku leLacoste, ibhulukwe leDiesel ne perfume ye Hugo Boss. Uyabona ukuthi umama wakhe usebuyile ngoba kukhala ukhiye, uvula isicabha endlini. USiya unamahloni okumtshela ukuthi ugqekezelwe ngoba akathandi ukubona umama wakhe ekhathazekile. Akafuni ukugcwalisa izinkinga phezu kwempilo yakhe entekenteke. Umlinda aphuze amaphilisi ngaphambi kokumtshela ngokwenzekile.

“Usathane uyabusa enhliziyweni yalomgulukudu onguBhekani! Shayela amaphoyisa, mhlawumbe azoza lapha uma siwafonela,” kusho umama kaSiya.

“Ngizokwenza kanjalo, Ma.”

Ucingo lwase police station lukhala isikhathi eside, lugcine luphenduliwe.

“Hello, ngibika ukuthi kugqekeziwe ekhaya,” kusho uSiya.

“Okwamanje awekho amaphoyisa akhona,” kuphendula izwi lomuntu wesifazane.

“Kwenziwa njani esimweni esinjalo?” kubuza uSiya.

“Ngingakululeka ukuthi uze la epolice station uzovula icala.”

“Ngifikile ekuseni ngizobika kodwa ngithole ulayini umude kakhulu.”

“Uzosizakala uma uza wena. Ongakwenza ukuthi ufike ekuseni kakhulu kungakagcwali.”

“Ukuthi kunomuntu engimusolayo kulento eyenzekile. Kungenzeka nikwazi ukuthola ama finger prints endlini yami. Futhi wake waboshwa, ama finger prints akhe akhona kwi system yenu. Ngibona ukuthi lokho kungenza kubelula ukuxazulula lelicala. Nokubakhona kwenu lapha ekhaya kungenza umndeni wami uzizwe uphephile ngoba bayasaba selokhu kugqekeziwe.”

“Engikululeka ngakho ukuthi wena woza e police station. Njengawo wonke umuntu uzogcina ulutholile usizo. Noma ufike ekuseni kakhulu. Ngabo 5 ekuseni abekho abantu, uyakwazi ukungena uvule icala. Yenza lokho, bhuti. Ngimatasatasa la, kunezingcingo eziningi ezingenayo,” kusho izwi lowesifazane ligcwele ukucikeka.

Ntambama uSiya aqonde kaBhekani. Angqongqoze esicabheni.

“Ngena,” kusho ubaba ka Bhekani.

USiya ahlale kusofa achaze udaba.

“Baba, igumbi lami ligqekeziwe kwathathwa konke. Abantu bathi babone uBhekani ephuma egcekeni ekhaya. Bengizobuza ukuthi. . .”

“Angikuvimbe lapho, ndodana. Ngeke ngikwazi ukumphikela uBhekani. Selokhu ephumile ejele sekufike abantu abathathu bezokhononda ngaye. Bonke ngibatshela ukuthi abaqonde epolice station. Yini engingayenza ngoBhekani? Akalaleli. Ngize ngifise ukuba akayona ingane yami, kodwa awukho umgqomo wokulahla abantu. Selokhu ebuye ejele ubheda kakhulu kunakuqala. Untshontshela kwathina lapha endlini. Njalo ngizwa abantu bengqongqoza ngizibuze ukuthi ngabe useboshiwe, noma abantu sebembulele.”

Ubaba kaBhekani abize indodana yakhe encane kunoBhekani. Ayibuze ukuthi ukuphi.

“UBhekani uhambe ekuseni, baba,” kusho umfowabo.

“Kukhona abekuphethe?”

“Yebo, baba, ubephethe isikhwama esikhulu esimnyama.”

“Ubonile ukuthi kukhonani esikhwameni?”

“Ngilunguzile esase toilet, ngabona i laptop, icellphone kanye nezingubo.”

“Bekuyinhloboni ye phone ne laptop? Izingubo zona?” kubuza uSiya.

“Angibonanga kahle ngoba ungifice ngilunguza esikhwameni wasivala. Ungithembise impama uma ngibuka izinto zakhe.”

***

Sitshele ukuthi ubona kanjani: Ngabe uSiya wenza kahle ngokuzilandelela mathupha lelicala?