USandra wayehleli emkhukhwini wabazali bakhe ngemuva kwesikole ngesikhathi ebona uMandla edlula.

“Zikhiphani?” Kubuza uMandla ngesasasa. Wayegqoke izicathulo zikanokusho ezitsha, wama egqumeni okwabe kuyibala elingaphambili kubo kaSandra. UMandla wayengafuni ukuba izicathulo zakhe zingenwe umhlabathi.

USandra ephefumulela phezulu. “Ilezi ziBalo, futhi. Angazi nokuthi zenziwa kanjani. Angiboni ukuthi ngizophumelela eBangeni 7!”

“Ungangibuzi –ke mina,” kusho uMandla ehleka, “Ngayeka esikole eBangeni 3!”

USandra wamgqolozela. UMandla wama ebuke ngaselangeni. Wayegqoke econsa ijakhethi entsha nodangara.

“Ukhona umuntu engimaziyo ongakusiza,” kusho uMandla, kodwa enokungabaza.

“Ubani?” kubuza uSandra, emagange.

“Enye nje indoda engiyaziyo. Ingumakhelwane wethu, kwenye indlu enhle nje ngasesiteshini sesitimela. Siyibiza ‘ngoMalume’.” UMandla ukhomba lapho ihlala ngakhona. “Usesize ezinye izingane engizaziyo ngomsebenzi wesikole nangokunye.” “Kodwa ngingakuyisa kuyena,” kusho uMandla

USandra wavala incwadi yakhe. “Ngabe uyakhokhelwa? Ukusiza abantu ezifundweni kuhlala kumba eqolo.” Akazange acabange ukubuza uMandla ukuthi uyazela kuphi le ndoda.

“Kulungile,” kusho uMandla, “Ngizokusiza. Ngoba nawe wawuhlala ungisiza.” Wayemamatheka manje, “Ngizokuhambisa kuyena kusasa,” kusho uMandla “uma sekuphume isikole.”

“Ngiyabonga,” kubonga uSandra, esebukeka njengomuntu onamahloni. USandra ubuka uMandla ngesikhathi esegoduka. Wayemuhle, kuzicabangela uSandra.
Inhliziyo yakhe yagcwala injabulo okwesikhashana. Futhi uzimisele ngokungisiza! Into enhle-ke leyo!

USandla wahlangana noMandla ngemuva kokuphuma kwesikole. Ehoreni elilodwa eledlule, uyacabanga, ngesikhathi ebuka iwashi odongeni ‘kwaMalume’. Bebehambisana ukuza kule ndlu.

Edolobheni kwakungekho kude. Futhi edolobheni kusendaweni engaselokishini. Le ndlu izimele yodwa ibiyelwe ngothango nesango elisebenza ngogesi.

UMandla wazwakala esipikheni esangweni. Izinja zaqala ukukhonkotha ziya ngasesangweni. USandra wayezisaba kakhulu izinja. Wabaleka uma ebona izinja ezimbili ezabe zizinkulu zikhonkotha.

“Kulungile,” kusho uMandla etshela uSandra, “ kulungile ungabaleki.”

Le ndoda uMandla eyibiza ‘Malume’ waphuma endlini yabiza izinja.
Yayiyinde futhi iyincane ngomzimba. Nakuba uSandra wabe eyibona ukuthi isikhulile, yabe inezinwele ezinde futhi eziqinile. Ubuso bayo babungajwayelekile namehlo ayo ansundu.

Le ndoda yaphakamisa isandla yabingelela uMandla. “Sawubona, sawubona,” isho ngentokozo, Ngiyathokoza ukukubona.” Ibamba izinja emqaleni ngesikhathi ivula isango ngerimothi.

USandra wacasha ngemuva kukaMandla.

“Uwena lo ofuna ukufundiswa iziBalo,” le ndoda ibuza uSandra, “Ungazisabi izinja. Ngeke zikwenze lutho. Ziyangilalela. Ngena. Ngena.”

USandra wangena, emamatheka. Wayebambe izincwadi zakhe zeziBalo ephethe nesikhwama samapeni. Wangena ngaphakathi wezwa isango livaleka.

Ngokuhamba kwesikhathi wathi uma eqalaza uMandla, wangamboni.

“Uphi uMandla?”, ebuza futhi esenokwesaba.

“Ungakhathazeki,” kusho le ndoda ‘uMalume’ ngezwi eliphansi. Izinja zazimhogela, uSandra emi enganyakazi ukwesaba. “Ungesabi. Woza ngilandele.”

Le ndado yabamba uSandra ngesandla yamngenisa emnyango wasefulethini elincane. Yavula isicabha ivulele uSandra. Wavala isicabha. Izinja zaphindela ebaleni lazo, zalala phansi.

Le ndoda yakhombisa uSandra itafula, yamdonsela isihlalo.

“Hlala phansi,” kusho le ndoda, “ Ngizokutholela isiphuzo. Kuyashisa.”

Yamshiya yedwa uSandra wayizwa imthelela iCoke ekhishini. Kulapho uSandra azizwa engasasabi kakhulu.

Le ndoda yabuyela kuyena iphethe ithileyi. Izinja zazilele ebaleni elangeni. USandra wayesathuswe izinja nakuba zazingasasabeki, futhi zilele nobuthongo.

“Ungagijimi ebaleni,” le ndoda ibimtshele lokhu uSandra imamatheka. “Lezi zinja zizokuxoshisa futhi zikulume.”

‘Umalume’ umbhambhatha amahlombe ngesikhathi esho lokhu. Futhi wathi, “kungcono uma uhlala la endlini nami. Uphephile uma unami.”

USandra wambuka futhi yabe emamatheka. Kodwa wayesenethemba lokuthi uMandla uzobuya.

***

Ucabanga ukuthi uMandla ushiye uSandra yedwa nale ndoda abayibiza ‘Malume?’