U-Ayanda uke wazama ukusiza uSandra ngeziBalo. USandra uxoxela le ndoda abayibiza ‘Malume’ ngo-Ayanda. USandra usezizwa esekhaya manje. Usedle cishe lonke ipuleti lamakhekhe kodwa le ndoda ayinankinga.

Izincwadi zakhe zeziBalo ziphezu kwetafula futhi zisavaliwe.

Kodwa uSandra wayengenandaba nalokhu. Eqinisweni wabe ezizonda iziBalo. Inkinga kwabe kungukuthi wayengaphumeleli ezibalweni futhi efuna ukudlulele eBangeni 7 ayofunda esikoleni samaBanga Aphakeme ngonyaka olandelayo.

Imisebe yelanga yayingena ngefasitela eyenza ukuba uSandra azizwe esefudumele. Uma ebuka ngefasitela wayebona izinja ezimbili, zilele ebaleni zithamele ilanga.

USandra wabe ezisaba izinja. Kodwa le ndoda yamthembisa ukuthi ngeke zimlume. Akufanele nje aphume. Ilokho ayamtshela khona. Yamtshela ukuthi inqobo nje uma ehlezi ngaphakathi nayo, uphephile. Izinja azimthandi umuntu ophumela ngaphandle ohamba yedwa.

USandra wayengumuntu onamaphupho amakhulu. Wayekwazi ukuxoxa. Wayekuthokozela ukuxoxela ‘uMalume’ mayelana nempilo yakhe. Wayelalele konke ayekuxoxa futhi ethanda nokukuzwa. Kade agcina ukubona umuntu emnakile noma enake okuthile ngaye.

IziBalo akusona isifundo engisaziyo kusho uSandra etshela uMalume. Akafani no-Ayanda owayehamba phambili eziBalweni nakuSayensi. U-Ayanda wayefunda noSandra ibanga elilodwa. Wayefisa ukuba ngudokotela. Nguye kuphela umngane kaSandra.

Izingane eziningi zibiza uSandra ‘ngekwerekwere’ zimthuke ngoba akakwazi ukukhuluma kahle lezi zilimi ezizikhulumayo. U-Ayanda yena wayehlukile. U-Ayanda yena wayezwana nawo wonke umuntu. Wayecele nokusiza uSandra ngeziBalo. Inkinga kwabe kungukuthi, uSandra usesele kakhulu eziBalweni okwenza kube nzima ku-Ayanda ukumsiza.

U-Ayanda noSandra babekuhleka lokhu. Bebengabantu abangafani kodwa bengabangani. Babehlala bexoxa ngezinhlelo zabo ngaso sonke isikhathi. U-Ayanda watshela uSandra ukuthi uzobasiza kanjani abantu abaningi uma esengudokotela. USandra utshela u-Ayanda ukuthi ufuna ukuzula zula umhlaba wonkana futhi abhale nezindatshana mayelana nabantu bakwamanye amazwe. Wayezoba intathela engundabuzekwayo.

Ngesikhathi uSandra ebuya eZimbabwe, ngaphambi kokuba ahlangane no-Ayanda, kunomuntu oyedwa amaziyo kusukela kudala. Lowo muntu kwabe kunguMandla, umakhelwane wabo.

Ngeikhathi uSandra ehamba elokishini ngesikhathi sezimpi, wayeneminyaka eyesishiyagalolunye nje kuphela. UMandla yena wayeneminyaka eyishumi nantathu. Usakhumbula ukuthi wayethukuthele kanjani.

Manje uMandla wayemude, ebukeka futhi eseneminyaka eyishumi nesithupha. Wayesahlala eduze noSandra, futhi wayesathukuthele kakhulu kunakuqala.

Ubaba kaMandla wajikijela uSandra nabazali bakhe ngamatshe, kuleyo minyaka. Manje usaboshiwe ngoba wabulala umuntu. Wagwaza enye indoda ngemuva kwengxabano yasemgwaqweni. USandra wayejabula ukuthi waboshwa.

UMandla wayengasafundi, kodwa ngaso sonke isikhathi wayeba nemali. Ilona shintsho lokuqala uSandra alibona kuMandla ngesikhathi ebuya eZimbabwe. Wayenabangani abaningi ngoba wayenemali eningi. Ngaphambilini kwakungenjalo.

UMandla wayengeyena umuntu ohlala enemali. Futhi wayengumuntu ongenabo abangani. Kudala uSandra esaqala ukwazana noMandla, wayengumuntu osabayo, ohlala ngokushaywa futhi ehlala ngokudinwa. USandra kwabe kunguyena kuphela umngane wakhe.

USandra owayefihla uMandla ngaso sonke isikhathi ngaphansi kombhede wakhe uma ubaba wakhe esephuzile eselwa emsabisa ngokuthi uzombulala.

Abazali bakaSandra babengazi ukuthi uMandla wayesuke elele ethulile enokwesaba ngaphansi kombhede wendodakazi yabo. Abazali bakaSandra babemsaba ubaba kaMandla njengaye uMandla. Kodwa uSandra wayema ebaleni, ayibuke ngqo emehlweni le ndoda ephuzile ayitshele ukuthi akamazi ukuthi uphi uMandla.

Le ndoda abayibiza ‘Malume’ yayimamatheka imulalele.

Kuze kube manje, angazi ngempela ukuthi uphi uMandla. Ngifisa ukuthi ngabe ngiyazi.

***

Ucabanga ukuthi ukuphi uMandla? Usazobuya nje Sandra?