Isuphamakethe yayigcwele abantu, bonke bethengela Ukhisimusi. Umculo kaKhisimusi wawukhala ngamandla ezipikheni: “Joy to the world…”

URefilwe wayemile ethilini yakhe, epakisha igilosa yamakhasimende. Washonelwa abazali bakhe lapho eneminyaka eyishumi nantathu, ngakho ke Ukhisimusi wawungesona isikhathi esijabulisayo kuye.

Kwabe sekuqhamuka u-Sam. Wayesebenza esitolo samavidiyo esingumakhelwane wesuphamakethe futhi eyinsizwa ethandekayo: enomusa futhi emnene.

Wasondela ngaku Refilwe futhi lokho kwamenza wazizwa engcono ngaso sona leso sikhathi. Wayephethe isipho esandleni sakhe, ibhokisi elide, elincane eligoqwe ngephepha elihle lombala oluphuzi. URefilwe wayeka ukupakisa igilosa. Ingabe leso kwakuyisipho sakhe?
U-Sam wamoyizela. “Lesi isipho sentombazane emnene kunabo bonke emhlabeni” kusho u-Sam.

Ubuso buka Refilwe bavese bashisa bhe. “Ngubani ke leyo ntombazane?” kubuza u-Refilwe. Mhlawumbe lona kwakuzoba Ukhisimusi ojabulisayo?
Impendulo ka-Sam yamushaqisa. “Lesi isipho sika Daisy wami, kusho u-Sam. “Ngithemba ukuthi uzosithanda. Refilwe, ungakwazi ukungigcinela sona siphephile, kuze kube yilapho ngishayisa ngehora lesihlanu?’

URefilwe wazama ukufihla ukudumazeka kwakhe. Wayengubani lo Daisy, u-Sam ayemuthengela isipho? URefilwe wabe esefaka isipho esikhwameni sakhe.
Nsuku zonke ngesikhathi sekhefu, u-Refilwe no-Sam babedla ndawonye. Wayengakaze athi vu ngale ntombazane okuthiwa u-Daisy. Kodwa manje usemuthengela isipho sikaKhisimusi! Waze wanenhlanhla u-Daisy!

“Kuzobe kunomcimbi kaKhisimusi namhlanje ebusuku endlini yami.” kusho u-Sam. “E-Sixth Avenue. Inombolo yendlu ngu-25. Kunganjani ube khona?”
“U-Daisy uzobe ekhona naye?” kubuza u-Refilwe.

U-Sam wabe esevuma ngekhanda, elokhu emoyizela. “Uzobe ekhona! Angisoze ngaba nomcimbi ngaphandle kuka Daisy.” Wabe esebuyela ke esitolo samavidiyo. Naye u-Refilwe waqhubeka nokupakisha igilosa. Wayefisa sengathi kungaba khona umuntu ongacima lo mculo kaKhisimusi.
Isikhathi kwase kuyihora lesihlanu, kodwa u-Sam wayengakezi ukuzolanda isipho sika Daisy. URefilwe wabe eseya esitolo samavidiyo esimalambu abanikayo nomculo ophezulu. Kodwa u-Sam wayengekho lapho. Imeneja yathi wayesehambile.
Ingabe kumele ahambise isipho endlini ka-Sam?

U-Refilwe wabamba isipho esandleni sakhe, wabe esesixukuza. Senza umsindo othize. Ingabe kwakungenzeka mhlawumbe kube isigqizo seketanga le golide? Wake wasibona esinye esitolo sobucwebe esisesitezi esingaphezulu. Waze wanenhlanhla u-Daisy, kucabanga futhi u-Refilwe. Wayezojabula nje ukubona Ukhisimusi usuphelile.

U-Refilwe wayithola indlu ka-Sam e-Sixth Avenue. Umculo wawugqumaza emafasiteleni. Abantu babecula bedansa ejalidini.
U-Sam wabe esembona ngokushesha.

“Cheers!” kusho u-Sam njengoba ethatha isipho. “Yazi bengijahe kanjani, ngavese ngakhohlwa ngaso.”

U-Refilwe wabe eseqalaza eceleni kwakhe. Kwakugcwele amantombazane amahle ejalidini. “Yimuphi u-Daisy phakathi kwabo?” kubuza u-Refilwe.
U-Sam wabe esegaxa u-Refilwe wamungenisa endlini. “Ngicabanga ukuthi usekhishini. Asambe ngiyokwethula kuye. “Ngicabanga ukuthi nizothandana.”

Ngaze ngaba yisilima, kucabanga u-Refilwe, ngokucabanga ukuthi bekunokuthize okukhethekile phakathi kwakhe no-Sam! Ukucabanga ukuthi mhlawumbe u-Sam ebengase enze lo Khisimusi ujabulise kuye.

***

Kwakungekho muntu ekhishini, ngaphandle nje kwenja enoboya obumhlophe.
“Bheka, Daisy,” kusho u-Sam. Wabe esevula isipho ngaphakathi kukhona untamohluka wenja onesilengiso sensimbi esibhalwe igama lika Daisy.
U-Sam wabe esegaxa u-Refilwe wamusondeza ngakuye. “Nginesikhathi eside ngifuna ukwenza lokhu, Refilwe, kusho u-Sam. “Jabulela, Jabulela Ukhisimusi!”

Iyaphela lapha