Ngiya esikoleni ngoMsombuluko ekuseni njengenhlalayenza.

Ngesikhathi ngijika ekhoneni ngibona uCarmen Hofmeyr nabaphambili kuye. Bagqolozele isikrini se-iPad kaCarmen.

UCarmen ungithatha njengomuntu obalulekile manje. “Bengingazi ukuthi ungunobuhle.” Izwi lakhe lizwakala sengathi akumphathi kahle lokhu. Uphakamisa i-iPad bese ngibona
ukuthi ubukani.

“Kuningi ongakwazi ngami,” ngisho lokhu, bese ngiphenduka ngihambe.
Makhathaleni ngaleyo ntambama ngisekhaya ngithola umqhafazo ovela kuJonah.

Ngabe uyafuna ukuya emamuvini ngale mpelasonto?
Angeke kube khona amalambu akhanya kakhulu! Ngicela ungazise uma ungenzi lutho!

Ukhumbula nokuthi amalambu akhanya kakhulu awangiphathi kahle. Lo mcabango ungifudumeza sengathi kukhona ilangabana esiswini sami.

Ngike ngezwa kuthiwa akukuhle ukuthi intombazane iphendule umqhafazo ngaleso sikhathi, kodwa anginandaba. Angiwona amanye amantombazane. Ngiyintombazane esesithombeni – enesibindi, ekhangayo, futhi engazenyezi.

Ngimphendula ngomqhafazo kanti iminwe yami ichofoza izinkinobho ezincane ngesasasa.

Kuzwakala kuzoba mnandi! Ngingakuthokozela lokho!
Angithi uzongithinta ngoLwesihlanu ukuze sihlele?

Ngima phambi kwesibuko. Kwenzekalani? Ngabe ngiyashintsha? Ngibuka ubuso bami njengoba sengike ngabubuka izikhathi eziyizigidi. Ngibheka umlomo wami. Uyamamatheka. Ungenza ngibukeke ngendlela ehlukile. Angesabi. Akubukeki sengathi ngiyacasha.

Ngichofoza u-“send” bese ngizisinekela. Kuthi mangigxumele emafini. Kuthi
mangicule. Kuthi mangengamele umhlaba wonke.