Uphaphama avule amehlo uLungile. Uzwa inhliziyo igwaza kancane sengathi lukhulu olumehlakalele. Sekuphele izinyanga eziyisithupha ezizwa kanjena. Uvele ezwe ubuhlungu obunzulu enhliziyweni. Izinyembezi zivele ziziqathakele into engapheli uma ezwa kufika lobu buhlungu obunzulu.

“Kanti mina ngenzeni emhlabeni bakithi? Yini ngihlezi ngizwa ubuhlungu obungaka?” uzibuza sakuhleba, esula izinyembezi.

Uvele asidinde kakhulu manje isililo uLungile, kube sengathi kushoniwe. I-toilet paper esesandleni imata ngokushesha, imatiswa izinyembezi. Akumsizi ngalutho kwakhona ukukhala lokhu, kunalokho uzwa ubuhlungu obukhulu kunakuqala. Usukuma ngokushesha embhedeni, aqonde emaphilisini akhe ekhanda, omkhuhlane kanye nawesisu. Ufika ekhishini athele amanzi enkomishini. Ugaya wonke amaphilisi, aphenduke impuphu. Uthela lempuphu enkomishini, agoqoze.

Kuthi lapho esezophuza, afikelwe umcabango: Kufanele ngibhale incwadi ngichazele umndeni wami ukuthi kungani ngikhethe ukuzibulala. Udabula iphepha, abhale.

Baba no Mama

Angeke nibuqonde ubuhlungu engibuzwayo ngaphakathi kimi. Njalo ngicabanga ukuzibulala. Lomcabango uvele uqhamuke nje esithubeni. Nginobuhlungu obungapheli emphefumulweni wami. Angeke ngisakwazi ukuphila nalobu buhlungu. Ngicela ningixolele.

Lungile

Kuthi lapho ephakamisa inkomishi eyisondeza emlomeni, athuswe ukungqongqoza esicabheni. Unina, uMaKhumalo, nguye lona ongqongqozayo.

“Vuka wevila ndini! Vuka! Vuka bo! Ilanga seliyoze lingene ezinqeni!” kumemeza uMaKhumalo, eganklaza isicabha.

“Ngiyeza, Mama,” kusho uLungile.

Ufohloza incwadi abethi uyayibhala, ayiphonse emgqomeni osekhoneni legumbi lakhe ngokushesha. Uthatha inkomishi, avule iwindi, achithe amaphilisi namanzi aphakathi otshanini obungaphandle. Undlula umbhede ngokukhulu ukunqena lokhu. Kulezi zinsuku kunzima ngisho ukuxubha amazinyo. Sengathi angalala embhedeni usuku lonke akhale nje.

Uvula isicabha, aqonde ekhishini. Ufica unina ehlamba izitsha.

“Sawubona, Ma,” kusho uLungile ngezwi elingenawo umdlandla.

“Isikhathisini lesi ovuka ngaso? Isona isikhathi umuntu osile avuka ngaso lesi? Udadewenu kade kusile esebenza yedwa la endlini wena ulele ohonqa uhudula izikhumba! Yeka lobuvila bakho, Lungile! Angeke ngiyimele lento yakho emzini wami!”

“Mama, ngicela ukukhuluma nani nonke njengomndeni.”

Udadewabo kaLungile omncane, uLihle, uyayeka ukushanela ephaseji. Ubuka uLungile. “Yini, umithi yini ntombi?” kubhuqa uLihle.

“Lihle, mntanami, biza uyihlo ngalena sizwe ukuthi ufuna ukuthini untabakazikhonjwa.”

“Mama kunini ngisho ukuthi leli gama lika ntabakazikhonjwa angilithandi?”

“Yeka ubuvila phela nathi sizoyeka ukukubiza ngalo,” kusho uMaKhumalo.

***

Sitshele umbono wakho: Ngabe uyawugxeka umdeni kaLungile njengoba ungenaso isineke naye futhi umbiza nge ‘vila’?