Ucingo lukhala isikhashana lungabanjwa. Enqondweni kaNjabulo ukudilika kwesakhiwo nokutakula abantu abalimele kudlala kuphindelela. Imilenze nezingalo eziphukile, nalokhu akuxoxelwe umlisa waseMalawi akuphumi ekhanda. UNjabulo ufuna ukwazi ukuthi iKhansela lenzani ngakho konke lokhu.

“Sawubona, ihhovisi laKhansela Mlaba. Ngingakusiza kanjani?” kuphendula izwi lomuntu wesifazane ebamba ucingo.

“Sawubona, uNjabulo Msane weNUZ FM okhulumayo. Ngicela ukukhuluma noKhansela Mlaba,” uyazizwa ukuthi izwi lakhe liyaphuthuma ligcwele nokukhathazeka.

“Mnumzane. Msane, uKhansela Mlaba akekho okwamanje. Ngingawuthatha umlayezo?”

“Kuyaphuthuma, ngidinga ukukhuluma naye ngokushesha. Uzobuya nini?”

“Ungazama emuva kwekhefu lasemini, uzame ngale kwehora lesibili ngoba ujwayele ukuthatha ikhefu elide.”

“Cha, ngeke kulunge, iyaphuthuma lendaba. Uhamba kanjani ekhefini isimo sibucayi kangaka? Awunayo enye inombolo engingamthinta kuyo? Lena enginayo akayibambi”

“Mnumzane, anginayo enye. Njengoba ngishilo, mzame ngemva kwekhefu”

“Wesisi, uyazi ukuthi ibucayi kangakanani lendaba? Izimpilo zabantu zisengcupheni,” izwi laNjabulo liyaphakama.

“Mnumzane, ngicela wehlise umoya.”

“Wesisi, ungangitsheli ukuthi angehlise umoya. Ukube wazi lokhu engikwaziyo nawe ngabe ucasuke njengami, ngabe awungitsheli lento ongitshela yona.”

“Mnumzane., ngicela ukubuza ukuthi kumayelana nani.”

“Ngibone ishakhiwo sidilika lapho kwakhiwa khona Isikhungo Somphakathi se-Ward 84. IKhansela linganyamalala kanjani isimo sibucayi kangaka? Ukuphi?”

“Engingakutshela khona ukuthi ufikile lapha ehhovisi. Cishe liphelile ihora elilodwa ehambile, bekubonakala ukuthi uyaphuthuma. Ungene ehhovisi lakhe wavala isicabha ngamuzwa ethetha ocingweni. Angizwanga ukuthi ubethini kodwa izwi beliphezulu. Ngibone ngaye eganklaza isicabha ephuma ebaselekile.”

UNjabulo uzizwa ecasuka, uyezwa ukudinwa kuphindaphindeka ngaphakathi kodwa uyazama ukwehlisa umoya ngaze akhiphele ukudinwa kwakhe kulentombazane enezwi elimnandi ezenzela umsebenzi wayo.

“Mnumzane Msane, usakhona? Mnumzane?”

“Ngisakhona. Ungubani igama lakho?”

“Joy, Mnumzane. Joy Dlamini”

UNjabulo uyathula futhi. Kuyehla ukudinwa, kwehliswa izwi likaJoy Dlamini. Ngathi amagama awaphimisayo athelwe ngoju. UNjabulo izithola esecabanga ngomlomo ekuphuma kuwo lelizwi elimnandi kangaka.

“Mnz, enye indlela ongaxhumana naye ngayo ukumthumelela i-imeyili enezikhalazo zakho,” izwi elimnandi likaJoy liyehla kuzwakale ukuthi okulandelayo azokukhuluma uyakuhleba noNjabulo, “Kukhona engingakusiza ngakho. Nginike i-imeyili yakho ngokushesha. Kukhona engikusolayo ngale ndaba, ngizokuthinta ngemva kwesikhathi sokusebenza.”

UNjabulo uthumela i-imeyili kwiKhansela aqonde ehhovisi likamphathi wakhe, uDavid Ndlovu.

“Usaphumile uDavid, uzobuya ntambama. Ushiye umlayezo wokuthi kumele uyiqede indaba Yesikhungo Somphakathi ngoba usuthathe isikhathi eside nayo. Unginike izindaba ezintathu okumele uzisebenze, wathi kweyodwa udinga ukuthinta Umphathi Wezokuxhumana. Ngizozidlulisela kuwena nge-imeyili. Lezi ezinye ziphelele, okwakho nje ukuzilungisa zime ngendlela yethu,” kusho uSandy, ongumsizi kaDavid Ndlovu.

“Ngiyabonga, Sandy”

“Kwenzenjani? Ubukeka ukhathazekile.”

“Usuku lwami luphithene, Sandy. Ekuseni ngibone kudilika isakhiwo kungakapheli nomzuzu ngiphume kuso. Abantu balimale kakhulu, iskorokoro salapha emsebenzini saphenduka i-ambulensi”

“Isono, ndodana, ngaze ngakuzwela. Kambe umsebenzi wenu ubuye ubenobungozi. Kuzolunga ngoku. . . . ” kukhala ucingo, uSandy aqhubeke nomsebenzi wakhe alubambe.

Ukusebenza elungisa izindaba azinikwe uSandy kuletha ukuthula emoyeni. UDavid ubuya esezilungisile zonke izindaba. Ehhovisi likaDavid, uNjabulo umxoxela konke okwenzeke ekuseni Esikhungweni Somphakathi. Ukudilika kwesakhiwo nokulimala kwabantu. Ubuso bukaDavid buyashwaqa, uyakhathazeka kakhulu.

“Nginokukhathazeka, Njabulo, ngokuthi iKhansela alisatholakali. Kungenzeka ukuthi liyayibalekela lendaba, noma uzama ukuyixazulula. Ngeke sikwazi ukuyisakaza le ndaba singakatholi ukuthi kwenzakalani,” kusho uDavid.

Akaqedi ukuphimisa lamagama kungene i-imeyili ocingweni lukaNjabulo. Ivela kuJoy Dlamini umsizi weKhansela.

Asihlangane eGalleria Mall 2B endaweni yokupaka izimoto esezansi. 5:30 pm. Ngithumele umlayezo wombhalo uma ufika.

Ukhombisa uDavid le imeyili.

“Hamba ngemoto yami. Uma kuwukuthi kukhona imfihlo afuna ukusixoxela yona kungcono ungaqhamuki ngemoto yenkampani enombhalo othi NUZ FM,” kusho uDavid.

UNjabulo uthatha izikhiye zeBMW kaDavid.

“Njabulo,” kusho uDavid embukisa okwababa ebuka indondana.

“Yebo”

“Ngiyakucela ucophelele.”

***

Sitshele ukuthi ubona kanjani: Kungabe uNjabulo usengozini ngempela? Kanti ukuba intatheli kungumsebenzi onobungozi?