UThandi ugcwalisa i-scholarship form ngakusasa ntambama. Uzwa kuvuleka isicabha kugulukudela uThemba endlini. Udakiwe njengenjwayelo. U-Avile ulele embhedeni. UNomsa angafika noma nini manje ebuya emsebenzini. UThandi ubuka iwashi odongeni efisa sengathi ngabe uNomsa usefikile. Ufisa uNomsa angene afice uThemba ezama ukumthinta. Ufisa ambambe azibonele izenzo zikaThemba khona bezohlukana. UNomsa uzofika emuva kwemizuzu eyishumi.

“Ufunani la, Themba?” ubuza ngokuthukuthela, “UNomsa akakabuyi. Ngizomtshela ukuthi ufike la udakiwe engekho. Kodwa uzozibonela ngamehlo namhlanje ngoba usengangena noma nini manje. Any minute sizovuleka isicabha angene.”

Usukuma aqonde esitofini athathe ipani. Usondela kancane uThemba, udakwe uyadiyazela. Ungathi umshayi sibhakela oshaywayo kodwa aqhubeke asondele. Kukhona okumtshelayo ukuthi namhlanje uThemba uzomdlwengula. Kukhona indlela ambuka ngayo ehlukile kwezinye izinsuku, amehlo kaThemba abhalwe usathane. Konke ukumhlukumeza kwezinye izinsuku bekuholela kulokhu. Namhlanje akanandaba noNomsa, udakwe ngendlela yokuthi unembeza umlahlekele. Kuyamcacela lokhu uThandi, akayeki ukujeqeza iwashi odongeni njengoba uThemba esondela. Naso isikhathi kwangathi sesihamba kancane ngokungajwayelekile. Uma engangeni manje uNomsa, uzofika esedlwenguliwe. UThemba usesikhaleni esiphakathi kukaThandi nesicabha, usondela kancane.

UThandi ulibamba aliqinise ipani. Uzwa ulaka angakaze aluzwe empilweni yakhe yonke lwakheka ngaphathi kuye. Angamane angibulale okungcono, ngizolwa ngize ngihlephuke izandla. Ngeke ayenze kimina le nto acabanga ukuthi uzoyenza uThemba. Ngeke aqede amaphupho ami sekuseduze kangaka ngiphumelele. Sengizongena esikoleni esiphilayo ngizakhele ikusasa eliqhakazile. Ngizolwa ngawo wonke amandla enginawo.

“Phuma la, Themba! Phuma njengamanje!”

Umsikaza ngepani kodwa uThemba akaphumi. Kunalokho ulokhu esondela kancane. Amsikaze futhi, alokhu esondela. UThandi abuka emehlweni kaThemba, esabe kakhulu kunakuqala ngoba abomvu sengathi agcwele igazi.Usephenduke isilwane esizingelayo, esesizokubulala lokhu ebesikuzingela.

“Ucabanga ukuthi ungubani wena?” kumemeza uThemba egxavuna ingalo kaThandi.

UThandi uyahlehla ezama ukudlubulundela. Ulibamba aliqinise ipami ashaye uThemba ngayo. Umshaya ngawo wonke amandla anawo. Uliiqondisa ekhanda likaThemba kodwa ashwebe amshaye engalweni. UThemba uthukuthela kakhulu kunakuqala. Ithuba elilodwa akade enalo lokushaya uThemba ekhanda aquleke selidlulile njengoba eshwebile nje. Kuyamcacela ukuthi uThemba usezomshaya manje.

Ngokushesha konyazi uThemba umhlwitha ipani alijikijele phansi.

“Phuma la! Phuma, Themba!” uThandi umemeza ngakho konke anakho. Ubona ukukhohlakala okusemehlweni kaThemba, abone ukuthi lo mlisa ufuna ukumbulala.

“Uyazitshela wena. Uzibona uyinto engcono!” uThemba umemeza sengathi ingqondo akanayo.

No-Avile usevukile uyahayiza futhi uyakhala.

“Sizani bo! Ngisizeni! Nangu uThemba engibulala!” uThandi uvalelekile manje. UThemba uvale intuba yokuphuma, usondela ngesivinini. Ugxavuna uThandi ngeshethi, amdonse. UThandi azame ukudlubulundela kudabuke izinkinobho, kudabuke nomkhono lapho uThemba abambe khona.

UThandi akayekile ukumemeza. Uthandazela ukuba uPinky abe sekhishini, amuzwe amsize. Kodwa Nkulunkulu wami akusekho noyedwa umakhelwane ongizwayo?

Imicabango iyagijima akhumbule ukuthi njengoba kusebusika nje abantu sebezivalele ezindlini ngalesi sikhathi. Botha ama-heater, babuka i-Skeem Sam ne-7de Laan. Kumele azilwele, azikhiphe ngokwakhe kulolu taku.

Kumele athole intuba yokuphuma. Uqonda ngqo kuThemba emdudula ngejubane, ecabanga ukuthi uzowa ngoba edakiwe. Udonsa wonke amandla anawo aziphonse kuThemba. Kungathi uziphonsa odongeni, uThemba akanyakazi nakancane. Kunalokho ududula uThandi ngesandla esisodwa,uThandi azibone esendiza emoyeni.

Undiza aphahlazeke etafuleni. Ubona ilambu likapharafini liphahlazeka phansi, amalangabi agxume agijime ku-blanket. Uzwa u-Avile ekhala. Uzama ukunyakaza kodwa akunyakazeki. Ikhanda kuphela elinyakazayo, umziba usinda sengathi wakhiwe ngokhonkolo. Kuyasha endlini, intuthu emnyama igcwala amaphaphu. Kodwa ukuphi Nomsa? Ukuphi dadewethu?

Uzwa umsindo ngasesicabheni, ajikise ikhanda. Ubona uThemba egaqa ephuma, umhlane webhantshi ugijima ilangabi. UThandi ubuka lokhu athembe ukuthi uThemba uphuma no-Avile. Noma isimo sibucayi uyakujabulela ukuthi umshana wakhe uyaphuma kule ngozi.