Kwafika umama wabo evalile emsebenzini, uThandi wagijima emjabulela wazibona zizehlela izinyembezi.

“Yini, Thandi, kwenzenjani?”

“Akukho lutho, Ma,” kwasho uThandi esula izinyembezi. Wakusho lokhu ngoba engafuni ukuba umama wakhe aphatheke kabi ngokumxoxela ngoNomsa, uThemba kanye nobunzima bokunakekela u-Avile. Akafuni ukukhononda ngoba uyazi ukuthi nomama wakhe usebenza kanzima ukuze ambekele imali yokuba afunde eyunivesithi. Akafuni ukuba yinkinga.

“Akukho lutho, Ma. Ngijabuliswa ukukubona.”

“Ngifika nezindaba ezimnandi. Lo nkosikazi engimsebenzelayo ufundisa kulezi zikole zama-model C edolobheni. Ngimtshelile ngawe nangendlela owenza kahle ngayo ezifundweni zakho…”

UThandi ubuka uNomsa abone umona emehlweni kadadewabo njengoba umama wabo ekhuluma. Ngabe leli thuba litholwa nguye uNomsa ukuba akakhulelwanga. UThandi uzizwa emzwela udadewabo.

“Kunzima ukungena kulesi sikole afundisa kuso, futhi kuyabiza,” kuqhubeka uMama wakhe,“Kodwa ungitshele ukuthi sikhona i-scholarship esitholwa abafundi abazimiselayo. Unginike i-application form okumele uyigcwalise. Kuzofanele ubhale ne-eseyi ngawe ezobuyela emuva ne-form.”

“Ngibhale ngami?”

“Kunjalo. Ubhale ngawe nezinto othanda ukuzenza. Ubhale nangokuthi yini eyenza ufise ukufunda kulesi sikole.”

Kuningi okugijima emicabangweni kaThandi. Ngikhathele ukunakekela u-Avile, yebo ngiyamthanda ngenhliziyo yami yonke kodwa akuyona impilo yomuntu ona-16 le engiyiphilayo. Angifisi ukuphinde ngibubone ubuso bukaThemba. Angiyifiseli muntu le ndlela angihlukumeza ngayo. Ngifisela udadewethu ukujabula, avuleke amehlo abone ukuthi akusilo uthando le nto abayenzayo noThemba. Inhliziyo kaThandi igcwele konke lokhu kodwa ngeke abhale ngazo zonke lezi zinto noma kuyizo ezenzeka empilweni yakhe. Kunalokho uzobhala ngama-hobbies, ngesonto kanye namaphupho akhe.

“Lesi sikole sikude,” kusho uMama wakhe, “Uma bekuthatha kuzofanele uvuke ekuseni kakhulu, ubuye ntambama sekuhlwile.”

“Yini nje engakwenza ufune ukufunda esikoleni sama-model C?” kungenela uNomsa equkula u-Avile, esusa isipunu esingcolile adlala ngaso, “Usufuna ukuphila nezingane zezigwili zabelungu?”

UThandi uyazizwela kule nkulumo ukuthi udadewabo udlala umona. Uzicabangela yena ngoba ebona imali ekumele ayikhokhele umuntu ozogada u-Avile ngoba uThandi esezobuya sekuhlwile. Wambukisisa udadewabo kwakhona into emsabisayo emehlweni kaNomsa.

UThandi uthatha ama-forms awabeke kahle, abeke namapuleti amathathu etafuleni. Umama wabo ubaphathele inkukhu. Ngendlela enuka kamnandi ngayo uThandi uzizwa esejuza amathe ngenxa yokuhala.

UNomsa uqoqa izitsha sebeqedile ukudla, uThandi azigeze. UNomsa ucabanga ukuthi uThandi akamboni, kodwa uThandi uyabona udadewabo ethatha ama-forms e-scholarship lapho ewabeke khona.

UThandi ucabanga ukuthi udadewabo uzowamfonyoza awalahle. Uthe lapho ebona ukuthi uThandi uyambuka wawabambisa ama-forms.

“Hey,” kusho uThandi, “ngicela uhlukane nalawo ma-forms. Uzowadabula!”

UNomsa uyaqhubeka awabambe. Kuphela isikhashana ewabambile agcine ewajikijela ebusweni bukaThandi. “Thatha la ma-stupid forms akho,” kusho uNomsa, “Bengiwafunda, bengingeke ngiwenze lutho.”

Ebusuku uThandi uwafihla esudukesini elingaphansi kombhede ama-forms. Akayikhohlwa inzondo nomona awubone emehlweni kaThandi ngesikhathi ebambe ama-forms esandleni sakhe. UThandi uzibonele ukuthi kumele awafihle, awavikele sengathi igolide. Ukholwa ngenhliziyo yakhe yonke ukuthi ukungena kulesi sikole kuzoyiguqula impilo yakhe ibe ngcono.