UThandi uyazelula, azamule. Usekhathele ngoba sekuphele amahora amaningi efunda i-Maths. Sekuqala nokuhlwa. Uyasukuma athathe ilambu likapharafini phezu kwe-wardrobe. Umshana wakhe, u-Avile, uzumekile embhedeni, uphefumulela ebuthongweni. UThandi umboza izandla zika-Avile ezivele ngaphandle kwengubo ayimbathile, amamatheke ebuka umshana wakhe njengoba ezumekile nje. Uqhwiza umentshisi, awusondeze elambini likapharafini, ukukhanya kugcwale egumbini labo.

‘Kungcono namhlanje ngoba ubaba ka-Avile, uThemba, isoka likadadewabo akafikanga,’ kucabanga uThandi, azithole esewuphimisa lo mcabango. Isiyamesabisa le ndaba yokufika njalo kukaThemba. Usezifikela noma nini manje, noma ngasiphi isikhathi ngisho nasebusuku. “Ngizobona ingane yami u-Avile,” uThemba uhleze esho kanjena. Kodwa uThandi uyazi ukuthi uThemba usuke ezobona yena. Akayithandi indlela lo mlisa ambuka ngayo. Kukhona akubona emehlweni kaThemba okumenza angakhululeki. Uyazama ukutshela udadewabo, uNomsa, ngale ndlela ubaba ka-Avile ambuka ngayo. Kodwa uNomsa akafuni ukuzwa nokubona lutho oluyisici ngoThemba. UNomsa ujabuliswa ukuthi ubaba ka-Avile uthanda ukuyibona njalo ingane. Akakunaki ukuthi uThemba ufika njalo uma uNomsa esemsebenzi, u-Avile ehlezi noThandi kuphela. Baqinisile abathi Love is Blind.

Njalo uThemba uma efikile ugona u-Avile imizuzwana emibalwa ambuyisele kuThandi uma eqala ukukhala. UThandi uthatha ingane ayigone alinde ukuthi lo mlisa ahambe. Kodwa akahambi uThemba. Kunokuhamba uhlala agqolozele uThandi, ambuke emehlweni emamatheka, azikhothe izindebe. UThandi uyazibonela ukuthi i-boyfriend kadadewabo iyamhalela. Kuyamenyanyisa lokhu uThandi, kumenza angakhululeki. Igumbi elilodwa okuhlala kulo uNomsa, u-Avile noThandi livele libe lincane kakhulu uma uThemba ekhona ezobona ingane. Uma emtshela ukuthi umatasa nezifundo, ucela ukuthi ahambe, uThemba uphendula ngokuthi uzobona ingane yakhe. ‘Ngisho kungathiwani, lo uzogqolozela mina,’ kucabanga uThandi. Uvele amshiye egqolozele, ezikhotha izindebe kanjalo, aphume no-Avile azidlalele nengane ngaphandle egcekeni.

Selokhu uThemba aphelelwa umsebenzi kwaMr Delivery ufika njalo. UNomsa yena uyasebenza, uThandi ugada u-Avile kuze kubuye uNomsa.

Kunzima ukubuya esikoleni alande u-Avile kuPinky ongumakhelwane wabo. UNomsa ukhokhela uPinky ngokumgadela ingane emini, uThandi amlande u-Avile amgade kuze kubuye uNomsa emsebenzini. Iyona ndlela amsiza ngayo udadewabo. Bakhule besizana. Ubaba wabo washona kudala. Umama wabo uhlala lapho esebenzela khona, ubabona uma isikhathi sivuma.UThandi akanayo inkinga ngokugada ingane ngoba uyamthanda u-Avile. Uyazifela ngamehlo amsulwa nezifaca ezivela kumshana wakhe uma ehleka.

Kodwa phela naye uThandi useyingane, una-16. Naye uyadinga ukuphumula nokujabula njengontanga bakhe. Ngaphezu kwakho konke uyasidinga isikhathi sokufunda.UNomsa, udadewabo, akawazi wonke amaphupho nezifiso zikaThandi. Akamnaki noma uThandi emtshela ukuthi udinga isikhathi sokufunda khona ezoba nekusasa eliqhakazile, khona ezothenga umuzi baphume kulo mjondolo oyigumbi elilodwa abahlala kuwo.

Uzamile ukuziphatha kahle uThandi, akaze akhulelwe. Ngokubona kwakhe kulula ukuziphatha kahle. Noma engenayo ingane usezithola esegada ingane nsuku zonke. Uziphathe kahle ngoba engafuni ukuba ngumama esemncane, kodwa usezithola esedlala indima yokuba ngumama ku-Avile. UNomsa walenza yena leli phutha lokukhulelwa. Okumcika kakhulu uThandi ukuthi udadewabo walenza leli phutha nesigelekeqe esinguThemba.

UThemba wayezitshela esasebenza kwaMr Delivery. Ezibona eyinto ephezulu ehamba ngesithuthuthu, edlalisa ngama-pizza emantombazaneni. UThandi wamangala ezwa ukuthi udadewabo usethandana noThemba ngoba wonke umuntu wayazi ukuthi uyisoka lamanyala. Wayezibukela nje uma uNomsa eqamba amanga ethi uzohlala ekhaya afunde. Ukuhlala ekhaya afunde kwakuphenduka kube ukulala no‘Mr Delivery’.

Noma uNomsa wayewashisa amabhokisi e-pizza uThandi wayezibona izinsalela ze-pizza emlotheni. Nasemashidini embhedeni wayezibona izinsalela zikashizi we-pizza. Umbhede balala kuwo bobabili uNomsa noThandi.

“Sies Nomsa!” uThandi wayebabaza njalo.

Wayemila uhlevane ecabanga ezinye izinto uNomsa noThemba abazenza kulo mbhede ngaphandle kokudlela kuwo i-pizza. Owukho omunye umphumela owawuzovela ngezenzo zabo. Nangempela wavela u-Avile.

How could you be so stupid!” uThandi wazithola ethukuthela ephahluka kudadewabo ezwa ukuthi ukhulelwe. Umama wabo yena wakhuluma amagama aqinile kunalawa ashiwo nguThandi. Amagama akhalisa uNomsa isililo samahora amaningi.

Noma kunjalo uThemba usekhona ezimpilweni zabo.

Ufika njalo. Ufika uNomsa engekho agqolozele uThandi, amehlo alo mlisa egcwele ukumhalela.

Okufiswa uThandi ukuthi uThemba aqhele ezimpilweni zabo. Ufisa aphume aphele ngoba akasambuki nje kuphela. Manje sekunzima ngempela ngoba uThemba useke wazama nokumthinta uThandi. Uma eqhubeka nokuzama ukumthinta kuzomele amazise uNomsa.