Bobathathu abangani bayavalelisana baqhubekele emaklasini ahlukene. UBusi uyashesha ngoba efuna ukuthola indawo yokuhlala eseduze kwewindi. Ufika eklasini athole sekusele isikhala esisodwa ngasewindini. Inkinga ukuthi lesi sikhala siseduze kwentombazane ekhulumela futhi, ikhuluma ngezindaba zabantu. UBusi uma isikhashana ngasemnyango ebheka enye indawo. Akayitholi enye engasewindini kodwa uncamela ukuhlala noPearl Shongwe phambili eklasini eduze komnyango, kunokuhlala nale ntombazane ekhulumela futhi. UPearl yena unomoya ophansi nehliziyo enhle; uBusi akanankinga ngokuhlala naye. Bayancokola kancane uthisha engakangeni.

UThisha wabo, uMrs Shandu, ungena eklasini wonke umuntu athule alalele. Emuva kokuthi wonke umuntu esexoxile ngakwenze ngamaholidi, uMrs Shandu ukhomba umfundi ohleli emuva kukaBusi. “Class, sinomfundi omusha esikoleni sethu, igama lakhe uThabo Tladi. Umndeni wakhe usanda kufika lapha. Ngicela nimamukele uThabo, nimkhombise isikole sethu nelokishi lethu. Thabo, uma kukhona okudingayo sikhona, ungesabi ukucela usizo.”

UBusi uyaphenduka abuke lo Thabo okukhulunywa ngaye. Akazange omnake ngesikhathi engena eklasini ngoba ubebheka indawo yokuhlala. Uyaphenduka kuhlangane amehlo akhe nakaThabo. UBusi uwasusa ngokushesha awakhe, akhophoze, aphenduke abheke phambili. Inhliziyo kaBusi iqala ukushaya ngokushesha, uzwa sengathi izoma noma nini njengamanje. UBusi akaze ambone umfana omuhle kanjena.