UDavid udonsa ipulagi yelephuthophu odongeni. Uvala ikhompuyutha bese eyishutheka ngaphansi kwengalo yakhe. Uyaphuma egxadazela, ehudula igundwane elilengayo. Ngiyasukuma nginqika odongeni, ngigqolozele umbala osalamuni, ogcwele ukwesaba kwabesifazane namantombazane athukile. Ngigqolozele izinkanyezi, phezulu le phakathi kwezinsimbi zefasitela. Ngithandazela leyo nkululeko encane. “Ngiyacela!”

Ingabe uKanelo ulibonile ibhodi lasemgaqweni noma kade likude kakhulu? Ingabe uzoshayela amaphoyisa ucingo, athi ‘Athi isitezi sesithupha’? Uzokhumbula nje izitezi zokuphuma uma kunomlilo? Ngimtshelile ngazo? Ukungabi nethembe kusondeza nakakhulu izindonga ezisalamuni, kuzisondezela kimi. Ngilwela ukuphufumula. Kuthiwani uma amaphoyisa nawo ayingxenye yayo yonke lento? Wonke umuntu uyazi ukuthi ngisho namaphoyisa asezikhundleni asebenzisana nezigebengu.

Ngemva kwekhanda lami kuqala iculo, Twinkle twinkle little star… Sengathi othize uzwe umthandazo wami oya ezulwini manje ungigcona ngawo. Izwi lentombazane esikhulile, hhayi intombazane encane.

Ingabe yimi oculayo?

Ngithinta izindebe zami. Ngizizwe zakha igama elithi, “Sawubona?”

Ukucula kuyama.

Ngishaya udonga ngengqindi yami. Inkenkethela emoyeni. Usimende womcayo, ngicabanga ukuthi bawubiza kanjalo.

Impendulo engiyitholayo ukusineka okungenangqondo bese kulandela okuthi, “Sifana nabantu e-Robben Island.”

Ngendlela akhuluma ngayo ngathi Umlungu. Umlungu.

Ngingabuza ngobulima, “Uvalelekile nawe, njengami?”

“Usanda kuqala, ntombazanyana.”

Ntombazanyana. Ngiyaqhaqhazela. Umdlwenguli ungibize kanjalo.

Intombazane iqala ukucula futhi. Up above the world so high, like a diamond in the sky…

Leli culo lobungani liyangiduduza. Ngihlola udonga, ngiqalaza ekukhanyeni okungena kumnkenke ophakathi kwalo nepulangwe eliqaqekile elizungeleza phansi odongeni. Ngihlohla iminwe yami ngaphakathi, ngizama ukudonsa ipulangwe eliqaqekile. Ngigcina ngizilimazile nje kuphela, ngishiya iminyatheliso yomunwe enegazi.

Ngiyaqalaza. Ujeke ongenalutho osetafuleni ugcwele uthuli. Ngezansi kuhamba inqwaba yezinambuzane. Ngidonsa unqenqema letafula bese ngiyasukuma. Ngibeka phansi ujeke, ngishaya ingilazi ngomlenze wetafula. Ujeke uyaphahlazeka. Isibambo siyaphuma, esihlangene nonxantathu owugqinsi wengilazi.
Ngigubha ngale kwepulangwe lasedongeni. Ngiyalicindezela ngonyanwo, ngiyaligwadlula. Ipulangwe liyaphuma odongeni. Ucezu lodonga olubolile lungenisa ukukhanya kusuka egumbini elilandelayo.

Intombazane engakolunye uhlangothi ithulile.

Ngilalele izigi. Uma uDavid engangena la angangidubula ebusweni, akhohlwe inzuzo akade angayithola ukuba ungigcine njengesigqila sobulili.

Isigaxa esikhulu sodonga sidabuka kalula. Ngizama ukuthambisa onqenqema, ukudabula okuningi, kodwa omunye usimende womcayo uqinile. Ngilala ngohlangothi, ngifaka ihlo endaweni evulekile. Ngibona izinyawo ezimhlophe, ezinamansense nezingcolile. Inzipho zakhona zinde kakhulu. Izinyawo zilokhu zithintana, ziduduza intombazane ehleli embhedeni womuntu oyedwa, njengoba ngibheke ububanzi obuphakathi kwemilenze yensimbi.

“Heyi wena,” ngiyasho. “Ngiyazibona izinyawo zakho.”

Intombazane iphakamisa izinyawo zayo, ithukile. “Cha! Ungangilimazi!”

Nginikina ikhanda lami. “KULUNGILE, KULUNGILE. Ngifuna ukukhuluma nje kuphela.”

Ngiyizwa iwela kancane phansi. Amehlo wayo aluhlaza okotshani, inhlamvu yeso inkulu ngendlela emangazayo. Ngibona imigqa eceleni njengoba imomotheka. “NginguTammy.”

“Babalwa.”

“Mabhebeza”

“Ngicela ungangibizi kanjalo!”

“Bakuphile yini ‘amaswidi’?”

Nginikina ikhanda lami. “Cha! “Angifuni izidakamizwa!”

“Heee. Kuqala kanjalo.”

Ngilindele indaba engisaba ukuyizwa.

“Ngangijwayele ukuzama ukubaleka. Kodwa ngidinga ukubhema, kungenjalo ngizofa. Unginikeza ulayini owodwa ngemva komsebenzi owodwa. Njengoba ngisebenza nje ngisuke ngifa ukonywa. Ngenza okumele ngikwenze. Ngingafa ngaphandle kwakho.”

Umfana wasekilasini lami wabulawa inyaope. Ngicabanga ukuthi kuyefana nalokhu.

“Wafika kanjani lapha?” Ngiyabuza.

“Ngabaleka ekhaya. Usingababa wami…”

Ngibheke izinzwane zakhe ziqinisela phansi, njengoba esukuma ehambahamba ekamelweni.

Kumayelana nobulili. Ngibona kusuka kumahloni abonakala sengathi amudla izithende.

“Lo mama wayenomusa,” kusho uTammy. “Wayengowasesontweni, eqhubeka. Kawubusika futhi kushubisa umkantsha esitaladini. Wathi, ‘Ngena, Tammy. Kufudumele, futhi kuphephile. Kusasa sizokutholela indawo engcono kakhulu’.”

UTammy uzama ukuhleka kodwa kujika kuba ukukhwehlela. “Umuntu otholela omunye umuntu umthengisi womzimba. Kubizwa kanjalo. Isisebenzeli sikaDavidi. Wamukhokhela amakhulu amahlanu ukuze angikhohlise.”

Ngizwa ukuduma kwehlombe lakhe njengoba elala phansi. Ngibona ukugqolozela kwakhe okuluhlaza okotshani, imigqa esemehlweni wakhe ikhipheka. “Angase akuthengise futhi Babalwa. Uma umuhle.” Uyangibuza, “Umuhle?” Akangilindi ukuthi ngikhulume. “Noma uma ulwa kakhulu.”

Uyahleka, uyanyamalala embotsheni. “Kumele uqaphele. Ungase ugcine uzithole endlini yezifebe e-Nigeria ngoKhisimusi.”

Uhlala phansi futhi, eduze kwembotshana. Izinzipho zezinyawo eziyishumi ezimanikiniki zisondela eduze namehlo wami. “Ngiphelile,” esho.

“Usho ukuthini?”

“Kungenzeka nginesandulela-ngculaza. Umlutha wezidakamizwa. Ngiphelile.’

“Cha akunjalo.’ Izinyembezi zigcwala amehlo wami. Ngiyayikhathalela kakhulu le ntombazane engingakwazi nokuyibona.

“Ngiqedile. Mina … nomntwana.”

“Ungangibizi kanjalo,” ngiyancenga. Ngicabanga ukuthi ukhuluma ngami.

Kodwa uthe, “Ngacishe ngaba nomntwana.”

“Heyi?”

“Evikini eledlule ngichithekelwe isisu.”

“Bakutholele udokotela?”

Uyahleka ngokudumala okukhulu. “Unginikeze insipho.”

Ngibheka phansi emathangeni anegazi elomile. Insipho. Nami uzongilethela? Ingabe izokwazi ukuhlanza ingebhe lesilo singiklebhula, umuzwa ongcolile esingishiye nawo? Ngikhotha umunwe wami, ngisula umudwe ophinki esikhumbeni sami.

Ngale ephasiji, ngizwa izigi ezigijimayo.

***

Sicela umbono wakho: Ingabe intombazane esesimweni sikaTammy ngeke ikwazi ukusindiswa? Ingabe ngempela ‘uphelile’?