Ngilahlela phansi emnyango isikhwama sami. Ngithatha ithambo ebhodweni lasekuseni, bese ngiyalihlafuna. Ngigxisha ipapa ezidlathini zami. Ngiyaphanda, sidle ukudla okufanaya izinsuku ezintathu ezilandelanayo. Ngokuphazima kweso sengikushaye ngakuvala.
Ngibeka phansi isivalo, ngiyavala, kodwa ngisalambile.
Ngiphuza izingilazi ezimbili zamanzi ukugcwalisa isisu.
Ngizilahlela phansi kusofa. Ngikhipha umsebenzi wami wesikole. Kodwa kuyafana ngoba vele sengiyeka isikole.
Ngiyeka incwadi yami iwele phansi. Ngiyayikhahlela. Ngigqolozela isicathulo esisalele kumsebenzi wami wesikole okumele ngiwenze. Ngiyaguqa, ngiyayisula.
Ngempela ngizosikhumbula isikole. Ngiyazi ukuthi ngizosikhumbula.
Kodwa kumele ngisebenze unyaka kwenye indawo, ngibeke imali. Khona mina noXola sizophuma kule nhlupheko esiyiphilayo. Ukukhohlwa, bakubiza kanjalo ngesiZulu. Hhayi lapha, hhayi laphaya. Ngivalelekile endaweni ethize. Akuwusizo lwalutho.
Ngiphumela phandle, ngibuka isitaladi. Ngicabanga indlela engizokubeka ngayo kuXola. ‘Sizokwenza icebo lakho lisebenze, Xola. Ngisho ukuthi, kunzima.’
Icebo lakhe lebhizinisi limenze waba owesibili ekholishi yakhe yebhizinisi. Icebo kwawukuthi athenge indlwana yamasondo ku-Gumtree, bese umphathi wakhe uKanelo akhe amakhompuyutha amabili bese ewabiza izinkulungwane ezimbili zamarandi iyodwa, bese-ke ehamba emaphandleni ase-Eastern Cape, nge-Inthanethi. Abantu baphume emakhaya wabo, bakhokhe amashumi amane amarandi ngehora ukuze nje babone abathandekayo babo kwisikrini, bakhulume nabo ku-Skype. Injongo ukwenza imali ebonakalayo kuyilapho usiza ukupholisa ukwahlukana okubangelwe imisebenzi yokufudukela kwezinye izindawo.
Ngizomkhumbuza: Hawu kodwa Xola. Umama wethu washona etekisini yebanga elide, ezama ukuxhumana nathi’.
Ngilokhu ngiphindaphinda amagama wami. Kodwa usisi wami akakafiki. Umngane wakhe u-Azila uhlwathuzela ngakimi. “Sawubona Babalwa. Akuwena olanda ingane namhlanje?”
“Yebo.”
Namhlanje akulona usuku oluhle. Njengami nje, u-Azila naye ugcwele usizi kulolu suku olushisayo. Uzijikijela emkhukhwini wethu, acishe anyathele izincwadi zami zesikole. Ngiyazicosha.
“Abangikhokheli lutho la bantu.” Naye uzithelela amanzi, uwaphuza sengathi le ndawo akasebenza kuyo yokuwasha izingubo immunce wonke amanzi. “Ngicabanga ukuyeka. Ngihlangane nenye insizwa ethe ngingenza imali engiyenza ezinyangeni eziyisithupha ngamaviki ayisithupha nje kuphela. “Ngiyakucabangela lokho.”
Ngavula izindlebe zami.
“Unakekela izingane ezindaweni zabantu abanothile eGoli phakathi namaholidi wesikole. I-Au Pair.”
Unambitha igama lesiFulentshi sengathi udla okuthize okumnandi.
“Amakhulu amane amarandi ngosuku, izinsuku eziyisithupha ngeviki.”
Ngisho ngibala. “Izinkulungwane eziyishumi nantathu zamarandi lezo!” Ngicishe ngamemeza. Inhliziyo yami ishayela phezulu sengathi kade ngigijima. “Ingubani le nsizwa?” Ngiyabuza.
“Umuntu okahle. Unesithakazelo?”
Ikhanda lami livuma sengathi limiswe ukuthi lithi ‘yebo’. “Ngiyacela Azila,” ngiyancenga. Konke kuza kuphophozela; kade ngicabanga ukuyeka isikole, kodwa uma ngingakwazi ukuthola leyo mali emavikini ayisithupha nje, ngeke ngi…
U-Azila unikina ikhanda lakhe ngokunamandla. “Ngeke ukwazi ukuyeka isikole, usisi wakho uzohlanya.”
Ukhipha ucingo lwakhe, uyawuchofoza. “Sawubona, u-Azila. Ngihlangane nawe izolo ekhefi? … Usisi kamngane wami, uBabalwa, unesithakazelo kakhulu. Uzijwayele izingane, uhlakaniphile. Unesithakazelo ngempela.” Kuthula kancane. “Kulungile.”
Unginikeza ucingo.
Indoda iyazizwa, ikhululekile. “Sawubona ntokazi, asikhulume ubuso nobuso. Uhlala kuphi?”
Ngaphakathi ngizizwa ngingakhululekile. Kodwa ngilungisa kahle izwi lami, nginikeza indoda engingakaze ngiyibone ikheli lami.
U-Azila uyahamba.
Ngemva kwesikhathi, kufika uXola ephuma emsebenzini wakhe wasemkhukhwini we-Inthanethi. Amehlo wakhe abomvu futhi akhathele. “Ngenkathi ngimlanda, inabukeni lakhe kade limanzi tè.” Unikina ikhanda lakhe. “Kumele ngithole ikhreshi engcono.”
Uzama ukuyekela uThandi kodwa umnamathela njengenkawu. Ngishaya izandla zami, bese ngiyazikhipha. “Woza Thandi,” ngiyacula. Uphonseka ngakimi, ushiya ukukhathala kukamama wakhe ngokumomotheka kwami. Ngigxumisa izingqa ezimanzi zikaThandi ngasokhalweni lwami, ngicula “Udoti, udoti, udoti!’
“Yini ngawe? Usemathandweni yini?”
Njengoba uXola ephakamisa isivalo sebhodwen ngikhuluma ngokushesha, ngivala indaba yokuthi ngikushaye ngakuvala ukudla. ‘Angifuni ukujabula ngeze kodwa… ” Ngiqala ukumlandisa ngethuba u-Azila akangitshele ngalo.
Uyangigqolozela ngaphezu kwehlombe elithambile lengane yakhe.
“Ingabe kuphephile? Ngisho ukuthi, into yangempela?”
“Kodwa yini engenzeka nje? Noma sekuthiwani.”
Ngisho izibalo, ngimdida ngezibalo. Ngimbhekile njengoba ukukhathazeka kwakhe kujika kuba ithemba.
“Hewu! Ngempela?”
Uphakamisa ingane, uqabula isisu esithambile sikaThandi. “Hewu, Nkulunkulu.” Amagama wakhe ahlanganisa umthandazo nokunxusa. “Ngiyesaba ukubeka ithemba.” Uyaqalaza. “Ukuphi?”
Ngiyahleka. “Uzoza ngoLwesithathu. U-Azila ukuhlelile konke.”
* * * * *
Igame lakhe nguLiwa. Unobuso obumaholo kodwa uhleka kahle. Ufika ngaphambi kwesikhathi akasibekile. Uyisigora, uyaphapha, ugqoke ibhulukwe nejezi lakhona elimsomu elehliswe kancane ezinqeni zakhe, kodwa hhayi ngendlela engenaso isizotha. Amateki wakhe amasha we-Nike abanyezela umbala omhlophe ezinyaweni zakhe. Ungusomabhiznisi, nakanjani. Lawo mateki we-Nike awashibhile phela.
Uhlala phansi emkhukhwini, uyaqalaza. Amehlo wakhe ahlangana nendondo ecwebezelayo kasisi wami. “Ngeyakho, Babi?” Ufushanisa igama lami.
Ngiyahleka. “Usisi wami waba ngowokuqala esikoleni sebhizinisi.” Ngiyaqhubeka, kodwa ngebhadi, “Wakhulelwa ekugcineni.”
“Kodwa hhayi wena, angithi Babi?” Nginikina ikhanda lami ngokunamandla.
Ngiqala ukumtshela ngamaphupho amahle esinawo, mayelana nendlwana yamasondo ye-Skype, kodwa uLiwa akalalelanga. Ulokhu enyakazisa umlenze wakhe, ubheke umphimbo wami, amehlo wakhe ayehla aya kwizinkinobho zehembe lami, ubheke amabele wami.
Uvuma ngekhanda, “Uyakufaneleka lokhu.”
Ngiyamgqolozela; ngimangele. Akazange angibuze lutho mayelana nolwazi lwami lokunakekela izingane.
***
Sicela umbono wakho: Kungani uLiwa angazange ambuze lutho mayelana nolwazi lwakhe lokunakekela izingane?