Ngifonelwa uMgodoyi ebusuku emuva kwezinsuku ezimbili.

“Simtholile uNhlanhla. UseJozi. Angikuthole usulungile, ngizofika kuwena emuva kwemizuzu engamashumi amathathu,” kusho uMgodoyi maqede avale ucingo.

Imoto eyi VW Kombi panel van enamawindi adimile ima esangweni emuva kwemizuzu eyishumi nesihlanu. Kwehla iwindi lomshayeli kuvele indoda ekhulile. Iyangiqhweba ukuba ngisondele le ndoda. Ibukeka iyisikhondlakhondla lendoda, inezinwele ezimpunga. Noma ibukeka iseyintsha ebusweni kodwa kuyangicacela ukuthi eniminyaka engaphezulu kancane kuka 60. Ngiqala ngqa ukuyibona lendoda. Ngisondela ngimangele. Kuthi uma ngiqala ukukhuluma ngizwe izwi likaMgodoyi ligwavumula ngaphakathi emotweni.

“Sheshisa uze nemithwalo yakho, Mandla. Siyahamba manje siya eGoli.”

Ngibuyela endlini ngokushesha, ngiqabule umndeni wami, ngithathe nesikhwama. Ngixhilwa yiphunga lomuthi ngesikhathi ngingena emotweni. UMgodoyi ulele unabile kumatilasi esikhaleni esingemuva kwezihlalo zaphambili. Kukhona omunye umatilasi eceleni kwalona okulelele kuwo uMgodoyi.

“Wena uzohlala kulomatilasi,” uMgodoyi ukhomba lo omunye umatilasi. “Angeke sime ndawo. Akukho kudla esizokuthenga, angeke sisebenzise ama-toilet size sifike eJozi. Angeke sizifake engcupheni yokubanakala kuma-surveillance camera asema-tollgates namagaraji kaphethiloli. Enye into okufanele uyenze ukuthi ucime ifoni yakho njengamanje. Uzoyivula futhi uma sesibuyile la.”

Ngihlala kumatilasi. UMgodoyi unyakaza kancane kowakhe umatilasi liphinde lingixhile futhi iphunga lomuthi. Kuyacaca ukuthi leli phunga liqhamuka kuMgodoyi. Ngiwazi kahle lo muthi. Izinyanga zigeza ngawo umuntu uma lowo muntu eyobulala. Ngibuka uMgodoyi enyakaza ngokungakhululeki kumatilasi. Ngiyazi ukuthi lomuthi uyancinza esikhumbeni futhi kufanele unganwayi futhi ungawugezi ukuze usebenze kahle. Ukunwaya kuwenza uncinze kakhulu kunakuqala emzimbeni.

Mgodoyi – ubhatomu, onesizemazema sekhanda elisiphongomakhona – ungibuka ngobuso obunganyakazi nakancane uma ekhuluma. Udla umhlathi njengoba elalelisisa ukuncinza komuthi. Kuthi thaphu futhi iphunga lomuthi kungicacele ngokusobala ukuthi asiyi ukuyolanda imali kuphela kuNhlanhla, kodwa futhi siyombulala.

“Awusho. Kodwa khona ukumcela umcelile?” Ngibuza uMgodoyi emuva kokuphakamisa ikhanda ngibone uphawu lomgwaqo olubhalwe ukuthi, Howick 10.

“Ngimcelile? Ukhuluma ngani, Mandla.”

“Phela ngiyalizwa iphunga lomuthi, Mgodoyi. Ngiyazi ukuthi owani lomuthi. Ngibuza ukuthi ikuchazelile yini inyanga yakho ukuthi kufanele ucele impilo kaNhlanhla edlozini lakhe? Ukwazile ukumhlinzel-”

“Wena uma ucabanga ngenze kanjani? Ucabanga ukuthi ngiyimfundamakhwela? Kade ngangiyihamba lendlela, Mandla. Ngimcelile uNhlanhla edlozini lakhe. Ngimhlinzele imbuzi ekuseni ngovivi.”

“Kuhle lokho.”

“Kuhle lokho? Ungazozenza umpetha ngami wena Mandla. Zonke lezi zinto engizenzayo ngizenzela ukulungisa amaphutha akho. Ungazozenza umpetha kumina wena.”

“Angilwi nawe, Mgodoyi. Bengizibuzela nje. Ukuthi sengabona abantu abaningi be-”

“Awuvale lomlomo wakho, Mandla. Ngisho nasemaphusheni akho awusoze wakwazi ukulwa nami.”

“Kahle wena Mgodoyi!” kusho umadala oshayela imoto. Ungibheka esibukweni asheshe angithole umadala. Uphakamisa ibhodlela likagologo omhlophe athi, “Ungamnaki lowo, Mandla. Udlala lomuthi abamgeze ngawo. Shaya la ukhohlwe uyena.”

Ngiphakamisa ibhodlela likagologo ngiphuze. Kuba ugugwinya amathamu amabalwa ngibuzwe ubuthongo bunginyonyobela. Zwi!

***

Sitshele umbono wakho: Ucabangani ngalento eyenziwa uMgodoyi, yokuthi ahlinze imbuzi yokucela impilo kaNhlanhla emadlozini kaNhlanhla?