Ngaqala ukuthanda ukugijima ngesikhathi ngiphuma ejele ezinyangeni eziyisithupha ezedlule. Ngaphambi kokuba ngiboshwe, eminyakeni eyisihlanu eyedlule, wawungeke ufise ukuhlangana nami ngoba ngangiyindlavini yesigebengu. Empeleni kwamina ngangingeke ngifise ukuhlangana nomuntu owayeyindlavini njengami.

Ngesikhathi i-psychologist yasejele ingitshela ukuthi ngiphethwe ukugula okubizwa nge-Antisocial Personality Disorder ngaqala ukubona lapho, ngaqondisisa ekugcineni, ukuthi kungani ngashiya izibazi ebusweni nasemiphefumulweni yabantu engahlangana nabo empilweni yami. Ebusheni bami ngagwaza ngathatha imiphefumulo yabantu abathathu. Impilo ngayinye engayithatha iwumqhele ngokwempilo yobugebengu kodwa awuthi ngikutshele ukuthi lowo nalowo mqhele usinda sengathi uwubhejane emphefumulweni wami. Ngesikhathi ngigwetshwa iminyaka emihlanu eWestville prison ngamacala okugqekeza izithabathaba zemizi yaseBallito ngathola ukuthi imisebenzi yami isingihambele phambili, sengiyaziwa ejele. Ngamukwelwa ngezingalo ezivulekile ezinemibhalo yemimese econsa igazi ejele; ngamukelwa iqembu lezigebengu ezingama 27.

Ngakhulela emgwaqeni. Ngikwazi ukubona isigebengu siqhamuka kude le ngokuhamba kwaso kuphela. Ngikwazi ukulamula impi ngokumisa isithupha sama 26 nenkombane yama 27. Ngabe yini engicabangisa ubugebengu? Futhi namhlanje kuzo zonke izinsuku? “Kwamukele, kuyingxenye yempilo yakho. Yebo, kuyingxenye enkulu yomlando wakho kodwa buka phambili manje ngoba umlando usele ngemuva, manje buka ikusasa,” kwasho i-psychologist sigcina ukubonana nayo ngaphambi kokuba ngiphume ejele.

Manje kakhulu kunakuqala ngikhumbula izeluleko zayo i-psychologist. Ngijeqeza emuva kulentatshana engisanda kuyigibela, ngishiye konke okuwumlando wobugebengu le ezansi ekuqaleni kwayo. Ngifaka umoya ngisubathe kakhulu emgwaqeni oqondile ngilibangise emzini onamagumbi amabili esiqashe kuwo noGugu, intombi yami kanye nendodana yakhe eneminyaka eyisithupha, uLihle.

Ngizwa uLihle engena ebhavini maqede azihlalele anganyakazi emanzini ngesikhathi ngilula imilenze emuva kwendlu. Kudlula umzuzu owodwa, lutho ukunyakaza kwamazi ebhavini.

“Lihle! Akobe uyageza lapho! Ngeke ngibe-late ngenxa yakho mina!” kumemeza uGugu. Uthule cwaka uLihle, akaphenduli. Ngiyazi ukuthi namhlanje olunye lwezinsuku lapho avuke engeneme neze uLihle. Kukhala abutswitswitswi besicabha sase-bathroom njengoba sivuleka ngokushesha.

“Jesu Krestu! Lihle! Awukafaki ngisho nethawula lokugeza emanzini!”

“Ngiyageza nje, Ma,” kusho uLihle kodwa awanyakazi nakancane amanzi.

Ngifika esicabheni sase-bathroom ngokuphazima kweso ngithi, “Ngizomsiza aqedele ukugeza.”

“Uzomsiza?” kusho uGugu, ephethe i-weave esandleni, ikama kwesinye isandla. “Uyamtotosa, Mandla!”

“Hamba, Gugu! Qedela ukuzilungiselela ukuya emsebenzini. Angithi kade kusho wena manje ukuthi usu-late.”

Isiphongo sikaGugu siyashwaqa ngokucasuka. Ungena egumbini lokulala ekama i-weave ngokuhluthuka.

Namhlanje ngizoholela i-tender yokugunda utshani esengiyisebenze izinyanga ezine. Izinyanga ezine ilanga elivutha bhe liphuma liphinde lishonele kumina. Ukushisa kwasehlobo kwaphenduka ungqoqwane weshweza lasebusika mina ngisebenza emgwaqeni kushwibeka izimoto eceleni kwami. Ngangisebenza nsuku zonke; ngihogela uphethiloli notshani obusanda kugundwa usuku lonke. Umsindo wokuduma kwemishini yokugunda utshani kanye nomsindo wezimoto zishwibeka ku-freeway ngisawuzwa uduma ezindlebeni ngesinye isikhathi.

Kodwa konke ukuzikhandla kwami kunenzuzo ngoba namhlanje ngizohola uR 50 000.

***

Sitshele umbono wakho: Ngabe uMandla uzokwazi ukugwema ukubuyela ebugebengwini? Uzokwazi kanjani? Yini obona ukuthi izombuyisela ebugebengwini?