Kuphakathi namabili, uZine uqwashile. Uyathatha uyabeka ngokomqondo. Imali ayitholile namuhla kuButhelezi uzokwazi ukukhokha ngayo irenti kodwa kusamele azame eyokudla kanye nemali azoyifakela unina nezingane ekhaya.

Avuke ekuseni agqoke kanye nabantu abaya emsebenzini. Namuhla uyofesa njengenhlalayenza. Uyehla uyenyuka ungena amabhilidi ngamabhilidi kodwa lutho inhlanhla. Izindawo eziningi zibhaliwe ngaphandle ukuthi aziqashi.

Abone indawo ekudayisa khona ukudla. Angene acele imenanja. UZine ugqoke ngendlela ebukekayo yingakho basheshe bambizele imanenja.

“Igama lami ngingu Zine Gumede. Ngihambe ngifuna umsebenzi.”

“Igama nginguNhlakanipho. Unawo umatikuletsheni?” kubuza uNhlakanipho.

“Cha anginawo ngicela ungiqashe bandla bhuti ngingenza nanoma yini ofuna ngiyenze.”

“Useke wasebenza endaweni edayisa ukudla?”

“Cha, kodwa ngingazama ngiyashesha ukufunda.”

“Sisi, ayikho into engingakusiza ngayo okwamanje. Uma kukhona okuvelayo ngizokufonela ungashiya i-CV yakho lapho ebhokisini,” kusho uNhlakanipho.

Uthe ethi lungu uZine ebhokisini lama-CV kwaphela umoya. Kugcwele inqwaba yama-CV. Kumcacele ukuthi umuntu ofuna umsebenzi kufike kuthi akafake lapha kuphele kanjalo. Aphume ithemba seliphele nya. Adlule esitolo se-schwarma abambe umoya bese ebuyela efulethini.

“Khanya sengikulungele ukungena kulomkhakha owenzayo. Sengizame ngayo yonke indlela ukufesa kodwa angiqashwa.” 

“Unesiqiniseko sokuthi uzowumela lomsebenzi?”

“Kuyobonakala khona. Ngiyohluleka ngizamile. Angeke ngivume izingane zami zilale zingadlile ngisaphila.”

“Uma kunjalo ke ntambama siyasebenza. Ungabe ulala okwamanje ngoba amandla uzowadinga,” kusho uKhanya.

Ihora lesihlanu lishaya eselungele ukuhamba uZine. Uyaqala ngqa ukuhamba noKhanya. Empeleni akazi nokuthi bayaphi. Uncede wezwa elemali nje washona khona. Bangene emotweni ka-Bolt iyobabeka e-Halmits Club.

Uma befika bathenga obhiya ababili bahlale phansi. Abantu abaningi balokhu bebingelela uKhanya kuyacaca ukuthi uyaziwa kulendawo. Kuthe kusenjalo kufike amadoda amabili agqoke amasudi nezibuko ezimnyama. Lumuthi heqe uvalo uZine.

“Sanibona zintokazi,” kusho eyodwa yamadoda.

“Ninjani? lona umngani wami uZine. Zine lona uThabang no Sandile,” kusho uKhanya.

“Ngiyajabula ukunazi,” kusho uZine ngamahloni.

Bahlale isikhasana kuphuzwa, uKhanya noSandile bavalelise. Ngokuphazima kweso uZine uzibona esesemotweni noThabang beya emzini wakhe e-Sandton. Enye inhliziyo ithi makayeke yonke lento athathe izimpahla zakhe abuyele emakhaya. Enye inhliziyo ithi akabekezele acabangele lemiphefumulo emithathu ayiletha emhlabeni.

Nebala bafika emzini kaThabang. Lomuzi mukhulu impela kodwa ungcolile. Upende odongeni usuyahlephuka. Amakhabethe nosofa bakhona bagcwele izintuli. 

“Ingabe konke kuhamba kahle?” kubuza uThabang ebona uZine eqalaza.

“Yebo ungakhathazeki ngami,” kuphendula uZine.

“Ngibona uthule nkosazana.”

Nebala bayakwenza abeze ngakho. Ekuseni uZine ubuyela endlini. Ufika uKhanya esefikile epheka.

“Nansi imali yokudla,” kusho uZine.

“Kwangathi awujabulanga nje?” kubuza uKhanya.

“Yini ezongijabulisa ngalempilo engiyiphilayo. Kumele ngivule imilenze ukuze ngithole imali,” kusho uZine esula izinyembezi.

“Isemhlabeni lana kumele wenze nanoma yini ukuze uphile. Ungavumi ukuba isahluleki. Wena uzophindela emakhaya ungenalutho? Uzophindela kini nezingubo kuphela? Abazali balindile ukuthi thina sibakhiphe ekuhluphekeni ngakho ke ukukhala angeke kukusize ngalutho Zine.”

“Mina anginaso isibindi esifana nesakho Khanya. Ngiyahluleka unembeza uyangilahla.”

“Kuyacaca ukuthi uzodla wona unembeza wakho lowo.”

Sitshele umbono wakho: Uthini ngendlela uKhanya abuka ngayo impilo?