Ekugcineni, uNeo walunguza ngefasitela lapho okwakukhona ugogo omdala, onezingalo eziqinile kanye nezinwele ezibheke phezulu njengamagatsha esihlahla, owavala incwadi, wagoba ukuze aqabule umfanyana amfisele ubusuku obuhle.

neo-15-col-lores

UNeo wacabanga ngeqele kanye nezihlahla kanye nezintuthwane kanye nomfula. Kanti ngesikhathi ebuka isalukazi, uthingo lwenkosazane lwakhanyisa leyo ndlu encane ngemibala egqamile efana naleyo yesithombe esisencwadini yendaba. UNeo wacabanga ngalolu hambo olunezigameko olwalungaphakathi kwamakhasi encwadi yendaba eyayithandwa nguGogo, wabuye wacabanga ngoGogo noMbali le ekhaya.

Ngakho uNeo wasuka encwadini, wangena embhedeni wakhe ofudumele, egumbini lakhe anethezeka kulo, ekhaya lakhe elincane.

Yingakho, njalo lapho umhlaba ubukeka umpunga, negumbi lakhe libukeka lilincane kakhulu, uNeo uvele avule incwadi. Ungena emnyango ophakathi kwamakhasi encwadi, bese eya emhlabeni omkhulu, obanzi.