USonny nabangani bakhe bebelokhu becabanga ukuthi uMgwaqo uLong wumgwaqo omuhle ukuyedlula yonke emhlabeni ngoba yilapho abadlala khona imidlalo emihle kakhulu yekhilikithi! Bonke omakhelwane bayakuthokozela ukubabukela bedlala– ngaphandle kukaMnu Peterson. Uma ngabe ibhola labo ligcina selisesivandeni sakhe, sekuphelile ngalo, lihambe unomphela. Manje izinto ziyaguquka– izingane ngeke zisakwazi ukudlala ikhilikithi kuMgwaqo uLong. Ngabe uSonny nabangani bakhe bazoyeka bangaphinde badlale umdlalo wekhilikithi?
This story is also available in the following languages:
English
Afrikaans
Sesotho
Sepedi
IsiXhosa
***
This story was provided courtesy of the Nal’ibali reading-for enjoyment campaign. For information about the campaign, or tips and ideas on how to read and share stories with children, visit www.nalibali.org