Kwasukasukela.
Emandulo kwakukhona izinsizwa ezazilahlekelwe yizinkomo.
Zahamba, zahamba kwaze kwahlwa zihamba zifuna izinkomo.
Kwathi sekuhlwile, babona umuzi okhanyayo.
Bavumelana ngokuthi kungcono bayocela indawo yokufihla ikhanda.
Bafika bangqongqoza bavulelwa, bangena.
Kodwa uma sebengaphakathi bangabona muntu.
Kodwa bezwa izwi libabingelela.