pic17

Amadoda abuye aqonqothela amapulangwe ewindini angikhiyela ngaphakathi endlini. Kodwa babengakavumelani ukuthi bazokwenzenjani. Ngangisabezwa bephikisana futhi.

Indoda eyayibhema kakhulu yayifuna ukungidedela. Umshayeli wayesaba ukuthi umngani wami uzobuya namaphoyisa. Kanti umholi omubi, yena wayefuna imali yokusihlenga.

pic18

Emva kwesikhathi eside, ngezwa ukungqongqoza okuncane ewindini elifile ngaphandle. Kwakhuluma izwi lomuntu omdala lithi, “Ungesabi. Amaphoyisa asekhona. Lala phansi, umboze ikhanda, unganyakazi.”

pic19

Angisaqondi ukuthi yini eyalandela emva kwalokhu. Kwenzeka konke! Amadoda amangala lapho amaphoyisa engena ngodli endlini ayehlezi kuyo. Kwaba nokumemeza, umsindo omningi nokuqhuma kwezibhamu.