Ngazibonela ngingena egcekeni ukuthi yikhaya lamakholwa leli. Umbhalo osodongeni wawuthi: ‘I Belong To Jesus’. Izithombe zikaJesu zazikhona yonke indawo – ubuso bakhe epholile ewashini odongeni. UMariya kwesinye isithombe wayebuka ngamehlo aluhlaza okwesibhakabhaka. UJesu futhi, wayebazwe wanto yinye nesiphambano sokhuni. Esithombeni esikhulu kunazo zonke kwakunguMariya noJosefa bebuka ingane uJesu, izinwele zabo bonke zaziphuzi okwelanga lisanda kuphuma. Khona lapho, kodwa eceleni, kwakukhona isithombe sikaSango noDumisani nabazali babo bedle ingqephu yangeSonto bebukeka bejabule, ngaphandle kukaDumisani. UButter yena wayezindwazele nje, kungathi ulahlekile emehlweni akhe.

Abazali bakaSango bangemukela kamnandi ngenkulu inhlonipho eyangenza ngazibuza ukuthi kwenzeka kanjani ukuba bakhulise umbulali. Kwagqama ubuhlungu bokukhathazeka emehlweni kayise lapho engibuza ukuthi ngize ngaluphi udaba.

“Singakusiza ngani ndodana?”

“Baba igama lami nginguKhulekani, sasifunda naye uSango. Ngifuna umfowethu, uSimphiwe, owagcina ukubonakala ehamba noDumisani. Bengithi uDumisani angaba nolwazi lokuthi ukuphi.”

“Ngiyakuzwa ndodana, kodwa kwathina samgcina ngoLwesihlanu sihamba ngezesonto uDumisani lowo. Lezi zingane, madoda, azikabuyi nanamhlanje sekunguMsombuluko! Wake wezwaphi ingane ena-16 inyamalala impelasonto yonke? Lo wami yena uhlupha kakhulu, futhi bangafika nanini abasemajele bezomfuna, kube nenkinga uma bengamtholi. Angikaze ngimbone umuntu ongenandaba nempilo yakhe njengoDumisani.”

“Nathi ekhaya sinenkinga efanayo.”

“Okubuhlungu ukuthi bahamba emnyameni, abafuni nokuyizwa indaba yenkolo. Bazihlanganisa nazo zonke izilingo lezi. Impilo engenakho ukwesaba uNkulunkulu akuyona impilo.” Amehlo akhe ajeqeza isikhwama sami sezincwadi, “Wena, ndodana, uphuma esikoleni?”

“Yebo, baba, ngifunda eMangosuthu.”

“Ufundelani khona?”

“Ngenza iTourism.”

“Iyona ndlela leyo, ndodana. Abekho opotsho empilweni, imfundo nenkolo nje kuphela. Ukhonzaphi?”

“SingamaKhatholika.”

“Kuhle impela lokho, mfana wami. Ibambe kanjalo, ngeke uphambuke ngemfundo engqondweni noJesu enhliziyweni. Uzongishiyela inombolo yakho. UDumisani uzokuthinta uma ebuya.”

“Ngabe ungisize kakhulu, baba, ngoba uyafa ukukhathazeka umama ekhaya.”

“Mama kaDumisani, ngicela ungilethele idayari yami,” ememeza.

Ubaba kaSango wayephethe uhlobo olusha lukamakhalekhukhwini kodwa wayesakholelwa ekubhaleni izinombolo kudayari yakhe. Eyakhe inombolo ngayifaka kowami umakhalekhukhwini esatabalasela ukusukuma angikhiphe egcekeni lakwakhe.