Ngedlula ngasebhusha ngathenga inyama ngemali engangiyenze emsebenzini. Ibhusha elinenyama enhle vele lingakwaSango. Ngangizobulala izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa – ngithole inyama enhle, ngibuze nangoDumisani.

Ngashaya ingidi yasesangweni lakwaDumisani isikhathi eside kungaphenduli muntu. Ngezwa sengimenyezwa umama ongumakhelwane.

“Abekho, bahambe nesonto impelasonto yonke. Bazame kusasa.”

“USango yena, ukhona nje?”

“Selokhu kuqale unyaka usebenza eRichards Bay uSango.”

“Umfowabo omncane, uDumisani?”

“Ngiphendula bani mina? We ndodana wena ungubani?”

“Ngiyaxolisa ngokungazibiki. Igama nginguKhulekani, ngangifunda noSango.”

“Ngiyabona. UDumisani ngamgcina ngoLwesihlanu eshiya okhiye basendlini nami.”

“Awunayo inombolo yakhe yocingo?”

“Lutho, akanalo ucingo. Udla iwunga phela lowo. Abazali bayamthengela ucingo yena aludayise athenge lo shevu abawubhemayo.”

Ngabonga ngosizo lwakhe, ngavalelisa.

Ngafika ekhaya kunuka kamnandi ukudla kwangeSonto. UMama wayesanda kuqeda ukupheka. Ngamxoxela ukuthi ngihambe kanjani kodwa angishongo ukuthi wayebhaxabula abantu lapho kudayiswa khona iwunga. Ukuthi uSimphiwe wayesedla iwunga kwakubuhlungu ngokwanele, sasingekho isidingo sokuthi ngiqhubele phambili lobo buhlungu ngokumtshela ukuthi wayesezwana nombulali.

“Kuthiwa bahambe ngemoto yomunye wabangani bakhe. Ngicabanga ukuthi baye edolobheni ngoba bekujatshulwa kakhulu eThekwini ngale mpelasonto. Ngibheke komunye wabangani bakhe angitholanga muntu, ngizophindela kusasa.”

Kwehla kancane ukukhathazeka ebusweni bakhe.

Kodwa phezu kwalokho kwakuwusuku olumuncu. Angidlanga. Kwakunuka kamnandi impela ukudla okwakuphekiwe kodwa ngavele ngakhohlwa yindaba yokudla. Ngazumeka phezu kwezincwadi zami ngavuka ngijulukiswe iphupho elesabisayo.

Kulelo phupho imoto yohlobo lwe Golf 1 eluhlaza yayisha ingqongqa emalangabini.