Kwase kuneminyaka emibili ngagcina emijondolweni, yingakho ngangethuswe ubuningi bemijondolo nje. UBoy Boy wayengiyalele kahle, ngawubona ngiphezulu okaBheka. Endleleni eyehlayo ngabona abantu abambalwa esasifunda nabo esikoleni.

Esidlidlini semijondolo yokhethe, uBheka wayakhe ngesitini wafulela ngamathayili. Lo shevu oyiwunga ayewudayisa uyizijumbana emaphaketheni – ngabona ewudayisela abafana ababili abangangoSimphiwe.

“Umfowenu ubambise ngomakhalekhukhwini wakhe wathatha iwunga eningi. Ukhiphe ikhadi wahamba nalo. Angazi ukuthi uqhubekele kuphi ngoba bekugcwele kuphithiza la ngoLwesihlanu. Ngiyakhumbula kunobuxokoxoko ngezwa ukuthi kunempi eqalwe nguye, kodwa nami bengimatasatasa ngidayisa, kanti phela ayenzekanga la leyo mpi, yenzeke lapha emgwaqweni. Yitshele intwana iphole. Usemncane uSimphiwe kodwa izinto azikhulumayo zindala kakhulu kunaye,” kwasho uBheka.

“Njengani nje?”

“Kulezi zinsuku uhlanyiswa indaba yenombolo. Uze afole amise izithupha, ungafunga ukuthi wake waboshwa.”

Ngathenga ugwayi kuBheka ngahlala ezitebhisini ezingenela kwakhe ngawushisa. Okungumfanyana kwenyuka kwama phambi kwami kwasondeza isandla. Wangixhawula ngokukhulu ukungazi kodwa mina kwathatha isikhathi eside ukuthi ngimfanise. Kwakuwumfowabo womngani wami esasifunda naye esikoleni. Emuva kokubingelelana ngambuza ukuthi akaze ambone uSimphiwe na.

“Ngimgcine ngoLwesihlanu ehamba noDumisani. Kube nempi kodwa ibiqalwe uDumisani, uSimphiwe ubelwa nje ngoba evikela uDumisani. Iwunga isishaya ngezindlela ezehlukene. Mina nje nabaningi esibhema nabo isikhathaza amathambo, kodwa uSimphiwe imnika umfutho. Umbona yonke indawo, emaphepheni nakumadayisi. Salamula kodwa umfowenu walokhu eqhubekile. Ilo mkhalambhazo wakhe omenza azibone eyiqhawe, futhi selokhu ezwana noDumisani uzibona engathinteki. Usebenzisa ubunswelaboya bukaDumisani njengehawu kanti lo mfana amephule ikhala naye u uyisigebengu. ”

“Ubani manje uDumisani?”

“Uyamazi, uhlala ngasebhusha. Wawufunda nomfowabo omdala, uSango.”

“Usho leso sidudla esinguSango?”

“Sewancipha emuva kwale nto eyenzeka ngonyaka odlule. Uyazi ukuthi wenzani ngonyaka odlule?”

“Yebo, ngiyakhumbula.”

“Injalo le ndaba. Ngiyaphuthuma, kuhle ukukubona, kade ngakugcina. Awunawo u-R5? Ngafa ukuqaleka.”

Angikhumbuli ukuthi ngamnika yini imali noma angimnikanga. Akukho okuningi engikukhumbulayo ngaleso sikhashana ngoba kwathi heqe uvalo sengihlanganisa igama nobuso nesenzo. UDumisani, umfowabo kaSango, isidudla esamangaza ilokishi lonke sibulala umuntu sineminyaka engu-14.