Ngangigijima ngiphuma ekhaya, ngethuswe okwakushiwo uMama. Ukuqina kwezwi ngaphambi kokukhala nezinyembezi kwangewthusa. Kodwa uSimphiwe vele wayedlebeleka, ezinyamalalela ngempelasonto; ngangingaboni simanga. Wayezozibuyela, njengoba ayejwayele, ngoMsombuluko noma ngoLwesibili.

Ukuphenduka kwempilo yomfowethu kwenzeka ngokuphazima kweso. Njengomnewabo kwakubuhlungu ukumbona elahleka phambi kwamehlo ami. Amanga, ubusela, ihlazo nje ayesifaka kulo. UBaba nje kakhulukazi, ngiqinisekile ukuthi wayengeneme emangcwabeni aseRed Hill, lapho eyelele khona.

Ngavula i-airtime voucher ngacabanga ngamateku ami. Emasha nokwenza, emxega nokumxega. Ngawajulukela, ngihambisela abantu ukudla neziphuzo uma ngiphuma esikoleni. Ukuhlupha kukaSimphiwe kwakwenza kube lukhuni ukufunda ekhaya. Ngangihlala nabangani endaweni yabo yokuhlala edolobheni, ngiya ekhaya ngempelasonto kuphela. Ukwenza nje kwami kwakunenzuzo ngempela ngoba izifundo zami zazihamba ngokushelela, ngizophothula ngokushesha.

Amanzi abandayo asebhodleleni adambisa ibhabhalazi elalingixinile – sasithe ukushaya impilo kancane ngayizolo nabangani bami, ngangena endlini sekuzosa. Ngacabanga ukuthinta isiphalaphala sentokazi engangisibone ngayizolo edilini; Kwakungebona ubuhle bomuntu lobuya, kwakunguphuma langa sikothe!

Ngifaka i-PIN yomoya ocingweni lwami, ngabona la mathanjana awu-Boy Boy ehamba nomunye umngani wakhe bephephezela kungenamoya. Kwakubonakala nje ukuthi bayadunyelwa, abazi ukuthi baya kuphi. Ngasondela, kwangicacela ukuthi bafile ukuqaleka.

“Nike nambona uSimphiwe?”

“Cha. Eish!,” uBoy Boy wabamba esiphundu.

“Kwenzenjani, Boy Boy?”

“Asikaze sithi mbibi namhlanje. Awusize phela, ziyangibulala izinhlungu esiswini. Ngizwa namathumbu ebopheka abe amafindo. Isiphundu sibanda qa, umzimba wonke uyaluma. Ngiyakucela bandla, Khulekani, ngishoda ngo-R5 kuphela. Ngiyakuncenga, mfowethu, ngizokubuyisela ntambama. Yazi ukuthi kufanele siyopenda uphahla komunye umuzi, kodwa akusebenzeki singakabhemi. Ngizokukhokhela ntambama, ngiyazincengela.”

“Bengingakunika, Boy Boy, kodwa wena awungisizi ngale ndaba kaSimphiwe. Nakanjani uyazi ukuthi ukuphi kodwa awufuni ukusho.”

“Ayikho leyo nto, akunjalo! Akasabhemi nathi uSimphiwe, sekuphele isonto lonke singamazi. Mbheke kwa-merchant.” UBoy Boy wazenwaya kakhulu kunakuqala, kwakungathi uzozixebula isikhumba.

“Kambe ubani igama le merchant? USkhumbuzo?”

“Hhayi kwaSkhumbuzo, kwaBheka emjondolo. Ubhema lapho manje, ngizwe kuthiwa ubelwa khona”

UBoy Boy wangiyalela kwaBheka waqhubeka nokucela imali. Ngendlela ayebukeka esezinhlungwini ngayo ngagcina sengimnikile lowo R5.

Ngafonelwa ngumngani wami. “Lalela la, mjita. Sijika ikhona la ngakini, sizokulanda”

Isiphuzo esisodwa sokuthiba inxano ngiqede ibhabhalazi saphenduka imvula yotshwala obagcina bungingenisa ekhaya ngentathakusa.