Ezinsukwini ezimbili ezilandelayo, sacinga sakhathala nomalume uClive. Sathubeleza izibhedlela nezindawo zewunga sibhekana noSimphiwe. Ubuthongo ngangingasabazi, ngiphila ngokuhlephula emotweni siguduza singamtholi. Kwakungapheli imizuzu eminingi ngihlephulile ngoba ngangivuswa okwakuvela ebuthongweni – ngibona uSimphiwe elufifi , evela kancane asheshe anyamalale.

Ngavuka imoto imile, umalume uClive engibuka ngqo emehlweni. Sasilinde kushintshe umbala ube luhlaza sihambe. Umalume wangibuka emehlweni noma sesivulelwe kwaba luhlaza sahamba.

Wathi, “Mshana, kufanele sizame ngenye indlela. Kunabantu abaneziphiwo la ngaphandle, abantu abanosizo ngendlela yesiZulu. Kukhona okuthiwa uyabathola abantu abalahlekile, ungapha ezansi ePort Shepstone. Ngiyazi udadewethu uyikholwa kakhulu akakholelwa endleleni yesiZulu kodwa isimo siyaphoqa ukuthi sizame konke. Sisindisiwe noma singasindiswanga, ekugcineni singabantu abamnyama.”

“Ngiyamphupha selokhu anyamalala, kodwa kwenzeke kakhulu kulezi zinsuku ezimbili ezidlule. Ngimphupha engafuni ukuphenduka angibheke, anyamalale uma ngisondela. Okungasiza, malume, kumele sikuzame.”

“Kufanele sisheshe ukuvuka kusasa ngoba ePort Shepstone kuyindawo ethe ukuqhela.”

Umalume wathula isikhashana, amehlo akhe ebheke umgwaqo, wathi, “Kufanele siqale nokubheka emakhazeni. Uma kwenzeka abe lapho, kungcono ukumthola manje kunokumthola sekudlule isikhathi eside.”

Ngalobo busuku ngacima ucingo ngakhala. Ngazama ukulala ngithi ngizomthola emaphusheni ami uSimphiwe.Ubuthongo bangicashela ngazithola ngigqolozele umdwebo wakhe osodongeni lapho ayedwebe khona ichibi. Ngabona sengathi ichibi liyanyakaza, ngaphendukela odongeni olungakimina olungenalutho. Ngangethukile ngivevezela, ngizibuza ukuthi ngempela sekufike ekutheni sihambele izinyanga nasemakhazeni sibheka uSimphiwe yini.

Ngaluvula ekuseni ucingo ngilungisela ukuya ePort Shepstone. Kwakunemilayezo eyishumi nambili evela kuMseshi uShange, nowodwa ovela ku-Anele. U-Anele wayefuna ukwazi ukuthi nginjani empilweni, ebuza ukuthi yini eyenze ngangeza kubhalwa esikoleni, esho nokuthi akumnandi ukufundela ukuhlolwa ngingekho.

Imilayezo kaShange yayizwakala ibalulekile, yonke ithi, ‘Ungithinte uma uthola lo mlayezo’. Angimphendulanga ngoba ngingafuni ukukhuluma ngendaba yokugwazelwa. Ngalunguza ngabona umalume uClive ema ngemoto esangweni. Ngangiphethe isikibha sikaSimphiwe ngoba inyanga yayidinga into ayigqokayo ukuze ikwazi ukumthola. Emotweni sesiphuma eMlazi siqonde ePort Shepstone, uShange wayelokhu engithintile ngocingo. Ngagcina ngimphendulile.

Wathi, “Kukhona umuntu okufanele umbone esinaye la emsebenzini.”

Inhliziyo yami yashaya kakhulu ngijabule ngithi mhlawumbe bamtholile bambopha uSimphiwe. Ngingakakhulumi, waqhubeka uShange: “Lo muntu uthi yena uyazi ukuthi ukuphi umfowenu.”

“Mgcine lapho, siyeza manje,” ngitshela uShange.

Umalume wayinyathela ngempela imoto, sashesha ukufika.

Ehhovisi likaShange kwakukhona ubaba osekhulile ayehleli naye. Wasazisa kuye.

Lo baba owayezithulele kwakuyinyanga yaseShowe. Wayengelona neze uhlobo ongathi ulubuka nje uthi inyanga – engagqoke buhlalu, engenantshebe, esulekile, eswenkile egqoke izicathulo zeMauri. Igama lakhe kunguManqele. Ngezwa ukuthi uyinyanga edumile. Waqala ukwaziwa ngezikhukhula zika-1987 lapho athola khona izidumbu ezingaphezu kwamashumi amathathu ezazemukile. Kuthiwa uManqele wayesho indawo, usuku, nesikhathi ulwandle olwaluzohlanza ngakho isidumbu, kanjalo nemifula neziziba. Isiphiwo sakhe sakhula, ngokuhamba kweminyaka waqala ukuthola nabalahlekile abaphilayo. Ukuthola ababalekile emakhaya, izingane ezedukile, nababhungukele eGoli kwamenzela intaba yemali. UManqele wasibuka wakhuluma ngezwi elisakuhleba elinensayo. Amehlo akhe ahlala kumalume.

“Kuthangi bengihambe ngomsebenzi ngiqinisa umuzi oseduze kwalapha, ePinetown. Kwathi ngisematasatasa nokwenza izinto zami ngavelelwa isithombe emqondweni. Ngikuthole kungejwayelekile lokhu ngoba izithombe zingivelela uma abantu bengicela ukuthi ngibatholele izihlobo ezilahlekile. Kodwa kulokhu kuqale ngesithombe ngingacelwanga muntu. Ngaqeda ukusebenza ngaphindela ekhaya eShowe kodwa isithombe engangisibonile salokhu sivelile, siya ngokugqama. Izolo kuqale izwi elihambisana naso isithombe. Izwi lingitshele ukuthi angize la ngibuze ngabafana abashayiwe. Njengoba sikhuluma nje, ngiyambona lo mfana ngamehlo engqondo. Ugqoke isikibha esiluhlaza, ibhulukwe elimnyama, izicathulo ezimnyama nokubomvu. Ufana nse nalo mfana oseceleni kwakho kodwa yena uyakhanya ngebala.”

“Uyaphila lapho ekhona?” ngabuza ngishaqekile.

“Amehlo akhe avulekile, kunezihlahla eziningi. Ngibekeni lapho senzeka khona lesi sehlakalo, ngizonitholela yena.”

UShange wasibeka endaweni yesehlakalo. Safika kusemnyama, uManqele wama phakathi nomgwaqo isikhashana waqalaza. Ngakhumbula ngaleso sikhathi ukuthi amateku ami –lawa uSimphiwe ayewagqoke engangicelanga – ayebomvu enokumnyama.

“Kade ela, wadlubulundela ezandleni eziningi, wabaleka washona ngapha.” UManqele waqhubeka wehla ngomgwaqo.

Samlandela sonke, wangena ngomunye umgwaqo, saqhubeka sangena kweminye. Sahamba saze safika endaweni engenayo imizi, kwaphela indawo yokuhamba umhlabathi waphenduka iwa. UManqele wama wathula ebuka phansi.

Emuva kwesikhashana wathi, “Uwe la, wabhaklazeka ematsheni ezansi.”

Kwaqala ukukhanya kancane, sabona indlela engcono yokwehlela eweni. Salandela uManqele sehla safika phansi. Saqhubeka sedlula indawana enesikhotha. Laphuma ilanga lasivezela ihlathi elikhulu elaliphambi kwethu.

“Uphakathi ehlathini,” kwasho uManqele.”

Umseshi uShange wabiza amaphoyisa ahamba nezinja ukuthi azosiza ukusibhekisa. UManqele wavele wangena ehlathini sisalinde abezinja. UShange washiya isikibha sangaphansi egatsheni lesihlahla ukuze izinja zisinuke zilandele umkhondo uma sezifika.

Sahlala ezithendeni zikaManqele, samlandela cishe kwaphela ihora. Sibheka, simemeza igama likaSimphiwe. UManqele waqala ukungabaza lapho sifika endaweni evulekile phakathi ehlathini. Wacothoza, wama, wabheka emuva lapho sisanda kudlula khona. Nathi saphenduka sabuka, sabona kuthushuka amaphoyisa amabili – elimhlophe nelimnyama – egijima edonswa ezinkulu izinja.

Izinja zanuka isikibha sikaSimphiwe zasihola. Phambi komfudlana phakathi ehlathini, izinja zama nse kwangathi nazo sezididekile. Enye yakhonkotha ezansi nomfula, enye yakhonkothela phezulu. Amaphoyisa azidedela. Zasuka ziyinhlamvu ziqonde ezindaweni ezihlukene. Umalume walandela eshona ezansi ehamba noShange nelinye iphoyisa, mina ngashona phezulu noManqele nelinye iphoyisa.

Asigijimanga ibanga elide, sayithola ikhonkonta kungathi iyahlanya inja. Ngangibona ukuthi kukhona ekuzwayo ngaphesheya komfudlana. Inja eyayigijime yashona ezansi yabuya iphethe into engcolile ngomlomo, umalume noShange nephoyisa beyilandela behefuzela. UManqele wathatha uthi wasusa udaka kule nto engcolile. Kwavela umbala obomvu nomnyama, izinja zakhonkotha kakhulu kunakuqala, zikhonkotha ngaphesheya komfudlana.

Ngabona umbala omnyama nobomvu ngahlanya njengazo izinja ezazikhonkotha. Ngagijima ngawela umfudlana ngadundubala ngaphesheya, ngamthola uSimphiwe.

Wayelele umfowethu, amehlo evulekile, umzimba uphumule kungathi ushisa obujulile ubuthongo. Ngangithi uyamamatheka kanti lokho kwakwenziwe ukuthi wephuke umhlathi. Umzimba wakhe wawusuqinile, izandla zigongobele. Ukuwa kwakhe eweni kwakumephule ngaphakathi – ebhoboke iphaphu, wahlephuka izimbambo, wephuka nehlombe elibambe isandla sakhe sokudweba. Ngathinta umqala wakhe ngawuzwa ubanda, ngamvala amehlo ngahlala eceleni kwesidumbu sakhe kwaze kwafika abantu basemakhazeni.

Izinhliziyo zethu zemukela ukuthi akasekho emhlabeni, sazama ukuziduduza. “Igeza lensizwa,” kusho umamncane uBusi. “Ubelahlekile umshana wami,” kukhala umalume uSbu. “Kodwa ngaleya ngqondo nesiphiwo uSimphiwe ubengaba noma yini emhlabeni,” kwasho umalume uClive. “Kodwa ngengane yami,” kukhala umama. “Silahlekelwe ithalente langempela,” kusho abaqeqeshi bakhe bokugijima nomkhalambazo.

Ngaphothula izifundo zami ngathola umsebenzi omuhle ongihambisa izwe lonke. Sengizibonile izindawo ezinhle. Njalo uma ngithathwa ubuhle bendawo ngiyamcabanga uSimphiwe, njalo ngiyasho ukuthi uSimphiwe wayengayidweba leyo ndawo ayikhiphe njengoba injalo. Ngilukhumbula minyaka yonke usuku esamthola ngalo ehlathini, ngikhumbule izinto ezenzeka ngalelo sonto kube buhlungu. USimphiwe washiya umgodi enhliziyweni yami. Ngiyazama ukuwugcwalisa ngokumkhumbula kodwa awugcwali.

Iyaphela