Ubuhle, kodwa ngaphezu kwalokho ukuhlanzeka, izinto ezimbili ezangigqamela ngeWestville Hospital. Kwakunuka kamnandi, hhayi leli phunga elisolisayo lezinye izibhedlela. Indaba yemali emhlabeni enye into, ngazithola sengijula. Ukuba sasinawo amandla emali ngabe samletha esibhedlela esinjena nobaba. Bebezomlungisa aphile qingqo. Ngabe uyaphila, asikhuzele uSimphiwe. Babezwana kakhulu nobaba, uSimphiwe wakhulela edolweni lakhe. Wayehlale ejabule ubaba esaphila, uzibonela emehlweni akhe ukuthi uvikelekile.

“Uzobona lo bhuti oseWard 4C, ngicela ungilandele,” kwasho umhlengikazi.

Wayenegumbi lakhe yedwa uDumisani. Ukumemeza kwakhe sakuzwa sisondela. Umhlengikazi wabona ukumangala ebusweni bami.

“Ufuna umuthi wezinhlungu, banjalo phela abezidakamizwa. Kakhulukazi laba bewunga, bayahlupha. Le nto abayibhemayo ibabulala imizwa badinge imithi yezinhlungu ngokuphindwe kathathu.”

“Lawo maconsi akho, ngiyacela. Awungiphinde futhi, ngafa izinhlungu,” kumemeza uDumisani singena.

Imilenze yomibili yayephuke kaningana. Ingalo yesinxele ibanjwe ukhonkolo, eyokudla inomthungo osuka ehlombe uphele esihlakaleni. Isihlakala siboshelwe ngozankosi embhedeni. Ikhanda livuvukele litshekile, lisho ngomunye umthungo esiphongweni. Kwavela, lapho econsiselwa umuthi wezinhlungu, ukuthi bamshaya bamkhipha amazinyo angaphezulu. Umhlathi uboshwe ngocingo. Kusele inyama encane kwenye indlebe, eningi ihambe nesibhaxu. Ngangingakaze ngiyibone into enjeya.

“Ngiyacela bandla, ngaze ngafa izinhlungu,” kuzincengela uDumisani

“Ngisayolanda amaconsi akho, khululeka, ungesabi.”

“Ngikhumbula sisuka eMlazi sifika eClaremont, lutho emuva kwalokho. Angikholwanga bengitshela ukuthi ngishayiwe, bengithi sigingqike nemoto. Baze bangishaya abantu, ziyashaya izinyoni lezi. Ngizwe kuthiwa emilenzeni ngephulwe ngezimbokodo, igoni yangigwaza ubuso yasika indlebe, isando sangephula iminwe,” kusho uDumisani, umhlengikazi esaphumile.

Ngangingamuzwa kahle uDumisani ngoba umhlathi wakhe wawuboshwe ngocingo. Ngasondeza isihlalo sezivakashi ngabona ukuthi ulimele kangakanani. Sengisondele ngabona ukuthi ukulimala kwakhe kwakunyantisa igazi.

Umhlengikazi wabuya wamconsisela amaconsi omuthi wezinhlungu. Ngabona ezama ukuvula izindebe ukuthi babemshaye bamkhipha namazinyo angezansi.

“Ngizwa ukuthi uSimphiwe uphelele emoyeni. Kulungile ungishiyile ngishaywa kodwa ngiyamgcoba, ngiyagcwala ngaye ngoba akaze aboshwe, kodwa uzishova njengesigebengu. USimphiwe uyazi ukuthi inombolo ayihlehli.” kwasho uDumisani.

Waqhubeka nokukhuluma umbhedo wodwa ngomhlathi oboshwe ngocingo. Ngaphezu kwezinhlungu ayezizwa ngabona okuthi unokukhulu ukuziqhenya ngezigameko ezimbeke kulo mbhede wasesibhedlela. Wayezibona ekhula, kungathi wenze into enhle ngokwengqondo yasejele eyayimbusa. Wasiza umuthi wezihlungu washesha ukusebenza ngoba lo mbhedo ayewukhuluma wenza ngafisa ukumthulisa ngesibhakela. Wazumeka kodwa nalapho wayesenakho ukuzitshela ebusweni obutshekile. Ingalo yami yokudla ngayibamba ngeyesinxele ngoba eyokudla yayifuna ukumklinya imbulale.