Ukungqongqoza esicabheni sasekhishini lasekhaya kwakungenawo umsindo, kungenamfutho kodwa kukhona into eyangitshela ukuthi kumayelana nomfowethu omncane, uSimphiwe. Sasilala gumbini linye naleyo nkathazo eneminyaka eyi-15 kodwa esisehlule. Ukusehlula kwakhe kwashesha kakhulu –ezinyangeni ezintathu nje wasuka ekubeni ingane eyethembisayo wavele wanhlanhlatha nje. Ngiyaluqalekisa usuku aqala ngalo ukubhema iwunga. Lowo shevu wabo wamphendula isela. Ngake ngamphikela ngaze ngamlwela nokumlwela kusaqala amahebezi okuthi uyantshontsha. Ngacishe ngephuka izandla ngimlwela, kanti wayebile ngempela. Ngamqhasa ngempama lapho entshontshe wadayisa umakhalekhukhwini wami. Ngahanjelwa ingqondo ngamlahla phansi ngesibhakela ethathe imali ngozwane esikhwameni sikaMama. Ziningi izikhathi esalanda ngazo izimpahla zasendlini kumdayisi wewunga sezidayiswe uSimphiwe.

“Khulekani, kukhona okucelayo,” kumemeza uMama.

Eceleni kophaqa bami, ebhokisini lamateku ami amasha ceke, kwakushaya umoya. Ngacabanga udaka olwalunyathelwa uSimphiwe ngamateku ami kanokusho, ngambona ngamehlo engqondo esewadayisile ukuze athole le wunga yakhe. Sasigqokelana naye – kakhulukazi ezikibheni – engakabi umdlwembe wewunga. Ngangimdedela azikhethele emahembeni ami uma abazali besiphoqa ukuthi siye esontweni. Kodwa wayeka ukuzithanda emuva kokuqala iwunga. Uhlangothi lwakhe lwegumbi lethu luhlale lungcolile, umbhede ungendluliwe.

“Le ntwana idinga ngiyiqhase ngempama,” ngitshela isibuko.

Phandle ngafica umngani wakhe uBoy Boy, esinye isigqila sewunga.

“Bengizobheka uSimphiwe, ngizwe kuthiwa kade elwa ne-merchant. Ukhona nje?”

UBoy Boy wayengincisha amehlo, enwaya isiphundu, izingalo namahlombe. Kwakusobala ukuthi umzimba wakhe wawuyidinga le wunga yabo. Ukwenwaya kwabo lokhu babekuteketisa bakubize nge-arosta.

“Uyazi ukuthi angihlangani nalokhu kuhlanya kukaSimphiwe. Umuntu ozonela impilo yakhe, okwakhe lokho. Akekho la.”

“Bengithi angikwazise njengomnewabo.” ukwenwaya kukaBoy Boy kulokhu kuqhubekela phambili. “Kwenzenjani ngawe?”

“Ngiyafa i-arosta. Awunawo u-R5, Khulekani? Ngifuna ukuthenga isinkwa.”

“Ungazongihlanyela wena, Boy Boy. Kade ungitshela manje ukuthi ufuna ukubhema lo shevu wenu. Ngeke ngikunike imali yokuthi uzibulale.”

Ngahlaselwa ukufutheka kokucasuka ngidinwa ukudlebeleka kukaSimphiwe, namehlo kaBoy Boy angenanembeza kanye nokunyamalala kwamateku ami amasha. Kwahlangana konke kwathasisela ekhanda elinkenkethayo elalivele lingiphethe. Ngaphuza amanzi ngahlephula isithongwana ngizama ukuthoba lelo khanda.

Ngavuka emva kwehora ngizwa ukuthi kunomuntu omile esicabheni sasegumbini lethu. Ngabhekisisa ngathola ukuthi uMama.

“Uyazi, Khulekani, selokhu edlula emhlabeni ubaba wenu angikaze ngimphuphe, kodwa ngimphuphile namhlanje kulesi sithongwana engivuka kusona. Ungitshele ukuthi uSimphiwe usenkingeni.”

“Kodwa uSimphiwe wenza kanje njalo ngempelasonto. Uzobuya, futhi nginezinto eziningi kabi okufanele ngizenze kunokubhekana naye. Kufanele ngifundele ukuhlolwa kwesonto elizayo.”

“Vala umlomo ulalele ukuthi ngithini kuwena,” wagcwala izinyembezi emehlweni. “Ubaba wenu uthe uSimphiwe usenkingeni, kufanele uyombheka. Lokho uzokwenza uthanda ungathandi.”