Amantombazana asedla zonke izinto lezi

Thina sikhula izinto zazingasafani nangesikhathi somama. Kodwa okwenzeka manje sekuhluke nje impela kunalokho okwakwenzeka ngezethu izikhathi.

Amantombazana asekhula ngokushesha manje ngoba asedla zonke izinto lezi. Thina sikhula, noma bekungasaqinile kakhulu, okuningi besisapanisheka kukhona, singakudli. Njengokuthi intombazane iphuze ubisi. Hayi intombazana yayingakwenzi lokho. Nokudla iqanda, nebhotela leli iRama. Cha, yayingakudli konke lokhu. Konke nje lokhu okumnanjana, akukho eyiyakudla ngoba babethi abadala izosuke isheshe ithande abafana. Igazi layo lizoshisa.

Emakhaya ingane yentombazana yayemuliswa uma ubona ukuthi isikhulile. Isingagana uma ifuna. Hayi lento eyenziwa manje. Usuthola ingane encane nje eno-12 sekuthiwa iyemuliswa.

Kwakwemuliswa intombi kuqala. Ingani kwakuyiwona 21 wethu lowo! Kwakwenziwa lokho okuyisiko. Kuhlatshwe imbuzi. Kuhlatshwe inkomo. Ifake umngqombo wayo intombi, umhlwehlwe wenkomo. Igqoke inyongo yayo.

Igidiswe njengoba kusuke kushadwa. Ichonywe izimali. Ekhanda, ithelwe ngenyongo. Ihlanganiswa namadlozi akubo, nezindlela zayo zikhanye zithi bha. Imvamisa ibithi intombi ingenzelwa lokho, bamane bangene abakhongi, bezocela. Ifike ithole nabantwana emzini.

Ngoba kuyenzeka kwesinye isikhathi ungagcinelwa lezinto uze ushade. Uma usushadile ungasabatholi abantwana, kuthiwe, “Cha awemuliswanga wena.”

Manje uma kwenziwa lo 21 kwenziwa imibhiyozo nje. Akukhulunywa nadlozi. Bese beziphuzela bename, bose izinyama kwenziwe lokhuya nalokhuya.

Sekwenziwani-ke? Sithini isilungu? Asazi noma siphelele yini khona lapho lesilungu.

Ngibona nokho sengathi sekuqalile ukuphindela emuva. Njengokuthi nje sikhula siseGlebelands, sasingakaze siyibone inkomo ingena elokishini. Namhlanje usuyabona abantu behlaba. Kuqala bekuba nehlazo, ungeke ulibeke la kuhlatshwe khona. Sinyanye nengane yakhona sithi, “Kuhlatshwe izimbuzi!”

***

Imingcwabo

Manje uthi uma uyobona kushoniwe, ufice umama oshonelwe, engenanhlonipho. Ekhuluma izindaba nje, engazi nokuthi libhekephi. Okukanye aze asukume impela ayoziphuzela utshwala, engazi nokwazi.

Abanye beziculela bebhekisa le bethi, “Hawu, usibanibani lo sasiphuza naye utshwala. Ngeke kuthi namhlanje ngoba usefile thina bese siyathula, singaphuzi utshwala. Sasibuhlaba naye. Ubengalibheki idazini lobhiya.”

Bese bekhala kakhulu. Okukanye bahleke, benze lokhuya nalokhuyana. Bathi, “Hawu simkhumbula ma esethi …”

Yonke lento yenzeka la kufanele ukuthi kuhlonishwe khona. Kanti esikhathini esedlule bekuyaye kubonakale nje ukuthi ikhona into eyenzekile kulomuzi. Kuziliwe.

Nalowo ohlezi emakhandleleni uhlezi ngesikhulu isizotha. Ofisa ukukhuluma naye, ebuza okuthize, ufika kuye aguqe ngamadolo, akhulumele phansi.

Umuntu ofelwe akagcaluzi, elokhu esukuma eya le nale. Uphuma nje ngoba kunesidingo. Kukhona omphelezelayo.

Kwakukuhle impela. Kunika nesizwe sakithi inhlonipho.

Funeral

***

Umngcwabo kamama

Umama ushone ngonyaka odlule eMnambithi. Sahlangana siwumndeni saya khona. Sahlala endlini nomakhelwane nezihlobo. Kuyisiko ukuthi uma kushoniwe abantu beze, bazonikhalisa.

Engakuthanda nje ukuthi babesho izinto ezinhle ngomama. Abanye babesho bethi ubelithanda isonto. Esiza nabantu abahluphekile. Futhi ubebathanda abantu abancane, ebanika iziyalo uma bexakekile. Nabo bemthanda.

Sebegcwele bezosisiza. Ngisho ukudla kuphekwa yibo.

NgoLwesihlanu saba nomlindelo, siwuphathelwe uFata Godfrey. Uma sekuthandazwa uFata wakhuluma naye ngomama ethi, “Ubenesibindi lomama. Ubeya esontweni ngisho esegula, ephethwe nangamadolo. Ngelinye ilanga ngathi kuye, `Ungazihluphi ngokuza esontweni. Kukude. Yimina engizofika nginilethele inkonzo. Uqoqe nabanye abantu asebebadala, beze kwakho.’“

Waqala kanjalo-ke uFata ukubalethela imithandazo.

Father and the Gogo

Ngelinye ilanga umama wamlinda uFata ukuthi aphume endlini. Hawu, wathi ephuma uFata umama wabe emlandela eqonde esontweni. Esekhathele, wahlala eceleni komgwaqo.

Uthe uFata esebuya kwezinye izindawo ngemoto, wamfica umama ehlezi eceleni komgwaqo. Uma embuza ukuthi wenzani la, waphendula umama wathi, “Ngiyathanda ukuya esontweni ngoba abazalwane bacula kamnandi. Anganeliswa uma sisonta sodwa thina zalukazi.” Wathi uFata akangene emotweni. Wahamba naye baya esontweni. Emuva kwenkonzo wamgodusa. Yikho lokhu-ke okwashiwo uFata.

Omakoti bona bathi, “Sasithi uma sixabene nabanye omakoti noma nabayeni bethu, uGogo asisize.” Abanye bathi ubebasiza ebagadela izingane ekhaya uma besemsebenzini. Abanikeze nokudla. Bathi balahlakelwe, akusekho muntu ozobenzela lokhu. Bonke besho izinto ezinhle. NgoMgqibelo sahamba sonke sesiyongcwaba.