Nginomzala oneminyaka eyishumi eshadile. Ushadele KwaZulu-Natal, Emadadeni. Umzala wami wahlangana nomkhwenyana wakhe ngonyaka ka2010.

Umzala wahlangana nomkhwenyana wakhe ngesikhathi besenkundleni yebhola likanobhutshuzwayo ngesikhathi kukhona i-World Cup la eNingizimu Afrika ngonyaka ka2010. Ngalelo langa kwakudlala iNingizimu Afrika iqhudelana neMexico. UMnumzane Buthelezi, umyeni kamzala, wayenikwe inkampani ayisebenzelayo amathikithi amane amahhala. Eceleni kwesihlalo ayehlezi kuso kwakuhlezi umzala wami, uKhanyisile. UKhanyisile wayephuza utshwala kodwa kungabokali ngoba wayebufake ebhodleleni lamanzi. Kwathi ngokuqhubeka komdlalo kwangena utshwala egazini kuKhanyisile. Baqala baxoxa noMnumzane Buthelezi, bazwana. Baqala bathandana emuva kwalokho bagcina sebeshadile.

Ngesonto eledlule uKhanyisile ebengitshela ukuthi ufisa ukubuyela otshwaleni, aphuze futhi, kodwa akakwazi ukwenza lokho ngoba ngesikhathi eshada wayalwa ukuthi umuntu wesimame akufanele aphuze utshwala. Wathola lokhu kuyalwa noma labantu ababili bahlanganiswa yibo utshwala. NgoKhisimusi wokuqala uKhanyisile awuchitha nabantu basemzini wazama ukuthenga utshwala kodwa wabizelwa umhlangano kwathiwa uziphethe budedengu, kwathiwa umfazi ophuzayo uyihlazo. Kuwona lowo mhlangano umyeni kaKhanyisile akazange avikele unkosikazi wakhe. Akazange asho ukuthi noma uKhanyisile ephuzile uyaqhubeka aziphathe kahle, akahluphi muntu futhi akalwisi muntu.

Emuva kwawo lowo mhlangano umyeni kaKhanyisile walibeka ngembaba kwacaca ukuthi yena akamudingi unkosikazi ophuzayo. UKhanyisile akayithandanga lendlela umyeni wakhe akhuluma ngayo ngoba ngesikhathi behlangana babephuza bobabili. UMnumzane Buthelezi wachaza ukuthi kukungile uma intombi iphuza, kodwa unkosikazi yena kumele abe nesithunzi angabuthinti nhlobo utshwala. Sekuphele iminyaka eyishumi uKhanyisile eshadile. Njengoba iminyaka ihamba uKhanyisile uzizwa sengathi wadayiselwa ingulube esakeni. Manje umyeni wakhe akasavumi ukuba bahambe bayozijabulisa ndawonye. Umyeni ukholwa ukuthi impelasonto nempelasonto uyena kuphela onemvume yokuzikhipha nabangani bakhe aze abuye ebusuku. UKhanyisile yena utshelwa ukuthi akahlale agade umuzi nezingane.

Manje uKhanyisile akujabulile emshadweni wakhe, uzizwa sengathi uyisiboshwa esicindezelekile. Umyeni akamvumeli ukuba uKhanyisile ahambe nabangani bakhe bazikhiphe bazijabulise, baphuze. Eqinisweni umshado usuguqule uMnumzane Buthelezi wamenza indoda eziphathisa njengo thishanhloko kumfazi wakhe. Usephendule uKhanyisile ingane, umuntu ekufanele acele imvume, kodwa wahlangana noKhanyisile esibenzela, ezibhiyozela futhi eziphuzela.

Ngalokho mina ngithi uma abantu beshadile imindeni kufanele ibanikeze ithuba lokuthi bazinqumele bona ukuthi bazophilisana kanjani bobabili. UMnumzane Buthelezi ushade intombi eyazi ukuthi iyaphuza. Empeleni ngunina kaMnumzane Buthelezi odidise uhlelo ngokuthatha isinqumo sokuthi yena akamufuni umakoti ophuzayo. Kahle kahle ukube umamezala akawubizanga umhlangano uMnumzane Buthelezi wayengenayo inkinga ngokuphuza kukaKhanyisile. Ekugcineni ngithi umshado uphakathi kwabantu ababili, umuntu wesithathu ungena ngokumosha. Abakhwekazi kanye nomamezala abayeke ukuzigaxa emishadweni yezingane. Into abangayenza ukuthi banike uvo lwabo uma beceliwe kuphela.

***