Izingane zifanele ukuba zijabulele ubungane bazo. Kufanele zizijabulise isikhathi sisekhona ngoba isikhathi siyahamba, asimi ndawonye. Kubalulekile ukuba izingane zenze okwenziwa ezinye izingane, zingaphoqeleki ukuba zikhuliswe yizimo ezibhekene nazo kungakafiki isikhathi sokuba zikhule.

Mina ngibe yingane ngakujabulela ubungane bami kangangokuba ngisafisa kwezinye izikhathi ukuba ngibuyele ngibe yingane. Ekukhuleni kwami bengingenazo izibopho, bekungekho okuphoqelekile ukuba ngikwenze. Bengidlala nezinye izingane. Ngalithola nethuba lokuya esikoleni, ngafunda. Abazali bami bebengikhuthaza bengiseka ngokwezemfundo, futhi baqinisekisa ukuthi bayayikhokhela imfundo yami.

Kungiphula umoya ukubona impilo ephilwa izingane namuhla emphakathini wangakithi. Izingane zikhulisa ezinye izingane! Izingane zibophelekile ekutheni zikhulise izingane ezilandela ngemuva kwazo. Lokhu kukhulisa izingane zikhuliswa ezinye kuyenzeka kwesinye isikhathi uma kuthiwa zishonelwe abazali. Kodwa manje akunjalo, ngoba esikhathini esiningi ngibona izingane zikhulisa ezinye izingane kodwa uthole ukuthi abazali bazo basaphila. Laba bazali engikhuluma ngabo abazinaki izingane zabo. Ngisho abazali abahamba bazishiye zizodwa izingane noma bazishiye nogogo noma nomkhulu asebekhule kakhulu abangeke besakwazi ukunakekela izingane. Ngibona izingane sihlala nabantu abasesimweni esibucayi, abantu abadinga ukunakekelwa nabo.

Esikhathini esiningi lezi zingane ezikhulisa ezinye izingane ziyasindwa umthwalo ezithwese wona. Azisitholi isikhathi sokudlala, nesikhathi sokumamatheka. Zihlezi zicabanga izinkinga ezibhekene nazo. Izinkinga okungamele ngabe zibhekene nazo ngoba kwazona zisayizingane. Ziyahluleka nokuzimisela esikoleni ngoba azisitholi isikhathi sokufunda. Azibi nayo ngisho injongo yokufunda ngoba engekho umuntu ozigqugquzelayo ukuthi zifunde. Lezi zingane uma kuyizingane zesilisa kuba lula kakhulu ukuba zizithole zibandakanyeka ebugebengwini, zandise izinga lobugebengu ezweni. Uma kuyizingane zesifazane kuba lula ukuthi zizithole zibandakanyeka emsebenzini wokudayisa ngomzimba.

Ziningi izingane ezishiywa abazali bazo zikhiyelwe endlini, umzali ahambe ayophuza utshwala. Ngihlezi ngizwa kukhulunywa ngezimo ezinjalo ezehlukahlukene, okusho ukuthi baningi abazali ababona kuwumqondo omuhle ukushiya ingane, noma izingane, zizodwa endlini. Kujwayele ukuthi kube nezigameko ezimbi kakhulu ngenxa yabazali abakhiyela izingane endlini, kodwa bona bahambe. Ezinye izingane ziyasha zishone uma kuthiwa bekunekhandlela ebekukhanyiswe ngalo yakhohlwa ukulicima ingane. Kuyenzeka futhi kuthiwe bekunembawula eyenzelwe ukuzifudumeza izingane kodwa zahluleka ukuyicima ngokufanele. Kwenzekile lokhu emphakathini wangakithi. Izingane zahogela umoya wembawula owawusugcwele endlini, zashona. Abazali bazo babephumile ebusuku bezishiyile. Kwesinye isigameko ingane yayishiywe unina, eyishiye ilele. Yatholakala ishonile kodwa ingekho lapho unina ayayeyishiye ilele khona okwakukhombisa ukuthi ivukile yathola ukuthi akukho muntu endlini. Akwaziwa ukuthi yabulawa yini kodwa kusolakala indlala.

Kuyadabukisa kakhulu lokhu. Abazali bezingane okufanele ngabe bayazikhusela baqinisekise ukuthi ziphephile kuba yibona abazifaka engozini. Kubuhlungu futhi ukuthi abazali abafundi emaphutheni abanye abantu kodwa bayaqhubeka nabo ngalo lona lelo phutha.

Inhliziyo yami ibuhlungu kakhulu njengoba ngibhala ngalokhu. Empeleni izimo eziningi angigcini ngokuzizwa nje kuphela kodwa ngiyazibonela ngawami amehlo. Ngiyazidabukela lezi zingane eziphila kabuhlungu kodwa anginawo amandla okuya kubazali bazo ngibakhuze. Lokhu kungoba esikhathini esiningi kuba wukuthi abazali laba badala kunami. Ngiyahluleka ukubuza umuntu omdala ngephutha lakhe alenzayo kanti futhi ngesintu ingane kuthiwa iyadelela, ayinayo inhlonipho, uma izoveza amaphutha abantu abadala iwabeke obala. Ngiyesaba futhi ukuya emaphoyiseni ngoba ngesaba ukuthi ngingehlekelwa ingozi ngokungena izindaba zabantu. Ngisaba ukuthi kwazona lezo zingane uma zisuswa kubazali bazo zizoyiswa kuphi? Kwalapho ezizoyiswa khona zizothola isimo esikhahle, esizilungele izingane yini?

Ngiphinde ngesabe futhi ukuthi abanye abantu banolaka, kungenzeka bangilimaze uma bezwa ukuthi imina engihambise imininingwane ngokuphatheka kabi kwezingane zabo emaphoyiseni. Angiyithandi impi futhi ngiyigwala lenkosi yingakho ngehluleka ukwenza utho ngezimo ezibhekene nezingane eziningi emphakathini wangakithi.

Ezinye izingane zihlukunyezwa ngokuthi zinganikwa ukudla noma zingathengelwa izingubo zokugqoka. Okudida ingqondo ngalokhu ukuthi iningi lalezi zingane zithola isibonelelo sikahulumeni ‘imali yeqolo’ kodwa le mali ayifiki kuzo lezi zingane. Onina bazo bathatha le mali yesibonelelo bafeze izidingo zabo – benza izinwele, bafake izinzipho, bazithengele izimpahla baphinde bathenge iziphuzo ezidakayo. Bathi uma sebephuzile bathuke zona lezi zingane bazihlambalaze. Lokhu kwenza ukuthi izingane zingabi nokuzethemba, zivele zizibone ziphansi kakhulu zingafanelwe izinto ezinhle. Lokhu kudala ukuthi izingane zingabaze amakhono ezinawo ngoba engekho umuntu ozikhuthazayo endlini, kodwa kukhona umuntu ozigxekayo ngakho konke ezikwenzayo.

Indlala iyisimo esingemnandi neze kodwa iyisimo izingane ezingi ezibhekene naso. Ngikhumbula esinye isimo esangithinta kakhulu enhliziyweni. Kukhona ingane encane eyayihlezi ihamba nogogo wayo eyayifika lapho engangihlala khona. Ngangiqashe igumbi lokufihla ikhanda kuyona le ndawo. Lo muzi angangihlala kuwo wawudayisa utshwala, kwakuhlezi kunabantu bephuza. Ugogo lo engikhuluma ngaye wayeyikhasimendi elikhulu kakhulu, wayefika ekuseni nengane aze ahambe ntambama. Wayengacabangi nokucabanga ukuthi ingane le idinga ukudla.

Ngolunye usuku le ngane yafike yama esicabheni sami yangibuka ngamehlo adabukisayo ngesikhathi mina ngidla. Amehlo eyangibuka ngawo ayesho ukuthi ‘ngicela ungiphe nami ukudla’. Yayingakwazi ukukhuluma kodwa amehlo eyangibuka ngawo kanye nezenzo zayo zakhuluma okuningi kumina. Ingakho ngayibiza ngayenzela ukudla, ngayindlalela ingubo phansi ukuze ihlale. Ngempela yahlala yadla ingane. Yathi uma iqeda ukudla yasukuma. Yangibuka, yamamatheka, yahamba yaphindela kugogo wayo.

Kwadlula amahora amahlanu ngayibona ibuya ingane. Yama esicabheni, yangibuka ezinhlamvini zamehhlo. Ngayibiza futhi, ngayihlalisa phansi, ngayenzela okuya ethunjini. Kwaqala kanjalo ubudlelwano bami nayo le ngane. Bekuthi uma ifika nogogo wayo ize kumina ngiyenzele ukudla. Bengikujabulela lokhu ngoba kukhona okuncane engangikwenza ukusiza le ngane. Ngakhipha nezimpahla ezindala zengane yami ezimbalwa, nganika ugogo wayo owakujabulela naye lokhu.

Ngathi uma sengizwa udaba oluphelele ngayo le ngane ngadangala emoyeni. Ngathola ukuthi bobabili abazali bayo basaphila futhi bayasebenza kodwa bakhetha ukushiya ingane nogogo bangayinakekeli. Ngezwa nokuthi naye ugogo wayo uyayithola imalo yesibonelelo sayo ingane kodwa uthenga ngayo utshwala.

Baningi abantu abafika nezingane ezindaweni ezidayisa utshwala. Bahlala nazo zibabukele bephuza. Uma zikhala ngendlala zinikwa ama-chips noswidi kuphela. Kubuhlungu ngoba kusho ukuthi abantu abahamba nazo babona ukuthi ikhona ukudla okuzifanele lokhu. Babona ukuthi kufanele zihlale nabo zilalele izinkulumo ezingafanele ukulalelwa izingane. Babona kufanele zibe ofakazi uma kuliwa. Babona kufanele zilalele izinhlamba nokudelelana kwabo.

Akufanele kube indlela ekukhuliswa ngayo izingane lena. Indawo yokuphuza akuyona indawo yezingane.