Ukubandlulula ngokwebala kwadalwa ngabantu abamhlophe becindezela abantu abamnyama. Lokhu kwenzeka iminyaka eminingi ngaphambi kokuba kungene uhulumeni wentando yeningi, owangena ngonyaka ka1994. Ngaphambi kokuba kungene uhulumeni wentando yeningi abantu abamnyama babecwaseka ngokwebala. Lolu cwaso lwalunemiphumela yokuthi esikhathini esedlule abantu abamnyama bathathelwa imfuyo, umhlaba kanye nomnotho wabo.

Uma sikuhlaziya kahle lokhu kucwasa, sikhuluma iqiniso, umlando wobandlululo eNingizimu Afrika ubungumthetho owawenza kuthathwe umnotho wabantu abamnyama ngendluzula unikezwe abamhlophe. Lokhu kwakwenziwa abantu abamhlophe ngoba babekholelwa ukuthi bangcono kunabantu abamnyama, futhi abantu abamnyama abanawo amalungelo obuntu alingana nawabo bona abamhlophe.

Uhlelo lobandlululo eNingizimu Afrika lwalubizwa ngegama lesibhunu elithi, apartheid. Lolu hlelo lwaludalwe abantu abamhlophe. Ibona abantu abamhlophe abalufaka kumthetho wezwe. I-apartheid yayithinta izinhlangothi zonke zempilo ekuphileni komuntu omnyama. Umuntu omnyama wayengenalo ilungelo lokuvota okusho ukuthi wayengakwazi ukuzikhethela ukuthi iyiphi inhlangano ayefisa ukuthi yengamele izwe kanye nempilo yakhe. Abantu abamnyama babengavumelekile ukuba bahlale emadolobheni. Empeleni amalokishi esihlala kuwo manje akhiwa uhulumeni wobandlululo ngoba ungafuni ukuba abantu abamnyama bahlale emadolobheni. Ngezikhathi zobandlululo abantu abamnyama babengavumelekile ukuthi bathenge amabhizinisi futhi babengavumelekile ukuthi bathole imfundo ephezulu. Miningi eminye imithetho eyayicindezela abantu abamnyama futhi yonke lemithetho emibi ecindezelayo yayisungulwe yaphinde yalotshwa abantu abamhlophe.

Konke lokhu kucindezela, ukubandlulula ngokwebala kanye nokuphatha abantu kabi kwasungulwa abantu abamhlophe. Ayikho into esingayifundisa abantu abamhlophe ngobandlululo ngoba bazi kahle kamhlophe ukuthi ubandlululo lubi futhi lunemiphumela emibi. Sekudlule iminyaka engu 27 i-apartheid yesulwa kumthethosisekelo waseNingizimu Afrika. Noma sekwaphela iminyaka eminingi kangaka kwasulwa ubandlululo nokucwasa ngokwebala, kodwa imiphumela yeminyaka eminingi ye-apartheid iyabonakala namanje. Iningi labantu abamnyama basahlupheka namanje. Iningi labantu abanayo indima abayidlalayo emnothweni wezwe lethu. Baningi abantu abamnyama abangenayo imizi, abahlala emphakathini wezindawo eziyimijondolo. Baningi kakhulu abantu abamnyama abangasebenzi. Baningi kakhulu abantu abamnyama abangakwazi ukuqhubeka bathole imfundo ephakeme ngoba beswela imali. Kuyadabukisa ukubona isimo esiphila ngaphansi kwaso namhlanje. Kubuhlungu ukubona nokuvumela iqiniso elithi noma sesilitholile ilungelo lokuvota kodwa lelo lungelo kubonakala sengathi alisisizi ngoba umonakalo owadalwa ubandlululo usabonakala namanje.

Mina ngithi akekho umuntu omhlophe ongafundiswa ngumuntu omnyama ngobandlululo ngoba abantu abamhlophe ibona abaluqamba, balusungula baphinda baluloba phansi ubandlululo. Abantu abamhlophe kusayibona namanje abaphethe umnotho. Abantu abamhlophe bayazi ukuthi ukuze imithelela yobandlululo iphele kufanele kusungulwe umthetho omusha ophathelene nomnotho. Kufanele kusungulwe umthetho omusha ozonikeza abantu abamnyama amalungelo kwezomnotho, umthetho ozobaxhasa ukuze bathuthuke.

Ngivala ngokugcizelela ngithi akuwona umthwalo wabantu abamnyama ukufundisa abantu abamhlophe ngobandlululo ngoba ubandlululo aludalwanga ngabantu abamnyama. Abantu abamnyama eNingizimu Afrika abanawo amandla okuzikhulula bagqashule amaketango obandlululo. Ukhiye wokukhulula abantu abamnyama uphethwe abantu abamhlope, okuyibona abasunguli bencindezelo.

***