UMkhathi wayesefunwe kuzo zonke izibhedlela nasemajele, ngakho ke isibhedlela yindawo yokugcina ayengacabangela kuyo uNkosazana. Wahamba ke uNkosazana eya la engazi khona. Waphuma ngePata wadweba njalo walandela umgwaqo waze wayophumela ngase Edandel mall, ajike ngakwesobunxele athathe umgwqqo obheke ngakoCaluza, kuntambama manje sekuzohlwa nje, umuntu lona akazi lapho eya khona.

Khona lapho endleleni esahamba ahlangane nephephandaba I-Edendale Echo, afikelwe yinto ethi akalicoshe, nangempela enze kanjalo. Alisaphelele leli phepha uthole nje yena ikhasi lokugcina lalo. Uma ethi udlulisa amehlo kulo iphepha akhangwe yisithombe sakhe uMkhathi. Ajahe ukufunda ukuthi kuthiwani ngaye.

Khona lapho kwakubhaliwe ukuthi kucelakala umuntu omaziyo axhumane nesibhedlela, kwabhalwa usuku angena ngalo. Aphangise akhuphule izinyawo ahambe ngokushesha, isibhedlela I-Edendale hospital vele sesingaphambili kancane nje kwala eya ngakhona.

Phakathi kwezikhathi okubonwa ngazo abantu kulesi bhedlela yihora lesihlanu okwase kusele amanenjana nje ukuthi lishaye. Nebala afike khona esibhedlela uNkosazana nesithombe leso, bamuse egunjini akulo uMkhathi.

Usesimeni esibi impela yena kodwa kungcono ngoba uyaphila, kucabanga uNkosazana. UNkosazana wayemubone esesesimeni esingcono ngempela uMkhathi nakuba ayengakwazi ukukhuluma kodwa wathi uma ebona uNkosazana wamamatheka, waletha isandla.

“Shh, ungazami ukukhuluma. Sengikhona manje konke kuzolunga,” kwakungathi uyaphupha uNkosazana ukuthi kanti uMkhathi uyaphila. Khona lapho waguqa uNkosazana wamemeza igama leNkosi wacela ukuthi ithumele ingelosi yayo imuphilise uMkhathi njengoba kwenzekile kuye.

Wawujulile lo mkhuleko awenza uNkosazana nokwathi eqeda wazizwa egcwala ithemba, kungathi kunento esukayo kuye. Wazizwa ebuyela eba yiloya Nkosazana abe uyena, isibindi nokuzethemba abenako kwaphela.

UNkosazana wabe esecela ukucupha khona lapha esibhedlela kuze kuse wachaza isimo sakhe nebala wavunyelwa. Kwathi kusa wayengumqemane uMkhathi usungamuphikela ukuthi nguye lo obentekenteke ngayizolo. Acele ukudedelwa uMkhathi esibhedlela achaze nokuthi uyasala ezifundwen zakhe esikoleni, ngoba usephilile abamudedele abuyele ekhaya. Bamudonsa ngendlebe esibhedlela ukuthi uma busala buvuka ubuhlungu abuye ngokushesha.

“Uthole kanjani ukuthi ngisesibhedlela sthandwa sami?” sebesendleleni eya emakhaya. UMkhathi ubuza uNkosazana ngemuva kokuthi uNkosazana esemxoxele konke okwenzeke ngemuva kokuba ephume esibhedlela uNkosazana.

“Uthando sthandwa sami olungiholele esibhedlela. Uthando kalunamkhawulo, lapho kufika khona uthando akufiki lutho. Okufanele ukwazi nje ukuthi ngeke ngikwazi ukuphila ngaphandle kwakho,” athule kancane uMkhathi abuke uNkosazana.

“Nami ngeke ngikwazi ukuphila ngaphandle kwakho, ngempela uthando kalunamkhawulo. Lapho kukhona uthando nendlela ikhona,”

***

Siza umbhali akhule: Ulonwabele ibali? Kungani?

[Iyaphela]