UKhokhiwe waqamba ingane yakhe ngokuthi uMkhathi ngoba yayiyinhle kungathi ivela emkhathini. Waphumelela ngamalengiso umatikuletsheni wakhe uKhokhiwe. UKhokhiwe wayevele ehlakaniphile kakhulu esikoleni, okwathi lapho sekufike khona ingane yakhe wazinikela lokhu okwedlulele. Konke ayesekwenza wayekwenzela yona iyikho konke kuye, kuyiyo aphilela yona futhi engenza noma yini ukuthi ikusasa layo liqhakaze.
Wabaqwaqwada emakhanda bonke abafundi baKwaZulu Natali uKhokhiwe nokwenza ukuthi umfundaze awuthole eshesha. Lapha eMtshezi, eMoyeni lapho babehlala khona oKhokhiwe kwakunepulazi okwakuthiwa ika-Anorld, abantu balapha ababethenga kulo iningi labo besebenza kulo.
Langa limbe uZoleka noZethu naye uKhokhiwe bethunywe kulo leli pulazi behamba naye uMkhathi, u-Arnold wayibona lengane wacela ukuyiphatha kancane. Wabe eseba nothando lwayo wayesecela ukuthi ihlale naye ikhuliswe nguye uzoyenzela konke ekudingayo aphinde abheke nomndeni wayo, nebala kwavunyelwana kanjalo.
Wafunda eDurban University of Technicon nalapho enza khona izifundo zobuthishela uKhokhiwe, lena yinto eyayiphupho lakhe ngisho eseyingane ukuthi abe nguthishelakazi. Wayezokwenza iminyaka emine uKhokhiwe abuye neziqu zakhe, nebala ke wawufulathela uMtshezi uKhokhiwe walibhekisa eThekwini kwelikabhanana nalapho ayeyoncela ulwazi khona.
Nakhona eThekwini wafike wazimisela kakhulu uKhokhiwe efika njalo uma evalile ezobona ingane yakhe. Yayidamane ivakasha njalo ingane yakhe kwa anti wakhe ngoba phela yayithandwa kakhulu khona. Ngokuphazima kweso uKhokhiwe wayibona isiphelile iminyaka emine ebekezele umntanomuntu.
Wathi efika nje ka anti wakhe efika neziqu zakhe, waqonda epulazini eyolanda ingane yakhe. Uma wawuya kuleliphulazi wawunqamula esigangeni endleleni encanyana esentabeni, uwele umfula bese weqe ucingo olungena kulo ipulazi lelo.
NoKhokhiwe wahamba ngayo le ndlela. Wathi eseza nje ehamba kule ndlela encane esigangeni wabona umuntu eza buqamamana wezwa kushwaqa izinwele. Eze naye uKhokhiwe nakuba ayethukile ezohlangana naye umuntu lo.Wayefake izingubo ezimhlophe, izingubo ezithi azifunze lezi yilezo ayezibona kumafilimu akhuluma ngesikhathi senkosi uJesu Krestu.
Uthe esesondele impela kuye lo muntu avele aguqe eceleni kwendlela abhekise ikhanda phansi. Adlule uKhokhiwe asabe nokubingelela, uthe esedlulile afikelwe umcabango wokuthi akamubuze lo muntu ukuthi uyenzelani lento ayenzayo, nebala ajike uKhokhiwe umuntu lona usaguqile.
“Sawubona Bhuti,” kubingelela uKhokhiwe ngephimbo eliqhaqhazelayo.
“Yebo sawubona,” kuvuma umuntu ngephimbo elizothile.
“Ngabe kukhona lapho ulibangise khona bhuti?”
“Cha, empeleni bengidlula nje ngithunywe kuwe,”
“Hawu ngabe ubhuti ngizothi ubani ngoba angimazi futhi ugqoke ngendlela engingayijwayele. Ungubani bhuti futhi uthunywe ngubani kimi ekuthume ini?” athi angabuza le mibuzo uKhokhiwe avuse ikhanda umuntu. Ufana noMkhathi nje ncamashi, athuke uKhokhiwe aqhaqhazele.
Le ndoda efana nengane yakhe ivumbuka kuphi.
“Cha ungethuki mina igama lami nginguZabrion, ngithunywe uThixo kuwe uthe angizokutshela ukuthi uyiphathe kahle ingane, ngoba inesiphiwo esikhulu kakhulu. Mina ke ngiyingelosi ehlale iseduze kwakhe ngaso sonke isikhathi.”
Wagxuma wahlehla ngokushesha kule ndoda uKhokhiwe, ethukile wafulathela wahamba ngokushesha, ethukile nengqondo yakhe kwakungathi ayisathathi kahle. Wayeke azincinze uKhokhiwe efuna ukubona ukuthi akaphuphi yini, athole ukuthi cha akaphuphi.
Wahamba waze wayofika epulazini uKhokhiwe wathatha ingane yakhe wabuya nayo, lapha endleleni iyaxoxa le ngane.
“Mama sizoya nini edolobheni?”
“Edolobheni lani Mkhathi, angithi wena uhlala khona edolobheni nabelungu bakho?”
“Kodwa kumnandi ukuya khona uma ngihamba nawe,” ahleke kancane uKhokhiwe,
“Sizoya kusasa, khululeka,” akhombise ukujabula uMkhathi. Bahambe ke baze bayofika ekhaya.
Kungapheli sikhathi esingakanani uKhokhiwe athole umsebenzi eHowick eceleni nje kancane koMgungundlovu, lapho akhulela khona. UKhokhiwe ke wahamba wayovalelisa kumlungu owayemubhekele kahle ingane yakhe wabonga wanconcoza wabe ke esengena indlela elibhekise eMgungundlovu, wayeya kubo kuyise nonina ngemuva kwesikhathi eside kakhulu abagcina.
***
Sitshele: Uzothini ubaba kaKholiwe uma ebona intombi yakhe nengane?