Namhlanje uMbali uyaphuma esibhedlela, usezobhekana ngqo noSphelele endlini. Ekhanda lakhe uyathatha uyabeka. Ebusweni udangele, akanayo lenjabulo abantu abajwayele ukuba nayo uma bephuma esibhedlela. Ufisa ukubaleka anyamalale njengoba kufika uSphelele ezomulanda.

“Namhlanje uzolala ulikhiphile iqiniso, Mbali,” kusho uSphelele ehlinile edumisa imoto.

Kuthulekile emotweni njengoba begoduka. UMbali usaba nokubuka uSphelele ebusweni ngoba udinwe ugane unwabu. UMbali ungena endlini alalise umntwana.

“Isilele ingane?” kubuza uSphelele.

“Yebo isilele,” kuphendula uMbali ngokusaba.

“Woza ngapha sixoxe,” kusho uSphelele.

Bahlala phansi e-lounge, babukane. Sekwehlile nokucasuka kuSphelele, ukhulumela phansi.

“Mbali, niyajola noMhlengi?”

Akaphenduli uMbali kodwa uvusa amehlo abuke uSphelele. Noma engavumi ngomlomo kuyacaca kuSphelele ukuthi ngempela uMbali ujola noMhlengi.

“Yini ekwenza ujole, Mbali? Ngikwakhele umuzi, uthola yonke into oyifisayo.”

Athule uMbali.

“Phendula wena lwabishi!” kubhavumula uSphelele.

UMbali uthuswa ulaka lukaSphelele. Aphendule, “Wena ubungishiya ngedwa selokhu umama wakho wakutshela ukuthi mina ngiyajola nabantu egingabazi. Awufunanga ukukhuluma nami njengo mfazi wakho.”

“Ini?” kubuza uSphelele efuthelana.

“Uhlulekile ukungihlonipha mina njengo nkosokazi wakho,” kuqhubeka uMbali. “Uthe usuka wanyamalala. Impatho yashintsha. Mina bengisala ngedwa ngibukane nezindonga zendlu. Ngaso sonke isikhathi unyoko onelungelo lokuthi aphawule kulomshado, mina muntu oshade naye kufanele ngingasho lutho. Konke okushiwo umama wakho uyakulalela.”

“Uyazizwa ukuthi uthini, Mbali?” ukudinwa kukaSphelele kuhlangene nokushaqeka. Akaze amuzwe uMbali ekhuluma kanjena.

“Izenzo zakho azingiphathanga kahle, Sphelele,” kusho uMbali. “Nami ngabona ukuthi angijole.”

USphelele ubhavumula ngokuthukuthela okuyisimanga, “Hey wena, nondindwa, wakhuluma nami sengathi ukhuluma nengane. Ngempela ungenelwe yini, Mbali.”

Wafa insini uMbali.

“Uhlekani, Mbali? Usungikhohliwe ukuthi ngingubani mina?” uSphelele usedinwe uhlengezela izinyembezi.

“Kanti kubuhlungu uma kwenziwa kuwe lokhu,” kusho uMbali egigitheka.

USphelele uphuma endlini ephaphatheka. Indlela uyiqondise kubo. Ufika ebhodla umlilo, alubeke njengoba lunjalo udaba kumama wakhe, uMirriam.

“Uvuma lesidwedwe esinguMhlengi sikudlele umfazi?” uMirriam ubasela uSphelele. “Yilokhu kuhlupheka kwabo kuloyamuzi okubenza badelele. Ungavumi mntanami, buyisela umuntu esporweni uqondise izigwegwe. Lengane yalomfazi onguMaNtombela iyadelela.”

USphelele uzwa igazi lishisa. Ufisa sengathi angazibambela ngezakhe izandla uMhlengi. Ubalisa ngenhliziyo egaya izibozi. Usukuma aphume ngomnyango. UMirriam akalitholi ithuba lokubuza ukuthi uyaphi. USphelele uyishaya izule imoto ibheke kubo kwaMhlengi.

“Mhlengi! Mhlengi!” kumemeza uSphelele engena nezicabha.

Uqhamuka ekhishini emangele uMhlengi. Asho phezu kwakhe ngezibhakela uSphelele.

“Hhayi bo! Kwenzenjani?” kungenela uMaNtombela ezama ukulamula.

Uyala ukuvumela ukulanyulwa uSphelele, ukhwela uyadilika ushaya uMhlengi. UMaNtombela umemeza kuphele izwi. Akabambeki uSphelele, akezwa noma ekhuzwa. UMaNtombela uphuma ngejubane eyofuna usizo komakhelwane.

“Sizani bo! Nangu umuntu ehlasela ingane yami!” ugijima ememeza ngezwi elishile uMaNtombela.

Basukuma beqhasha omakhelwane bebheke emzini kaMaNtombela. Baphambana noSphelele ephuma ngejubane, ubuso bugcwele inzondo engakaze ibonakale. Bangena endlini bafice isidumbu sikaMhlengi. Kuyabonakala ukuthi uSphelele ubulale uMhlengi ngokumgwaza enhliziyweni. Kuyacaca ukuthi useshonile uMhlengi kodwa uMaNtombela uguqa asibambe isidumbu, akhulume naso.

“Vuka, Mhlengi!” kuncenga uMaNtombela. “Vuka ngane yami engakaze ikuthole ukujabula.”

Omakhelwane bazama ukumduduza uMaNtombela, bazame ukumsusa esidumbini sikaMhlengi. Akavumi uMaNtombela, ulokhu esibambile ehayiza.

“Kodwa ngenziwani ngomtanami? Waze wangigila emhlabeni Mirriam! Wangiphuca umyeni wami wamubuyisa ngebhokisi. Namhlanje ungiphuca uzinyobulala wami.”

Uhayiza kuze kuse uMaNtombela.