Ngidedela umakhalekhukhwini kaMaduna phezu kwetafula. Ngigoqa izandla, ngihlahle amehlo. Kuhlasimula umzimba, isikhumba sigcwale uhlevane.

Ngithuswa yizwi eliqhamuke ngemuva kwami elithi, “Ithini?”

Ngithuka ngicishe ngimemeze. UThobeka umile emuva kwami.

“Ungithuselani kodwa, Thobeka?”

“Phephisa, Sikhumba. Ithini imilayezo?” Ephikelela uThobeka.

Ngivele ngiqonde eketeleni. Ngisheshise ngibilise amanzi etiye likaMaduna okwesibili.

“Eminingi imilayezo ayisho lutho olusolisayo. Uwodwa nje ongithusayo, Thobeka. Yilona wokugcina ogcina ngegama elithi-Bomb. Ibhomu!?”

Nginika uThobeka umakhalekhukhwini azifundele naye. Uhlahle amehlo naye uThobeka njengoba ewufunda lo mlayezo.

Ngokushesha ngiqeda ukulungisa itiye likaMaduna, ngilifake ethileyini. Ngiqonda emnyango. UThobeka wasala eqhwakele esihlalweni ehlahle amehlo. Nginede ngiphuma nje endlini ngizikhwehlelise ubala. Angifuni aze athi bengimcathamela futhi uMaduna. Nebala, uqalaza ngokushesha. Ngiyabona ukuthi amehlo kaMaduna agcwele ukwesaba. Ngifika eduzane kwakhe ngikhothame.

“Nali itiye, mnumzane,” ngisho ngilithi qithi-thi ithileyi eceleni kwakhe.

“Hhayi nokho uyalimba bo itiye, Sikhumba. Cishe sekudlule ihora nesigamu wenzana nenkomishi eyodwa yetiye!” Asho angithi klulu ngeso lengulube, “Ngiyabonga nokho.”

UMaduna ubamba inkomishi maqede aliphisele engawuthelanga noshukela. Ukhafula ngokushesha, aqale athele ushukela. Kuthi uma ngisathi ngiyaphenduka ngihambe ngimshiye, ngizwe ekhuluma.

“Tshela mina, Sikhumba,” usho eqeda ukuhabula enkomishini.

“Yebo, mnumzane.”

“Awungixoxele ngebhomu, Sikhumba.”

“Ibhomu, mnumzane?”

“Ungizwe kahle. Ehhene ngixoxele ngebhomu. Ngifuna ukwazi ukuthi lisebenza kanjani? Phela mina ibhomu ngagcina ngizwa ngalo ngawo-1976 nasezibhelwini zoShalasitoni. Ngamehlo ami angikaze ngalibona. Libulalana kanjani?” Kubuza uMaduna eqhabula itiye.

Ngivele ngithuthumale, ngigwinye amathe. Ngiyazibuza ngiyaziphendula. Kodwa lombuzo onjena ngizowuphendula ngithini? Ngempela kufanele ngithini emuva kokubona umlayezo ohlasimulisa umzimba engiqeda kuwubona kumakhalekhukhwini wakhe uMaduna?

“Mnumzane uzongixolela, nami angazi lutho ngebhomu. Ngaphandle kwalezi ziqhumane ezikhandwa ngabelungu uma beqhumisa umhlaba bedabula imigwaqo. Akukho okunye engikwaziyo ngebhomu.”

Athule uMaduna, avume ngekhanda. Ngiyafulathela ngimuzwe ekhuluma yedwa esho sakuhleba ethi, ‘Bomb’. Ngiyethuka umzimba ugcwale uhlevane kodwa ngiziqinise isibindi ngiqhubeke ngihambe.

***

Sitshele umbono wakho: Ucabanga ukuthi ubani lona othumela lomlayezo webhomu kuMaduna?