Izulu libafazi bedube inyama lapha phandle. Licwathile kodwa kunemikhizo ezintabeni zaseNquthu. Emathafeni kunochibidolo lwemfuyo ezitika ngembajane nomtshiki.

Nami ngimile ngizimelele ngetafula lalapha esitolo sakwaMaduna. Phela ngisebenzela umndeni wakwaMaduna lapha esitolo sakhona esikhulukazi esakhe phansi kweNquthu. Umsebenzi wami awumuningi kangako – ukushayela iloli nje ngiyolanda amalahle, izinkuni noma ngilande isitoko edolobheni laseNquthu. UMaduna ungithatha njengendodana yakhe engani izingane zakhe ziqhuba imfundo enomsila. Zifunda kude, azihlali lapha ekhaya.

Igama lami nginguSikhumbuzo. Angikhumbuli ukuthi kwenzeka nini kodwa baliguqula nje igama lami lagcina linguSikhumba. Nami sengaze ngalamukela ngoba empeleleni ngiyalithanda, linginamathela kamnandi. Ehhene impela nginguSikhumba futhi ngiyaziqhenya ngegama abangiqamba lona kwaMaduna. Kwangicacela ukuthi bangikhonzile ngempela uma bengiqamba ngisho igama.

Sikhulu isitolo sakwaMaduna. Yimina, uSikhumba, kanye noThobeka nje kuphela abasebenzi kubhazabhaza wesitolo sikaMaduna. Namhlanje uMaduna uhleli ngaphandle komuzi wakhe, uphuza itiye. Mina noThobeka singaphakathi esitolo. Ngilokhu ngimbuka uMaduna ngomfantu wesicabha, maqede ngiqhubeke ngidle ingevu noThobeka.

“Isiyangethusa indaba kaMaduna mina, Sikhumba,” kusho uThobeka ebuka uMaduna.

“Yini, Thobeka? Sekwenzenjani manje?”

“Ngiyasola unesitha esimthumelela imilayezo kumakhalekhukhwini. Uma kukhala umakhalekhukwini uvele umbone etatazela, aqathaze imvula yezithukuthuku. Umbone ezesula izithukuthuku engaphezi. Emuva kwalokho uhlala phansi, umbone esegqolozele esitobhini sengathi kukhona akulindele,” Asho uThobeka agqolozele mina.

“Unesiqiniseko esingakanani sokuthi imilayezo edala lokho, Thobeka?” Ngisho nginikina ikhanda.

“Sikhumba ngimubone ngalawa ami amehlo izolo efunda umlayezo kumakhalekhukhwini maqede wajuluka waba manzi te. Kukhulu kufihliwe thina asikwazi. Impela kukhona okubelesele kumaya amantshontsho emsamo. Inkulu lento emxakile uMaduna,” kugcizelela uThobeka.

Ngivele ngimgqolozele uThobeka maqede nginikine ikhanda, ngiwole izihluthulelo zeloli. Ngiphuma nje ngididekile ukuthi ukhuluma ngani uThobeka. Ngiyambukisisa manje uMaduna njengoba ngisondela kuyena.

***

Sitshele umbono wakho: Wake waba nenkinga yokusatshiswa umuntu ngomlayezo kumakhalekhukhwini? Kwakwenzenjani futhi wayixazulula kanjani inkinga owawubhekene nayo?