USikhumba noThonbeka basebenza esitolo sikaMaduna, impunyela yasendaweni. Kuthi uma kutholakala ukuthi kukhona umuntu osabisa uMaduna ngemilayezo kumakhalekhukhwini, wonke umuntu atatazele. Okubasabisa kakhulu ukuthi lomuntu uthi uyeza njengamanje futhi kuzoba umbhodamo ngoba uza nebhomu ezoshabalalisa konke okukhona. Ngabe kuzophela kanjani ngoSikhumba, uMaduna kanye noThobeka . . .